uJobe

06.11.2014
"The Other Zulus"

Incwadi uJobe ingenye yeziqephu zakwanokusho ezingxoxweni ezaziwayo emhlabeni jikelele. Umlobi wayo ogama lakhe lingaziwa, usebenzisa ingxoxo endala eyaziwayo (ezahlukweni ezimbili zokuqala nakwesamashumi amane nambili, Jobe 1 – 2; 42,7-17) afaka kuyo inkondlo yakhe ebatshazwayo enolwazi olunzulu. Kule nkondlo kuxoxwa ngomlisa owayekholiwe owavelelwa ngamashwa elandelana, washonelwa ngabantwabakhe bonke belamana walahlekelwa nayikho konke ayenakho, wagcina esehlaselwe yisifo esingelapheki.

Abangani bakhe bafika bathathu, bazozama ukumchazela ngesisusa samashwa amhlasele. Umzamo wabo uhambisana nenkolo kwelakubo ngalezo zikathi, okungukuthi inhlupheko iyisijeziso. UJobe kuyamxaka-nje ukuthi sijeziso sini leso, engazi nasiphambeko okungase kuthiwe-ke kufanele esijeziselwe. Yingakho-ke engavumelani sampela-nje uJobe nezaba zabangani bakhe befunisela ngokungaba yisizathu sala mashwa nalolu laka olumhlasele – isizathu esingase sizame ukumchazela uJobe ukuthi `kulungé ngani´ ukuthi axinwe ngamashwa nezinhlupheko kangaka.  Kuze kube yiziwombe ezintathu uJobe eqwagayisana nabo. Usethi esuka lapho uJobe useqonda kuSmakade, umbizela eshashalazini uthi ababhekane njengasenkundleni yokuthetha amacala, baphendulane, azivikele uSmakade kuleli cala uJobe ambeka lona lokumbukelela emshikashikeni wamashwa nolaka okungathi kuqondé ukumcutha kumphundlisisa aze alanyulelwe ukufa.

Kusenjalo sekuqhamuka owesine umngani kaJobe. Uthi-ke yena kuyamcacela ukuthi sikhona isiphambeko uJobe naye okungafanela ukuthi ujeziselwa sona nòma-ke lolu sizi uJobe akulo lungesiso isijeziso kodwa luyindlela uSmakade amvivinya ngayo uJobe okungamqinisa ekubhekaneni nobukhulu ubunzima ngokuzayo.

Sekuphendula uSmakade uqobo-ke lapho: Akaphumi nazwi elitheni naye uSomandla lowo; ukhumbuza uJobe ngezimangaliso nezimfihlo kokudalwé ngoPhezukonke okubonakala kunezinkinga, kuphikisana, kungqubuzana, kuyize leze, impicabadala-nje engaqondwa muntu. Uthi uSmakade uMdali nezenzo zakhe akaqondakali – ingqondo yomuntu ayisoze yamqonda; ingqondo yesidalwa esisemhlabeni ihamba ibuye neno. Uthi kufanele uJobe azibonele, avume ukuthi ebusweni boPhezukonke ingqondo namandla akhe mafishane kakhulu – ilapho impendulo kule mibuzo yakhe.

Ukuze bugqame kahle ubuhle nobumnandi le nkondlo incwadi kaJobe eyisebenzisayo ukwethula lolu daba oludingidwa lapha, umbhalo kule ncwadi kaJobe uhlelwé ngendlela yobuciko okulotshwa ngayo emisebenzini enolwazi nenhlakanipho enzulu njengalo.

Okuqukethwe

UJobe: inhlanhla yakhe nokuhlolwa (ezahlukweni 1 – 2)

UJobe uqwagayisana nabangan bakhe 2 – 28

UJobe uqondana uqwagayisana noSmakade 29 – 31

Umngani wesine   32 – 37

Impendulo yoPhezukonke nethuba elisha likaJobe 38 – 42

Imibono nemibuzo: 1 »

Imibono nemibuzouJobe«