usevivinywa futhi Abhraham

19.02.2014
iNdabuko nesiSusa

uGenesisi 22

Wayengakakhohlwa belu uSmakade ukuthi wayegciné ethembisé uSara umntwana. Kwaba njengoba ayeshilo: Wakhulelwa, wazibula ngendodana; bayetha elithi nguYisaka.

Sekuthi esekhulakhulile umfanyana lowo, uSmakade usevivinya ukholo lukayise, ethi: “We Abhraham! Sukuma, uthathe le ndodana yakho oyithanda ukwedlula konke, uYisaka, uqonde nayo kwelaseMorija; ngiyokukhombisa lapho-ke intaba oyoyidundubala, uthi usuphe’ kwayo, umhlabe umfanyana lowo, umhlinze ungosele yena, abe ùmnikelo wokushiswa!”

Ngakusasa ukusa kwaziwa nguye: Wacanda izinkuni, wabophela imbongolo; lathi liphuma wayesesendleleni kanye nendodana yakhe, eqondé kuleyo ntaba iNkosi eyayisimbonisé yona. Babephelekezelwa ngezimbili zezigqili zabo. Ngosuku lwesithathu besendleleni, basibona isiqongo sentaba sivela kude le. Usethi-ke uAbhraham ezigqilini zakhe: “Salani lapha-ke nina nembongolo; thina sobabili siqhubekela kuleya ntaba, siyokhuleka. Siyabuya.”

Usezethwesa indodana-ke izinkuni; yena usephatha lolu khanjana olunelahle lokuphemba umlilo nommese. Yibo labaya!

Dukuduku abuze uYisaka: “Siphethe cishe zonke izimfanelo; okuyi khona okusemqoka kodwa asikuphethe –imvu noma imbuzi esiyonikela ngayo! …” Uyise aphendule kulokho ngokuthi: “YiNkosi eyaziyo, Fana. Yiyona eyodala isu, ilawule kulokho.” Baqhubeke.

Bathé bengafika entabeni ayekhonjiswé yona, bethula imithwalo, uAbhraham wabe esakha iziko, welakanyanisa izinkuni wase ebamba uYisaka, esembopha izandla nezinyawo, esembeka phezu kwezinkuni eziko. Uselula isandla-ke, ephuthaza lommesekazi ezé nawo. Uthé lapho ethi uyawuphosa entanyeni, enquma indodana yakhe, kwamemeza izwi loshwelezayo kuhle kwengilozi imemeza isezulwini: “Hawu, we Abhraham! Kahle bo!” Dlengelele. „Ungalokothi umlimaze umfana lowo! Kwanele manje: Usuphindé waluveza lwacaca ukholo lwakho kuSmakade ngokuzimisela kwakho ukunikela ngisho nangale ndodana yakho!“

Usethi uma ephendula ikhanda uAbhraham, usebona inqama ibhajwe ezihlahlanyaneni zameva ngezimpondo. Kwaba ùkusinda kwakhe-ke lokho uYisaka: Uyise wasala esenikela ngale nqama-ke esikhundleni sakhe.

Imibono nemibuzo: 0 »