Ingosi: zimnandi ngokuphindwa

umlando wekwenanwa kwezincwadi zeThestamente eliDala

umlando wekwenanwa kwezincwadi zeThestamente eliDala

UMLANDO WOKWENANWA   KWEZINCWADI   ZETHESTAMENTE   ELIDALA ZITHATHWA  OLWIMINI   LWAZO   LWENDABUKO nguBen Khumalo-Seegelken Liwelela neno-nje ibhaybheli ngokufika kwabaqhamuka eYurophu kuleli ikakhulukazi kusukela onyakeni we-1652 nangokungena kwabeNtumo kwelakwaZulu ikakhulukazi ngesikhathi sombuso wenkosi uMpande (1840-1872), sekukaningi lihunyushwa, libukezwa, libhalwa kabusha, ledluliselwa phambili. Lifika-nje kithi … qhubeka

„Baba, behluké ngani ubusuku banamuhla kubo bonke obunye?“

– zimnandi ngokuphindwa- uEksodusi wokuqala: Ngumkhosi wePhasika, idili kwabenkolo ngokwenqubo yamaJuda. Abomndeni babuthene, kuyadliwa. Umlando ngalobu busuku obubalulekile kufanele wezekwe futhi – umlando wokukhululwa ebugqilini, wokophulwa ekubhujisweni, okuwumlando oxoxwa kuphindelelwa izizukulwane ngezizukulwane. „Baba, behluké ngani ubusuku banamuhla kubo bonke obunye?“ … qhubeka

“… iziphambeko zethu!”

Emkhulekweni uJesu waseNazaletha awufundisa abalandeli bakhe, lo musho othi ” … usithethelele iziphambeko zethu!”  usemqoka ngoba wakha ubudlelwano phakathi kwabo bonke abawuthandazayo. Emhlabeni jikeleke akekho ongathi yena akasenaso isidingo sokuzishwelezela, azicelele ukuthi athethelelwe iziphambeko zakhe. Bonke abasondela koPhezukonke ngesifiso nesicelo … qhubeka

Isifundazwe saKwaZulu-Natali [KZN] e-Afrika

Isifundazwe saKwaZulu-Natali (KZN) singesinye sezifundazwe eziyisishiyagalolunye (9) ezaqanjwa kulungiselelwa ukungena kombuso wentando yeningi ngo1994.  Ngesikhathi sombuso wobandlululo ngengcindezelo yeapartheid [1948-1994] ingxenye enkulu ikakhulukazi ngezansi koThukela kwakuthiwa yiNatali, amaqwaqwasi ikakhulukazi ngenhla koThukela kanye nasemaphethelweni amadolobha aseNatali kwakuthiwa kuKwaZulu,  “homeland”. Umlando: Bengakafiki … qhubeka

Kwakungubani lowo? – uHerodi?

Kuze kube namuhla uHerodi waziwa njengombusi owayenobudlova, owayengumcindezeli. Ikakhulukazi yile ndaba „ngokubulawa kwabantwana eBhethelehema“ edala lokho.  Ziningi iziphambeko azondelwa zona uHerodi – kufanele, kodwa eyokubulawa kwabantwana eBhethlehema akaphathelene neze nayo; ayikaze yenzeke nakwenzeka.  UHolger Sonnabend, uSolwazi eziFundweni zoMlando waseMandulo eNyuvesi … qhubeka

uMosi nokuphela kwesikhathi sakhe

                      uMosi nokuphela kwesikhathi sakhe uDutheronomi 31 no 34 Ekugcineni kohambo ehlane uMosi usemi nesizwe sakwaIzrayeli maduzane-nje nasemabaleni ezwe lesethembiso; kodwa-ke naye kuthiwa akaseyukufinyelela khona ngenxa yokungabaza okuthile ake abanakho esikhathini esiphambili. Usesidonsisisa ngendlebe okokugcina isizwe ukuthi simlalele, simazise uNkulunkulu. … qhubeka

uJesu nezinyembezi, elilela umuzi waseJerusalema

 uJesu nezinyembezi, elilela umuzi waseJerusalema –  incwadi kaLuka, isahluko seshumi nesishiyagalolunye [Lk 19, 41-44]  – 41 Kwathi esesondele, ewubona umuzi, wawukhalela,   42 ethi: “Yek’ ukuba ukwazile namuhla ukukuqonda lokho okungakulethela ukuthula! Kukusithekezelwe nokho, awukuboni! 43 “Kuyofika izikhathi lapho izitha zakho … qhubeka

Unyawo alunampumulo

 uGenesisi 42 1-2 Kuthé uma noJakobe kwelaseKhenani ezwa ukuthi balambé nje, ikhona impuphu namabele kwelaseGibhithe, waphendukela emadodaneni akhe ewagqugqumezela ethi: “Nalokhu nisakazé imibombo nje nina lapha, nilindeni? Anizwa yini ukuthi eGibhithe kukhona amabele, sivinjezelwe yisomiso nje thina lapha?  Phuthumani niyosithengela … qhubeka

Qagela !

Zihlolahlole-nje uzivivinye ngolwazi kwezeNkolo Uhlelo lweViyo leziKhuthali oBanjiswaneni lokuHumusha nokuBhala kabusha iBhaybheli ngesiZulu (biblia zuluensis)  >> https://www.biblia-zuluensis.de/            31.07.2010 Imibuzo:  1. Bafa ngasizathu sini oHananiya noSafira? A. Yiphika B. Uphuzo C. Yigciwane D. Ukukhwabanisa 2. Ngubani kokuxoxwa ngaye kwezeNkolo owayefuna … qhubeka

Agcina ekhululekile amaIzrayeli ebugqilini

Agcina ekhululekile amaIzrayeli ebugqilini uEksodusi 11 no 12  (Ngenxa yokwenqaba kukaFaro ukudedela abakwaIzrayeli bakhululeke, uNkulunkulu wasijokojela isizwe saseGibhithe, wasehlisela ubunzima nokuhlupheka iziwombe zilandelana eduze: Amanzi aphenduka igazi, bahlaselwa yimikhuhlane nayisikhonyane namaselesele, izulu labhoka ngesichotho, kwahlwa emini umnyama wabopha phezulu. Kuthé … qhubeka