empini

20.02.2014

uDutheronomi 20

Esikhathini sanamuhla iyaxwayisa ithuthumelise imibiko nezingxoxo ezisebhaybhelini ngezimpi okuthiwa zaziholwa zibhebhezelwa nguSomandla, oPhezukonke, kuthiwa lapho-ke kwakunguye owayejuba amabutho, ewanqobisa. Okuthuthumelisa du yimininingwane nemiyalo kakhukhulela-ngoqo okwakufanele igcinwe „ezimpini ezingcwele“ ukuze kusale kuvalwé ngehlahla kwabezizwe abanqotshwé lapho.

Kusemqoka-ke nokho kithi namuhla ekufundeni leyo mibiko nalezo zingxoxo ebhaybhelini ukuthi singakhohlwa ukuthi phela kwakuyinqubo yakhona leyo ngalezo zikhathi kuzo zonke nezinye izizwe abakwaIzrayeli ababakhelene nazo. Lo mlando okulesi sahluko samashumi amabili encwadini uDutheronomi uzama ukusikhombisa indlela okwakuzanywa ngayo kwaIzrayeli ukuwaxegaxegisa amafindo omthetho noma-ke ukuyiphendula inqubo namasiko kuhambisane nenkolo yabakwaIzrayeli eyayizama ukuba msulwa, ilandele inhloso yoMdali owayedunyiswa kuthiwa nguyena mphathi nomvikeli wakho konke nanabo bonke abaphilayo nasebedlula nabasezayo – ukulwa nokubulalana kungehambisane nenhloso yakhe. Kungakho nje-ke kumangalisa ukufunda ngemibandela eyayiqondiswé kwabajutshelwe ukuphatha izikhali bahlasele – le mibandela ikhombisa iso elibanzi nesihe esingasavamile namuhla kwabaviva ngezikhali.

Uma ninqwamana nesitha esinamandla kunani, esihlome nangezinqola ezidonswa ngamahhashi, ningesabi noma kunjalo. INkosi, uNkulunkulu wenu, owanikhulula eGibhithe, noniholayo kuze kube namuhla lokhu, akasoze anishiya nodwa nalapho. Kodwa-ke ngaphambi kokuba kuze kulwiwe, kufanele ukuthi umphristi abayale abajutshelwe ukuyokulwa, athi: „Madoda akwaIzrayeli, niyaphuma-ke manje niyobhekana nesitha senu empini. Yimani isibindi! Ningesabi, ningethuswa ubuningi nangamandla esitha. Qondani nje, ningalokothi nihlehlele emuva noma besondela kangakanani! INkosi, uNkulunkulu wenu, ihamba nani njengoba niphuma nje. Iyanilwela, iyaneseka ekulweni nesitha senu.“

Emva kwalokho-ke iziphathi-mandla kwezezikhali nasekuvivinyeni amabutho zizoqhubeka zithi: „Kukhona yini phakathi kwenu oqeda-kwakha indlu, ongabange esaba nalo nethuba lokufeza izimfanelo zokuyethula emphakathini ngedili njengokwesiko na? Akaphindele ekhaya khona manje ukuze kungathi uma esala empini, indlu yakhe ithathwe ngomunye! Kukhona osanda-kudabula insimu entsha yomvini, ongabange esaba nathuba lokubutha isivuno sokuqala na? Akabuyele ekhaya ngokushesha ukuze kungathi uma esala empini, isivuno sezibulo sizuzwe ngomunye! Kukhona yini osanda-kuqonywa, ongabange esaba nalo ithuba lokuganwa? Akabuyele ekhaya khona manje ukuze kungathi uma kwenzeka esala empini, intombi yakhe ithathwe ngomunye!“ Ziqhubeke iziphathi-mandla, zithi:
„Ukhona yini onovalo, osesabayo isitha? Akaphindele ekhaya khona manje ukuze angatheleli abanye ngovalo, abathene amandla!“ Zithi zingaqeda-ke iziphathi-mandla, bese zibeka izinduna zamabutho, ziyiphake impi.

Ngaphambi kokuba nihlasele, khulumani nezakhamuzi zalapho, nibonisane ngendlela ingxabano engaxazululwa ngayo ngaphandle kokuthathelana izikhali. Uma nivumelana, bavuleleni amasango, bangene; (esikhundleni sokubahlasela) nibagqilaze, banikhonze, banisebenze. Uma ningavumelani, bebona kungcono behlulwe belwile, hlomani nihlasele. Uma iNkosi, uNkulunkulu wenu, ininqobisa kuleyo mpi, bulalani nishiye kuvalwe ngehlahla; nixolele nje abantwana nonina namaxhegu. Imfuyo nakho konke okulapho ngokwenu.

Zithatheleni konke; niphiwa yiNkosi. Kuyo yonke imizana ebuqama kunakini nihlale nenza njalo nje; kwenakhelene nayo-ke kodwa ezweni iNkosi eniphe lona, ningalokothi nishiye noyedwa nje ephila. AmaHethi, amaAmori, amaKhenani, amaPherisi, amaHivi namaJebusi aqalekisiwe; niyowashaya niwabhuqe njengokusho kweNkosi, uNkulunkulu wenu. Okungenjalo ayozama ukunilutha (= Nawadembesela nje, ayoniphendukela, aniluthe), anigilise yonke imikhuba le ayenzayo edumisa izithixo zawo, aniphambukise ekukhonzeni kwenu iNkosi yenu.

Uma kuthatha isikhathi eside ukuthi niwunqobe umuzi eniwuhlaselayo, zihlengeni nizinakekele izihlahla zezithelo enizifica kuleyo ndawo. Zivuneleni nje nizidlele izithelo kodwa ningazigawuli izihlahla. Akuzona izihlahla eziyizitha zenu! Eningazigawula yilezo nje kuphela ezingatheli izithelo ezidliwayo. Ningabiya ngazo amadlangala enu, nivive nize ninqobe.

 

yiViyo leziKhuthali oBanjiswaneni lokuHumusha nokuBhala kabusha iBhaybheli ngesiZulu:  Biblia Zuluensis

www.biblia-zuluensis.de

Usizo lwami luvela kuSmakade;

yena owadala izulu, wadala umhlaba.

Imibono nemibuzo: 0 »