Useboshelwani-ke manje uJosefa ?

19.02.2014
Useboshelwani-ke manje uJosefa ?

uGenesisi 39

Aze afika naye eGibhithe-ke uJosefa amaIshmayeli emva kokuba emthengé kubanewabo. Afika amdayisela isakhamuzi sakhona esasimi kahle saziswa kakhulu, uPhothifa, induna yemilindankosi kaFaro.

OkaJosefa-ke umsebenzi wawusendlini; ehlala eseduze kukaPhothifa njalo-nje. INkosi yamupha isandla; kwakuphumelela kahle konke ayekwenza. Kwamgculisa lokho uPhothifa. Wamkhuphula uJosefa esikhundleni, wamnika izihluthulelo zomuzi wakhe. Wamethwesa igunya lokulawula nangomnotho wakhe. Yambusisa uPhothifa iNkosi ngalokho: Ngenxa kaJosefa yavamisa inala ngisho nasemasimini. UPhothifa wasizakala impela-nje ngoJosefa. Yena wayesebhekene nokuzifunza nje kuphela!

Kwenzeka konke lokhu-nje umkaPhothifa uyamhalela uJosefa lo. Ulele engalele.
Dukuduku nangu esembizela nxanye, esemnqumela eduze: “Sondela ungenqeni, Sthandwa. Asishiyelane ugwayi!”

Wala waphetha uJosefa, wazihlangula, ethi: “UBaba uPhothifa wangethemba, wanginika amalungelo onke emzini wakhe; wangigunyaza nakwezomnotho wakhe ukuze ngilawule njengaye kukho konke. Kunye kuphela engingenalungelo kukho: ngumkakhe. Sengizosuka-ke mina manje ngenze ububi obedlulele, ngidumaze noNkulunkulu iNkosi yami? Phinde!”

Yamzoba inkosikazi uJosefa, ayamnika sithuba. Yayibamboné-nje iqale phansi futhi, imncenge; agcine nokho enqabé waphetha.

Langa limbe ezisebenzela-nje uJosefa endlini, yafika futhi.

Babobabili nje-ke namuhla, akukho omunye futhi. “Ngenze wena bo!” isho ifuna lokho phela inkosikazi. Yamphuthuma ifuna ukumsondeza. Wahluthuka uJosefa ezandleni zayo, waphulukundlela, zaya. Isembatho sakhe sasala kuyo isinkonkoshele ezandleni.

Wampongoloza umfazi, wawuhlaba wawulawula umkhosi: “Yelekelelani bo!” esho ephindelela. “Ngafa yiziga zalomHebheru! Uyangidlwengula!”

Alabe lisasuka-ke esandleni sakhe ibhantshi likaJosefa kwaze kwafika umyeni wakhe. Usembikela-ke ngalesi sisebenzi somHebheru abalethela sona, ethi besithi siyamenzakalisa, wasinda ngokumemeza, asethuse, sabaleka. Usefakazisa ngesembatho saso.

Wadumala futhi wathukuthela washada nonwabu uPhothifa ekuzweni lokho. Kwaba ùkuboshwa kwakhe-ke lokho uJosefa.

Ejele nokho iNkosi yaba naye. Umantshingelane owayebagada waba nomusa kuye, wambeka induna kwababeboshwé naye. Kwakulawulwa nguye konke okufanele bakwenze, bemelelwa nguye. Obaphethe wakhombisa okukhulu ukumethemba uJosefa. Kwakungathi uyabona ukuthi iNkosi inaye, iyayichumisa imizamo yakhe.

Imibono nemibuzo: 0 »