uCandulo [iReformation]

14.10.2016

UMkhosi wokuCandulwa kabusha kweMfundiso neNqubo kwezeNkolo yobuKhristu [uCandulo | iReformation] ngonyaka wezinkulungwane ezimbili neshumi nesikhombisa [2017] ngumcimbi ozobe ubaluleké kakhulu kezokuthuthukiswa kokwaziswa kwamasiko eminyakeni ezayo. Akukho nokuncane kwezomphakathi emhlabeni-jikelele okungazange kuguquke, kucandulwe kabusha, ekuthintaneni noMartin Luther noCandulo [iReformation].

Kushaywa phansi, kushaywa phezulu kwelaseJalimane, kulungiselelwa lo mcimbi: Izingilikidlela zemali zikhishelwa ukuvuselela nokuhlobisa izindawo namashashalazi athintene noLuther; umcimbi wonyaka wamakhulu amahlanu [500] awuzobanamkhawulo. Unyaka wezinkulungwane ezimbili neshumi nesikhombisa [2017] uzoba yisiphetho-nje somcimbi obekade ugujwa minyaka-yonke le eyishumi edlule. Abagqugqumezeli balo mcimbi – abeSonto nezeMfundo nezePolitiki – bawandulelisé ngemicimbi eyisishiyagalolunye [9] lo mcimbikazi ebezinezihloko ezehlukene ukuze umbiko nemiphumela yoCandulo yethuleke ngokuzwakalayo.

Unyaka wokugcina kulolu hlu lwemicimbi eyishumi usuqalile. Unikwé isihloko esithi „UCandulo noMhlaba ubumbene“. EJalimane, „eKhayakonina loCandulo“, nonyaka [wezinkulungwane ezimbili neshumi nesithupha (2016)] kuzonywa ukukhunjuzwana ngokuthi eminyakeni engamakhulu amahlanu [500] edlule, uCandulo luphenduké lwaba „nguMntwana neSakhamuzi soMhlaba-jikelele“. Ngalesi sihloko sokugcina ohlelweni lwemicimbi kuzanywa ukucacisa ukuthi uCandulo alugcinanga-nje kwabo, kodwa lwedlulela nakwabezinye izizwe kanye nakwazinye izinqubo ngokokholo.

UHlelo „uLuther 2017“ kuhloswé ukuthi lwehluke impela-nje ezinhlweleni zeziwombe ezedlule – isiwombe sangowe-1817 nesangowe-1917 – ezazinokuqhakamisa ukuzikhukhumeza okunokugciwaza nenzondo kwabezizwe [Nationalismus]. Onyakeni wamakhulu amahlanu [500] lwaqala uCandulo ngokukaLuther, uMbuso waseJalimane kanye neBandla labakholwa ngenqubo elandela uCandulo [kwelaseJalimane] bafisa ukuqhuba ngendlela eyehlukile: ngomusa, ngobudlelwano nangobanjiswano.

Uma umuntu ebhekisisa, uyabona ukuthi isihloko esithi „UCandulo noMhlaba ubumbene“ sinxa-mbili, siqukethe izihloko ezimbili sisinye. Esokuqala ngesithi kwenzeka kanjani ukuthi umntukazana-nje wasemaphandleni kwelaseJalimane owayeyikholwa aphembe intshisekelo eyaqhubeka ngokushesha kulo lonke elaseYurophu ngalezo zikhathi, esifinyelele yaba sekhaya emagumbini onke omhlaba namuhla. Emva kokuba ekuCwaningweni nasekuLotshweni koMlando wezeNkolo kwakuqhutshwa ngendlela elandela imingcele nemigomo yobuzwe, osolwazi kwezeNkolo kanye nabaCwaningi kwezoMlando namuhla bathatha unyawo olusha, baluthathe udaba belususa ekutheni „iKhayakonina loCandulo“, beluqondisé ekutheni „uCandulo – uMntwana neSakhamuzi soMhlaba-jikelele“.

Ekuqanjweni kwesihloko sanonyaka [2016] bekubanjiswene nethimba elaziwayo. Lokho kubonakala ngokusetshenziswa kwenkulumo ethi „uMhlaba ubumbene“ [`Eine Welt´|`One World´] – okuwumqondo ovela obanjiswaneni lwabakhuthalele ukubonelelana kwezentuthuko emhlabeni-jikelele. Ikakhulukazi yizinhlangano zamasonto zoBanjiswano ngokuBonelelana kwezeNtuthuko eMhlabeni-jikelele ezithi ngokusebenzisa inkulumo ethi „uMhlaba obumbene“, zizame ukupheza lo mkhuba ojwayelekile wokukhuluma ngomhlaba kuthiwe „uMhlaba wokuQala“ [`Erste Welt´|`First World´], „uMhlaba wesiBili“ [`Zweite Welt´|`Second World´], „uMhlaba wesiThathu“ [`Dritte Welt´|`Third World´]. Ngalokho bazama ukugqugqumezela ukuthi amaZwe aseNtshonalanga [`West´] awuyeke lo mkhuba wobona umhlaba ufana nohlelo lwempucuko nenhlalakahle oluholwa yibo esicongweni; okuphathelene nathi sonke kufanele kudingidwe, kuxazululwe kubanjiswene. KwabeNkolo elandela uCandulo kwelaseJalimane akusiyo indaba encane leyo. Imihlangano nezinkonzo okudingidwa kuzo eziphathelene nezeMvelo nezeSimo seZulu kanye nezokuKhiqizwa nokwaBiwa kokuDla eMhlabeni-jikelele, igcwalisa amahholo namashashalazi amakhulu kuNgqugquthela wamaKholwa [`Kirchentag´] mihla le; nasemabandleni amaningi kunetafula othengiselwa kulo ikhofi nokuningi okuvela emazweni aseAfrika nakwamanye amagumbi omhlaba, kuthengiswa ngamanani abonelela abalimi nabasebenzi ezivela kubo lezo zimpahla – „Eine-Welt-Stand“ [`isiTolo soMhlaba umuNye´] .

Lolu Banjiswano lwandé ikakhulukazi eziNhlanganweni zezeNtumo [`Mission Societies´] kanye naseNhlanganweni yeSonto yezokuNakekelana nezeNtuthuko [= Evangelisches Werk für Diakonie und Entwicklung] okwathi ngowezinkulungwane ezimbili neshumi nambili [2012] zaxhunywa yiNhlangano u-„Brot für die Welt“ [`IsiNkwa sikaWonkewonke´] kanye neNhlangano i-„Evangelischer Entwicklungsdienst“ [`iNhlangano yeSonto kwezeNtuthuko´]. Ubanjiswano emkhankasweni oholwa umqondo othi „uMhlaba umunye“ lungamandla abonakalayo kwezamasonto; lwalungeke lwashiywa ngaphandle ekulungiseleleni lolu hlelo lweminyaka eyishumi ngoMkhosi woCandulo. Kungakho-ke izingqinamba zanamuhla kwezendlala nezokuhlupheka emhlabeni zicutshungulwa kubhekenwe nombuzo wezomlando ngakho konke okuthintana nokwavezwa uCandulo emhlabeni-jikelele.

Kuyadabukisa nokho ukuthi alikatholakali isu lokuhlanganisa le mibono eyahlukene – okuwubucayi obutholakala ezingxenyeni ezimbalwa kulolu hlelo lweminyaka eyishumi loMkhosi woCandulo. Okuvimbela ukuxhumaniseka komlando wokwanda kweBandla labakholwa ngokwenqubo yoCandulo [evangelical/protestant church] emhlabeni-jikelele, uxhumaniseke nentshisekelo „yoMhlaba ubumbene“, yikuthi iNkolo neNqubo ngokoCandulo [Protestantismus] ixuba imiqondo nezimo eziningi ezahlukene. Kwasekusukeni kwalo uCandulo lwalushisekele ubanjiswano nobudlelwano emikhondweni nasezindimeni eziningi ezahlukene. UCandulo alukaze nanini lube yiviyo elaliholwa noma elasungulwa nguMartin Luther!

Ukucandulwa kweBandla labakholwayo ngokwenqubo elandela imibono kaLuther nekaCalvin [=lutheran | reformed] kwemukeleka kuqala emadolobheni kunasemaphandleni. Izinduna nababusi njengoLandgraf Philipp wasesiFundazweni saseHeseni [kulo elaseJalimane] balwemukela ngesasasa uCandulo ngoba kubo lwaluyindlela elula yokuqhwaga nokuvikela umhlaba nemfuyo yabo, okwakuyizinga lokuqala lokuphenjwa kwemibuso ezimele emazweni ehlukene.

ULwazi neNqubo ngokoCandulo kwanda ngokushesha kulo lonke oloMbuso oNgcwele waseRoma nakuyo yonke iNyakatho yakwelaseYurophu. Ngowenkulungwane namakhulu amahlanu namashumi amabili nesikhombisa [1527] elaseSwidi laphuma phansi koMbuso oNgcwele waseRoma, lazimela ngokwalo [lizibusa ngokweNqubo yoCandulo] – okwakungokokuqala emlandweni ukuthi izwe lenze njalo. UMfundisi weBandla emzini waseWittenberg, uMfundisi uBugenhagen, owayekade esenzele amaBandla amaKholwa emizini emikhulu yaseBraunschweig naseHamburg naseLübeck uHlelo lwenqubo yenkonzo nokuphathwa kwebandla ngokoCandulo, walobela aboMbuso wezwe laseDenmark naboMbuso wezwe laseNorway uMthethosisekelo weNqubo yeNkonzo nokuPhathwa kweBandla ngokoCandulo ngowenkulungwane namakhulu amahlanu namashumi amathathu nesikhombisa [1537]. Ngaphambidlana-nje kwalokho aboMbuso waseNgilandi owawungaphansi kukaHenry wesishiyagalombili [Henry VIII] bazikhipha phansi koMbuso oNgcwele waseRoma ngezizathu nokho-ke zombangazwe. IBandla elaphenjwa ngumbusi wabo uHenry, iBandla loMbuso waseNgilandi [Anglican State Church] laqhubeka ukukhonza nokuziphatha ngokwenqubo yaseRoma, emfundisweni yalo nokho laphendukela emqondweni naselwazini loCandulo. Ngalokho-ke kwaphembeka igatsha elisha kwezoCandulo.

ENyakatho-Yurophu uCandulo lwanda, lwenabela emazweni amaningi ngalezo zikhathi [1517-1600] ngaphandle nje-ke kwaselaseIreland; lwathatha isinyathelo esisemqoka sokuba „nguMntwana neSakhamuzi soMhlaba-jikelele“.
ENingizimu-Yurophu laqhubeka iBandla laseRoma [„elikhatholika“] ngenqubo yalo; kwelaseSpain lasukuma, laviva lizama ukulwa noCandulo lilushabalalise [`Counter-Reformation´]. ENtshonalanga-Yurophu lehluleka „elikhatholika“ ukulwisana nokwanda kolwazi nenqubo ngokoCandulo. Imibono nemfundiso kaMartin Luther yayisiyemukelekile emazweni amaningi kwasekusukeni ngowenkulungwane namakhulu amahlanu namashumi amabili [1520].

Imfundiso ngokukaJohn Calvin, uMcanduli kwezeNkolo wasemzini waseGeneva, yanda nayo ngejubane eledlulele. Amakholwa ngokwemfundiso kaCalvin [`reformed´] kwelaseFlansi [eFransi], amaHuginothi, ayeviva engqubuzana namakhatholika eyaphikisana nawo, kuchitheka igazi, kuvalwe ngehlahla, iminyaka ngeminyaka. Ekakhukhulela-ngoqo yangonyaka wenkulungwane namakhulu amahlanu namashumi ayisikhombisa nambili [1572], „eyoBusuku bukaBhathalomewu“, ngenye yezihlasimulisa umzimba nanamhla lokhu. Namuhla sekungathi sekukhohlakele ukuthi kwelaseFlansi ezokholo zaziyisisusa sezimpi njalo-nje.

Kulena naleya nkundla ohlelweni lweminyaka eyishumi loMkhosi woCandulo kukhunjuzwana ngomlando woCandulo eMpumalanga-Yurophu – okungumlando ongafanelwa yisehluko esithi „uCandulo oselwakhohlakala“. Ulaka nobudlova amakhatholika ahlangabezana ngabo noCandulo eMpumalanga-Yurophu kanye naseJalimane naseFlansi nokwalandela lapho, kucishe kuzibaziseke eMpumalanga-Yurophu muva-nje, njengoba agcina enqobile. ElaseHangari [Hungary]-nje namuhla sekuyizwa lamakhatholika, abayizingxenye ezingamashumi amabili ekhulu [20%]-nje kuphela khona abenkolo ngokoCandulo [protestants]. Ngonyaka wenkulungwane namakhulu ayisithupha [1600] kwakuthi emaBandleni amane akhona, amathathu awo kwakungakholwa ngenqubo ngokoCandulo [lutheran|reformed] – kulo lonke elaseHangari naseMbusweni waseSiebenbürgen.

Njengokwahlukana kwezimo emkhankasweni woCandulo eYurophu, zazehlukene kanjalo futhi nezindlela inqubo ngokoCandulo [Protestantismus] eyawelela ngazo kwamanye amazwe emhlabeni. Enye yalezo zindlela kwakungabeNtumo [missionaries] ababesuka emaBandleni nasemaSontweni ayesezimele, eqhuba ngokoCandulo [protestant churches] eYurophu. AmaBandla namaSonto aphenjwa yilaba beNtumo [kulawo mazwe abafikela kuwo] asenabalandeli abaningi namuhla kunalawo abeNtumo ababeqhamuka kuwo eYurophu.

Ngaphandle kwalokho, kunendlela uCandulo olwanda ngayo, okwakungesiyo lena eyayihanjwa ngabeNtumo – indlela yababethatha isinqumo sokushiya elakubo bayophemba ikusasa labo ezweni elikude [abafuduki]. Laba bafuduki bayingxenye enkulu emlandweni weSonto kwelaseMelika nasemazweni anjengeOstreliya [Australia] neNyuzilendi [New Zealand]. Eyesithathu noma eyesine enye indlela yokwanda koCandulo emhlabeni yile: Kwasekuqaleni komkhankaso woCandulo kwakukhona abathile okwakuthi uma bebonisana ngesidingo senguquko empilweni nakwezenkolo, bakubone kuyize-nje lokhu okwakuhlongozwa ngoMartin Luther nozakwabo. Emzini waseWittenberg uMarthi Luther wakwazi ukuthi ayinqobe leyo mizamo ayeyithatha ngokuthi „inewala“ [radical] njengoba ayesezé wamnqoba ababekade besebenzelana naye phambilini, uKarlstadt. Nemizamo kaThomas Müntzer kanye nabalimi ayezabalazela amalungelo abo, iyakhombisa ukuthi ababusi kwadingeka ukuthi bahlome, bahlasele, ukuze banqande „uCandulo olunewala“ [radical reformation].

Ukuthi kuthiwe „banewala“ kwakushiwo uma kukhulunywa ngeziwombe lapho abathile njengoThomas Müntzer babengangabazi khona ukuthatha izikhali ekuzivikeleni nasekubhekaneni nabacindezeli. Ukuthi „lunewala“ uCandulo, kuthiwe „uCanculo olunewala“, kungachaza ukuthi lwalusicubungulisisa, lusikhuthalele ngokungazenzisi isidingo sokwehlukana nemfundiso nanenqubo yobukhatholika, okwedlula okakwenziwa ngoMartin Luther noZwingli; bengavumelani nothi kubabathiswe abantwana, begquguzela ukuthi baphinde babathiswe asebekhulile uma babekade bebabathiswé besengabantwana. IziMfundiso kwezeNkolo [theologies] njengalena eyayivunwa nguMenno Simons, osekwaqanjwa ngaye iBandla lamaMennonites, [iziMfundiso] esezaziwa namuhla njengokuthi ziyiBaptismus nokunjalo, zaziphikiswa ngamaLuthela namaReformed nangamaKhatholika ngokufanayo.

Nòma babehlushwa, belwiswa „aboCandulo olunewala“, bayithola indlela yokwakhana nokuthuthuka ewagwemayo la maSonto amanye ayesezimele – nòma kwakudingeka badele elakubo, bafuduke, bayoziphembela ikusasa emazweni akude. AbeBandla lamaMenonites basesiFundazweni saseFalzi [khona eJalimane] bangabanye bokuqala eJalimane abafuduka, baya eMelika. EMelika, `emhlabeni omusha´, banqwamana nababefiké beqhamuka eNgilandi, lapho nabo babebaleké ngezizathu ezinjalo khona, amaPuritans namaQuäker.

Kwabakholwa ngokoCandulo wandile umbono wokuthi uCandulo luwumkhankaso osaqhubekayo – ongakaphethwa. Lo mbono woCandulo olungakaphethwa behla benyuka nawo emagumbini onke omhlaba kuze kube namhla lokhu. AmaPuritans aqhamuka eNgilandi ezikhathini eziphambili [^1600-1700] athelelana kulokhu namaPietist, okwakungamabandla abakholwayo eJalimane ezikhathini ezalandela lapho [^1700-1800]. KumaPietist kwahlubuka ababekholwé ngokuvuthayo [radicals], bafuduka bayohlobana naboMoya abasebandé kwelaseMelika naseYurophu ngalezo zikhathi [^1800-1900]. Kula magatsha ayelokhu evela akuhlumanga-nje kuphela amaMethodist, kwavela namaNew Apostolic namaAdventist.

Ochungechungeni lwamaBandla namaSonto okwakuhlala kuhlale aphenjwe ngabahlubuka kwamanye, elikaMoya [Pentecostal], lingelinye asemasha. AbeSonto likaMoya bazama – ngendlela abakhonza ngayo, okuthi uma bekhuleka babuye baqikileke, bakhulume ngezilwimi, bathandazele abagulayo – ukukhombisa imisebenzi kaMoya oNgcwele. UMshumayeli uWilliam Joseph Seymour, umMelika onsundu, owaphemba iBandla lokuqala laboMoya ngowenkulungwane namakhulu ayisishiyagalolunye nesithupha [1906] eLos Angeles, nguyena okuthiwa ungumphembi waleliSonto laboMoya. Namuhla selandé lafinyelela kuwo onke amagumbi omhlaba iSonto laboMoya, ikakhulukazi emazweni asengxenye yomhlaba eseNingizimu. Kulinganiselwa ekutheni linamalungu aphakathi nezinkulungwane ezingamakhulu amabili nezingamakhulu ayisithupha [200 000 000 – 600 000 000]. Okungaqondakali yikuthi iSonto likaMoya lingelenqubo yoCandulo noma kanye lingelenqubo ezihambela yodwana-nje ngaphandle kweyoCandulo neyamaKhatholika neyamaOthodoksi, okuyinqubo yohlu lwesine kwabenkolo yobuKhristu.

Uma iSonto likaMoya lingahle libalelwe kwawenqubo ngoCandulo, awenqubo ngoCandulo asengalingana namaKhatholika ngesibalo, wona phela abalelwa ngaphezu kwesigidigidi [1 200 000 000] emhlabeni-jikelele. Ngokunjalo-ke uCandulo selugciné „selunguMntwana neSakhamuzi soMhlaba-jikelele“ ngokwanda kwalo nangesibalo sabaqhuba ngalo.

UHlelo lweminyaka eyishumi loMkhosi woCandulo beluyozuza kakhulu uma uhlelo lwanonyaka oluthi „uCandulo noMhlaba umunye“ belungachumisa udaba lokwanda emhlabeni-jikelele kanye nobuso obunhlobonhlobo benqubo ngoCandulo „eKhayakonina loChandulo“. Abagqugquzeli balolu hlelo bazama kodwa-ke ukuthi iso „leSakhamuzi soMhlaba-jikelele“ liguqukele „eKhayakonina“. Ngonzimakazi-ke lowo msebenzi uma kubhekwa-nje ukuthi inqubo ngokoCandulo yavela yathuthuka kanjani. Iningi lamakholwa ngokobuKhristu emhlabeni-jikelele lisemabandleni nasemasontweni avela ngokuhlubuka ngokuzimela ngaphandle kwamabandla namasonto ayekade ekhona ngaphambi kwawo.

Lezi zinhlobonhlobo inqubo ngokoCandulo evela ngazo zizodamane zinconywa ngokuqhubeka kohlelo lwanonyaka, kuthiwe „ziyingxubevange engumnotho“, okugcizelela ekutheni `ubunye obungenkho ukungalingana´, `ubunye´ njengokwelamaKhatholika, bungeze baba umgomo olangazelelwayo nanini. Nòma kunjalo-ke kodwa „ingxubevange“ akuzukuba-nje yisihloniphiso sokungezwani nokungahoshelani; abenqubo ngokoCandulo kuyodingeka bachaze ukuthi yini ebahlanganisayo, eyisisekelo sabo.

Kokuningi sekuyaphumelela: Ngowenkulungwane neshumi [2010] abenqubo ngokoCandulo kanye nabeBandla lamaMenonites elahlubuka kubo kade beligciwaza belihlasela belilwisa ezikhathini eziphambili [^1530-1600], bebegubha inkonzo yokuhlambulukelana nokubuyisana. Ekulungiselelweni umcimbi wanonyaka [2015] ohlelweni loMkhosi woCandulo bekusikho ukubuyisana obekuphambili, bekunokukhombisa ukungabinandaba-nje, okuyisithikaziso esikhulu. EmaSontweni azimele [independent churches] asemadala (kunamaMenonites nakaMoya), asenebangana elijana emlandweni wokuphenjwa nokukhula kwawo, kukhona akhombisa isasasa ngoMkhosi woCandulo. Amaningi kwawoMoya, angenalo lelo banga emlandweni wawo nangenazo izimiso nemigomo exhumanisa amabandla ngamabandla phansi kophahla lunye, azoba ngaphandle-nje (njengezibukeli) ngonyaka womcimbi [2017].

Umcimbi wanonyaka [2016] eMkhosini woCandulo kungafanela futhi uqondakale njengezaba zokufumana ubuhlobo okungesibo-nje kuphela obuphathelene nezokukhonza nokudumisa, kodwa obuphathelene nobuNtu (nokwazisana nokubonelelana nobuqotho emphakathini) [ethics]. Akusiyo ingqayizivele leyo. Ezinhlanganweni zokuBhobokelana nezoBanjiswano [ecumenical organisations] yinsakavukela leyo ukudingida nokubonisana, kukhishwe amaphepha anezinqumo eziphathelene nenguquko emkhathini nasesimweni sezulu [climate change] kanye nobubha [poverty]. EmaSontweni kukwazeka ukushesha kuphaphanywe maqondana nalezi zindaba ngenxa yale nqubo (ezinhlanganweni zokuBhobokelana nezoBanjiswano) yokufakana imilomo nokubonisana kwabasemazweni amaningi ehlukene. Ngokunjalo-ke amaSonto kade aqala ekhuza, exwayisa ngokuthi iYurophu izobhekana nesimo sokufika kwabaningi abacinga isiphephelo [refugees] maduze-nje. Ukuthi-ke nokho ukugqugquzela kwawo ukuthi akubhekwane nesisusa solaka oludala isidingo sokubaleka kuyocingwa isiphephelo, siqedwe, (ukuthi konke lokho) akuzange kulalelwe, kudalwa kokunye yikuthi imiphumelo yokubonisana kwawo isuka ekubukeni isimo ngaso-linye. Kuthiwa yingxenye yomhlaba eseNyakatho edala izingxaki – eseNingizimu ithathwa njengabalokhu bahlushwa-nje kuphela. Lokho-ke kwenza ukuthi amaSonto athi eshesha ukuzibona izingxaki zivela, kungavami ukuthi aqhamuke nezimpendulo ezingasiza.

Kungaze kubuzeke ukuthi lokhu konke kwenzelwani-nje nempela, uma kuwukuthi amabandla enkolo yobuKhristu ngokoCandulo [amaphrothestanti] awaziveze „eMhlabeni-munye“ ngokuqakambisa isimilo esithile sobuphrothestanti. Umkhankaso wokuthi bonke abenkolo yobuKhristu bakhuthalele indlela eyodwa yokuqakamisa isimilo nobuqotho emphakathini, ungagcina uyingozi ezinhlanganweni zikanhliziyo-nje. Ngenxa yokuthi kokuningi kwamanje-nje okungavunyelwana sampela-nje kukho, njengakodaba lwezocansi, kungasoze nanini nje-ke kwavunyelwana, lo mkhankaso ungase ukhuthaze ukuqhubeka koqhekeko. Uma-ke kodwa kucaca ukuthi „uMhlaba-munye“ kwanini nanini uyobe uzamalazé phakathi kwezingqinamba ezinzima nangamacebo ehlukene, libonakala kangcono igalela okuyilo lomkhankaso kanhliziyo-nye wamaphrothestanti. Emabandleni enkolo yobuKhristu ngokoCandulo eminyakeni eyikhulu eyedlule bekukhuthelwe ukwedlula bonke abanye emhlabeni ukucebisana ngezindlela ezingase zelekelele ukudala ukwazisana nokubonelelana nòma kusekhona okuningi kangaka okungavunyelwana sampela kukho [kuhlekiswane kuhlonyelwene]. Kwavezwa izindlela okuvunyelwana ngazo ukuthi imibono eyahukene nobufalakahla beziqhingi zokungadlelani namagqubu athathwe njengesimo esingesihle, kodwa okungasho ukuthi kufanele sizitshwe noma sishabalaliswe.

Isibonelo esiphambili kulokho yisiVumelwano saseLeuenberg sangonyaka we-1973 [Leuenberger Konkordie 1973]. Kulesi sivumelwano amasonto aphakathi agcizelela ukuthi engqikithini kokuphathelene nevangeli nangamasiko enqubo yenkonzo avumelene okungenani ekuthini, nòma okwamanje esahlukene, angakwazi ukubumbana ngokuphelele. Umahluko kwezesivumo sokholo, imininingwane ethile kwezenqubo nakwezamasiko, okuyiyona mhlawumbe ayinsika yathile amasonto nawo asayina leso sivumelwano, awayukuchithwa yisiVumelwano saseLeuenberg. Senza kuvumeleke ukuthi amaLuthela namaReformed nabaseSheshi kanye [kusukela ngowe-1997] nabaseWeseli bahlanganyele esiDlweni.

Sesiyinhlalayenza muva-nje isiVumelwano saseLeuenberg kumasonto aphakathi. Uma kodwa sibheka eminyakeni elikhulu eyedlule, siqhathanisa uMkhosi woCandulo wonyaka we-1917 nalona ozayo we-2017, singase singavumelana ngokuthi ingqondo nemigomo yesiVumelwano saseLeuenberg yizona ziyisinyathelo esibaluleké kakhulu kwezolwazi ngezenkolo kule nkathi. Amasonto aphakathi awalokhu elibele ukugxila ekungabhobokelaneni, awazamanga nokho ukuphoqelela ubumbano. Esikhundleni salokho, afundé aqonda emlandweni woqhekeko avelelé kuwo, ase ecebisana ngendlela angakwazi ngayo ukuzazi engamalungu ehlukene amzimba munye. Mhlawumbe yiyona ndlela leyo amabandla enkolo yobuKhristu ngokoCandulo angakwazi ngokwempela ukuba yisibonelo kulowo Mhlaba [awukhulekelayo nawukhuthaleleyo,] awubiza ngokuthi „munye“.
_ _ _
*NguBheni wakwaKhumalo eBaQulusini eKwaMachanca eJalimane [Dr Ben Khumalo-Seegelken], uMholi weViyo leziKhuthali oBanjiwaneni lokuHumusha nokuBhala kabusha iBhaybheli ngesiZulu [Biblia Zuluensis]; uMtapo woLwazi: Reinhard Bingener, „Reformation als Weltbürgerin“, Luther und das dritte Christentum, in: Glaubenssachen, Norddeutscher Rundfunk [NDR], Religion und Gesellschaft, Hannover: Sonntag, 3. Januar 2016, 08.40 Uhr.

Imibono nemibuzo: 0 »