kwabheda ulwimi eBhabhela

19.02.2014

uGenesisi

Sasikhuluma lwimi lunye sonke isintu ngalezo zikhathi (zakudala). Sekuthi-ke ekusukeni kwaso empumalanga, saqonda eShina, emanxiweni amasha; kwakhiwa, kwazinzwa. Sekuvela-ke umbono othi: “Asibumbe izitini!” Zibunjelwa-ke ukwakha.

“Sondelani, sibambisane, sakhe omkhulukazi umuzi lo; siwunwebe, siwelule, siwakhele omdekazi umbhoshongo oye uyothinta esibhakabhakeni! Ngalokho siyoduma umhlaba wonke. Lesi sakhiwo-ke siyoba yisiphephelo sethu esiyoqoqanela kuso, singasakazeki siduke nezwe.”

Ithi-ke iNkosi uma yehla ezulwini, ibona kuyatatazelwa kuyakhiwa, isithi: “Ngoyicel’ ivuthiwe! Sebemoya munye, bakhuluma lwimi lunye! Uma sebesifezile lesi sakhiwo sabo, abaseyukwehlulwa lutho; sebeyoqhubeka-nje bazenzele umathanda. Angiphuthume ngiyobadida, kuphambane ingqondo, kubhede ulwimi, bangabe besezwana nangenkulumo!”

Yabahlakaza lapho-ke iNkosi, yabadukisa nomhlaba wonke; namapulani abo ema khona lapho. Kungakho-ke lo muzi nanamuhla lokhu ubizwa ngokuthi yiBhabhela: iNkosi yaluphambanisa ulwimi untu, yaluhlakaza, yaludukisa nezwe lonke.

Imibono nemibuzo: 0 »