uMikha

27.11.2014
uMikha

UMikha waphila washumayela eJerusalema eyintanga kaIzaya engxenyeni yesithathu yokugcina senkathi yeminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili phambi kwale nkathi esiphila kuyo [800 ph.Khr.].  Wayekhulelé emaphandleni; ukungahlalisani ngokwazisana nokubonelelana emphakathini kwelomkhulu lwabakwaJuda wayekugxeka kakhulu. Abaphathi, ikakhulukazi umbuso nabasebukhosini kanye nabaphathi kwezenkolo – ngokubona kwakhe – babeyizehluleki (uMikha 2,1-11; 3,1-11; 6,9-16).

Wayebikezela egcizelelisisa ngokubhubha kweJerusalema nokubhidlizwa kwethempeli (uMikha 3,2). Eminyakeni eyikhulu elandelayo noJeremiya wathathela kuye, wabikezela ngokunjalo, ebagqugqumeza ayebashumayeza (uJeremiya 26,18).

Kwaze kwathi seyedlule leyo nhlekelele, kwaba yikhona uMikha akwazi ukuthi isizwe sakubo asibikezele ikusasa elinezinhlanhla.  Intshumayelo yakhe yayiphathelene nokucandulwa kabusha kombuso kaDavida njengoba esingasisa esahlukweni sesihlanu (uMikha 5,1-3). IThestamente eliSha kulesi sibikezelo esingaqondakalisisi libona umbiko oqondene noyinzalo kaDavida ngokuqinisekileyo, uJesu Khristu (uMathewu 2,6).

Okuqukethwe 

Isahlulelo soPhezukonke ngelaseSamariya neJerusalema  (isahluko 1)

Umphrofethi naphikisana nabo  2-3

Ukubhubha nokwelulama  4-5

Isixwayiso nethemba  6- 7

 

Umtapo: Biblia Hebraica Stuttgartensia 2. Auflage; Die Lexikon-Bibel. ISBN 3-438-01653-2  Seite 962;

© Ben Khumalo-Seegelken, http://www.benkhumalo-seegelken.de/

Imibono nemibuzo: 0 »