A M A M I N I T H I: 11.-13.09.2009

09.05.2021
A M A M I N I T H I: 11.-13.09.2009

Biblia Zuluensis

iViyo leziKhuthali oBanjiswaneni

lokuHumusha nokuBhala kabusha iBhaybheli ngesiZulu

  

u m h l a n g a n o   w o n y a k a

eWashbhange eMaria-Ratschitz Mission

11.-13.09.2009

 

A M A M I N I T H I 

  1. ABAKHONA

NgoMbongeni Mbatha/eMondlo; noFelix Khwela /eVlayhede; noLungile Khobeni/eMgungundlovana; noNjabulo Ndaba/eVlayhede noBheni Khumalo-Seegelken/eJalimane.

  1. ABAXOLISILEYO

NguWilliam Zulu/eMondlo

  1. UMSEBENZI NGOLWESIHLANU (11.09.2009)
  • Emva kokubingelelana nokwemukelwa kahle emzini waseMaria Ratschitz sidla ukudla kwakusihlwa.
  • Sixoxa ngeziphathelene nokuqhutshwa kweviyo lethu. UMfundisi uDokotela uKhumalo usixoxela ngohambo lwakhe lwaseMariannhill, lapho ebeyobonana khona nomphathi wakhona, uSobaba uMbhishobhi uDlungwane, beyobonisana ngesidingo sokubambisana emzamweni esibhekene nawo wokuhumusha nokubhala kabusha ibhaybheli ngesiZulu.
  • UMfundisi uKhumalo uphakamisa ukuthi umhlangano wethu olandelayo siwubambele eMariannhill ngempelasonto yesibili kuSepthemba ozayo  (10.-12.09.2010).
  • Sivumelana ukulandela iseluleko sikaSobaba uMbhishobhi uDlungwane, sixhumane noFata uMadela kanye nethimba asebenzelana nalo, sibambisane ezindimeni ezisasibhekile. Emhlanganweni wethu wonyaka ozayo kungaba yithuba elihle kakhulu lokubukeza nokuhlela sindawonye.
  • Sivumelana ngokuthi sizame ukuthi iviyo lethu liqhubeke ukuba yishashalazi lokwethekelelana nokushiyelana ulwazi elivulekele izikhuthali ezinamakhono ehlukene nezivela ezifundeni ezehlukene okukhulunywa kuzo isiZulu ngokwehlukene nezingontanga abashiyanayo besilisa nabesifazane – (isibonelo: abaneminyaka engamashumi amathathu kuya kwengamashumi ayisithupha <30-60> obudala yibona okufanele babebaningi kunabo bonke abanye, babe yingxenye yesibili yeviyo lilonke <uhhafu>; bese kuthi abangaphansi kweminyaka engamashumi amathathu <30> yobudala kanye nabangaphezu kweminyaka engamashumi ayisithupha <60> yobudala bebodwa nabo babe yingxenye yesibili yeviyo lilonke <uhhafu>. Ukuxoxisana nokufundisana kungaphumelela kangconywana uma kunjalo.
  • Sivumelana ngokuthi siphinde kesiyoziqomisela abangathanda ukusijoyina.
  • Ngamunye ngamunye uzophonsa esivivaneni umnikelo wamaRandi amahlanu (R5) ngenyanga okungungamashumi ayisithupha (R60) ngonyaka okuyoba yisikhwanyana esibhekene nezindleko ezivela zingalindelekile. Kukhokhwa kuShandu okunguyena ozoqhubeka asibhekele lesi sikhwanyana.
  • UMfundisi uKhumalo uhlongoza ukuvula ishashalazi lasemoyeni <website> le biblia zuluensis ukuze nalapho sitholakale kalula. Okwamanje sisatholakala lapha http://www.benkhumalo-seegelken.de/ibhaybheli.html nalapha http://www.benkhumalo-seegelken.de/texte-ibhaybheli.html
  • Sihlola incwadi uGenesisi eyahunyushwa yithi, nansi > IBHAYBHELI__NGESIZULU siyiqhathanisa nalena esiyithola kuleli bhaybheli elejwayele ukusetshenziswa (“IBHAYIBHELI ELIYINGCWELE” 1959), sibonisane ngomehluko nokuthi usukaphi. Siyaqhubeka, sifunda u-“zimnandi ngokuphindwa” (Amaphupho kaJosefa) uGenesisi wamashumi amane nanye <Gen 41>.
  • Siqhathanisa indlela udaba olubekwé ngayo esahlukweni samashumi amabili kuEksodusi (Eks 20) ezihumushweni ezimbili ezahlukene zebhaybheli ngesiZulu – “IBHAYIBHELI ELIYINGCWELE” langonyaka we-1959 ne “IBAIBLE ELI INGCWELE ELI NETESTAMENTE ELIDALA, NELITYA” langonyaka we-1893. Sixoxa ngomehluko endleleni okulotshwé ngayo. Yilowo nalowo uthola ithuba lokuzihumushela imisho emibalwa, ayethule ebandla, sibonisane ngokwehluka kwelaka kumuntu nomuntu nangokwehluka kwamaciko ekubekeni udaba.  Sifunda siqhathanisa: ISIHLABELELO 23
  • Siyavala okwanamuhla.

 

  1. UMSEBENZI NGOMQGIBELO (12.09.2009)
  • Siqala ngokudla kwasekuseni ngo-08:45. Samukelwa ngokukhethekile ngumphathi womuzi wase Maria Ratschitz, uSistela uDokotela uTalmaya (Sr. Dr. Thalmaier), osixoxela ngomlando walo muzi weNtumo (iMishini).
  • Sivumelana ngokubuka sinambithisise esesedlule kuzo: Sibuka sifundisana u-“zimnandi ngokuphindwa” wesine <4> – indaba kaJosefa nokuboshwa kwakhe.
  • Sithatha isinqumo sokuthi siphinde sigxobe kabusha “uzimnandi ngokuphindwa” wesine emva kokuba sesilungisé amaphutha esesiwatholile. Asizukuwenzela eJalimane kulokhu, uMama uLungi wemukela isicelo sokuthi kube nguye osenzela lo msebenzi wokushicilela nokubopha amakhasi abe yincwajana esiyogxotshwa ibe yinkulungwane (1 000), esesiyofika siyiphethe naseMarianhill ngonyaka ozayo.
  • Siphinda sibuka sibhekisana umehluko phakathi kwe-“Bhayibheli Eliyingcwele” lowe-1959 ne “IBaible eli ingcwele” lowe-1893 kanye nelethu IBHAYBHELI__NGESIZULU lowe-2000. Sichaza sibukisana izahluko ezahlukene kula mabhaybheli ngokwehlukana kwazo.
  • UMfundisi uDokotela uKhumalo usikhanyisela echaza ngendlela uMfundisi uKhwela angenza ngayo uma ebhala ngesiZulu sanamuhla esilolongekile nesizwakala kahle amagama abantu nawezindawo esiwathola ebhaybhelini, esebenzisa isibonelo esisebhaybhelini lesiJalimane i-“EINHEITSÜBERSETZUNG”. Nantu > uhlu lwamagama namabizo (lusaqhutshwa)
  • Okunye okungamaphutha asejwayelekile nakwezinye izilwimi (“umphrofethi”) siyokuyeka-nje kunjalo, sibe thina kodwa sazi ukuthi kuchazwani ngakho.
  • Sifunda sibhekisana incwadi amadodakazi kaSelofehadi (uJoshwa 17; uNumeri 27; uNumeri 36), sibonisana ngokuguquguguka kombiko ewuphethe ngokwehlukana kwezigcwawu exoxwa kuzo. Kusemqoka ukululandela ezindimeni eziningi ezahlukene udaba ngaphambi kokuba uqale ukuluhumusha; uwuthola kahle umongo walo kanjalo.
  • Siyaqhubeka sifunda umlando wokwenanwa kwezincwadi zethestamente elidala (ThD) nencazelo embuzweni othi ithestamente elidala lisalifundelwani?
  1. UMSEBENZI NGESONTO (13.09.2009)
  • Sidla ukudla kwasekuseni. Siya enkonzweni: ungqunguthela wesifunda-bhishobhi saseDandi emabaleni aseMaria Ratschitz – uquqaba olufiké ngezimoto namabhasi – izinkulungwane ezintathu; kukhonzwa kuhleziwe phandle, kuyahlatshelelwa, kuyashunyayelwa, kuyakhulekwa kuphindelelwa – kwaze kwaphethwa selimathunzi.
  • Siyakhumbuzana ukuthi umhlangano wethu wonyaka ozayo sihlelele ukuwubambela eMariannhill ngempelasonto yesibili kuSepthemba ozayo (10.-12.09.2010).

nguNjabulo   N d a b a

 >> Biblia Zuluensis

Imibono nemibuzo: 0 »