A M A M I N I T H I: 12.-14.09.2008

10.05.2021
A M A M I N I T H I: 12.-14.09.2008

Biblia  Zuluensis

iViyo  leziKhuthali  oBanjiswaneni

lokuHumusha  nokuBhala  kabusha  iBhaybheli ngesiZulu

U M H L A N G A N O      W O N Y A K A

eMtshezi naseVlayhede

12.-14.09.2008

A M A M I N I T H I

 Abakhona

ngoMbongeni Mbatha/eMondlo; noThamsanqa Mncube/Osizweni; noSicelo      Chonco/eGoli;  noBhekumuzi Hlatshwayo/eNgagane; noSeitshiro       Mathapelo;      noFelix Khwela/eVlayhede; noNjabulo Ndaba/eVlayhede noBheni Khumalo-     Seegelken/eJalimane.

Abaxolisile

ngoLungile Khobeni/eMgungundlovana; noBheki Mathe/eGoli; noMxolisi Zulu;       noPeter Mdlalose kanye noWilliam Zulu/eMondlo.

Umsebenzi ngoMgqibelo (13.09.2008), eVlayhede, ePalm Grove ngoShepstone.

3.1 Emva kokubingelelanga nokwemukelwa kwabaqalayo, sinambithisisa  isinqumo esisheshayo esisithathé izolo kusihlwa, sokuthutha  umhlangano KwaZamokuhle eMtshezi, lapho ubulungiselelwe ukuthi uqale khona          izolo ntambama, ulethwe lapha eVlayhede nezindleko ezidalwé ngamalungiselelo agciné engafezeki ngenxa yokungafiki kwabebelindelwe.

  • Ngamunye ngamunye uzophosa esivivaneni umnikelo wamaRandi amahlanu (R5) ngenyanga okungamashumi ayisithupha ngonyaka (R60) okuzoba yisikhwama seViyo ezandleni zikaShandu sokubhekana  nezindleko ezivela esikhaleni.
  • Sihalalisela uMfundisi uDokotela uKhumalo ekwamukeleni kwakhe isicelo soMkhandlu weKerike laseLuthela eNingizimu Afrika (Church Council: Evangelical Lutheran Church in Southern Africa, ELCSA) sokubhekana nomsebenzi wokuhola nokuqondisa eziphathelene nokuhunyushwa nokubhalwa kabusha kwebhaybheli (Bibel-Translation Coordinator).

– Bheka emhlane wala maminithi –

UFelix uvuma ukubhekana nomsebenzi wokuqhuba uhlu lwamagama namabizo esihlangana nawo ebhaybhelini njengoba lwase luqaliwe:

Umsebenzi ngeSonto (14.09.2009) kwaKhumalo ngoDibhadeshi (Deputasie).

  • Sibukeza izindima ebesiziphethe izolo.
  • Sedlulela kweziphathelene noDavide:
  • izenzakalo ezisemqoka empilweni kaDavide
  • uDavida nebutho lakhe lezigebengu
    • Sibonisana ngamabizo-mfakela nangendlela esingawemukela ngayo obanjiswaneni lwethu lokuhumusha nokubhala kabusha ibhaybheli kanye namaphutha esihlangabezana nawo ebhaybhelini elisetshenziswayo asezé agcina esejwayelekile-nje nòma engahambisani nengqondo yombiko owaqukethe: Siwalungise noma zilime ziy’ etsheni?
  • UBheni uvuma ukubhekana nomsebenzi wokwethula izindima esesedlulé kuzo emphakathini
  • ngokuzendlala eshashalazini lakhe lasomoyeni

www.benkhumalo-seegelken.de/texte-ibhaybheli.html

  • ngokuqhuba uhlu lwezincwajana „zimnandi ngokuphindwa“
  • ngokuqala uhlu olusha oluqondene nabangasazi isiZulu, lubaxoxela ngesikwenzayo nesesedlule kukho ukuze kukwazeke ukwethekelisana nanabo lapho kudingeka khona. Incwajana yokuqala kulolu hlu isisendleleni:

Narrative Report: READING WITH EARS IN ZULULAND TODAY. Booklet 1

  • Siphindela kweziphathelene noDavide.

Umhlangano olandelayo

UShandu uvuma ukubhekana nomsebenzi wokusicelela emzini iMaria- Ratschitz eWashbhange ukuthi ngonyaka ozayo sihlanganele khona kusukela ngoLwesihlanu ntambama kuya ngeSonto ntambama zilishumi nanye kuya mhla zilishumi nantathu kuSepthemba (11.-13.09.2009).

nguNjabulo   N d a b a

>> IZITHOMBE: KwaZamokuhle eMtshezi_14.-16.10.2005 

>> Biblia Zuluensis

 

 

 

Imibono nemibuzo: 0 »