uFaro ubeka uJosefa esikhundleni esiphakeme

20.02.2014

uGenesisi 41

Abeluleki bakaFaro nabo bawemukela ngentokozo umbono kaJosefa; noFaro wayelokhu emtusé engaqedi, ethi: “Yisipho soMdali lesi! Ulwazi nenhlakanipho engaka! Akekho namunye ofuzé lo!” Abuye aphendukele kuJosefa luqobo, athi: “Hhayi! Wazembulelwa nguMvelingqangi uqobo izimfihlakalo zonke lezi. Wakupha nakho konke ukukhalipha anakho! Akekho ofana nawe kuleli!

“Ngikubeka esikhundleni esisemqoka embusweni walo lonke elaseGibhithe! Uzoba yiphini lami, uhlonishwe yisizwe sonke, sikulalele. Amandla onke ngiwethula kuwe. Yisihlalo sobukhosi kuphela nje osekuyoba ngesami!”

Ukugcizelela amazwi akhe uFaro wakhumula indandatho yakhe yobukhosi wayifaka emnweni kaJosefa, wamembesa isembatho selineni ecolisekileyo nomgexo wegolide. Wamsondezela inqola ezihlalo-zimbili eyandulelwa yizigimi nezinhlaba-mkhosi ezimdedisela izixuku, zimemezela, zithi: “Vulani indlela, Bakwethu, dedani! Nangu uMhlonishwa!”

Wamkhuphula uFaro uJosefa wamenza isiphathi-mandla embusweni wakhe wonke, wagcizelela, wathi: “UFaro yimi; kodwa olawulayo manje nguwe! Ngaphandle kwemvume yakho akukho noyedwa-nje oyoke alokothe anyakaze-nje nakancane!” Wametha elithi nguSafenathi-Phaneyakhe, wamganisela uAsenathi, indodakazi kaPhontifela, umphristi waseOni.

Wenyuka kanjalo-ke waba yisikhulu uJosefa kwelaseGibhithe. Wayeneminyaka engamashumi amathathu ubudala.

Usesuka phansi-ke uJosefa ebophela, elihamba lonke elaseGibhithe ukuze alazi. Kwakusekuqaleni kweminyaka eyisikhombisa yenala nokunethezeka, amasimu eswele abavuni. Wagqugqumezela impela uJosefa ukuthi lelo nalelo dolobhanyana liqoqele ingxenye enkulu yesivuno samasimu alo ezinqolobaneni.

Kwakuyizindunduma ezehlula ukwenza! Bagcina bengasazikali nakuzikala ngoba kwakuyindathane.

Onyakeni wokugcina ngaphambi kwesomiso nendlala uAsenathi wathola abafana ababili. “USmakade mkhulu: sengizé ngakhohlwa lonke usizi nesizungu sokukhumbula ekhaya.” kusho uJosefa. Waqamba indodana yokuqala ngokuthi nguManase; eyesibili wayinika elithi nguEfrayim, ethi: „Inkosi ingiphé inzalo ezweni lokuhamba.“

Imibono nemibuzo: 0 »