uSamweli nesikhathi ayephila kuso

20.02.2014

isingeniso: uSamweli wokuqala noSamweli wesibili

Izincwadi ezixoxa ngoSamweli nesikhathi ayephila kuso kuthathwa ngokuthi zalotshwa nguye mathupha uSamweli. Kwabathathu ababaluleké kakhulu kulezi zincwadi, oSamweli noSawuli noDavida, nguSamweli okuxoxwa ngaye kuqala, umphrofethi nomahluleli kwaIzrayeli. Umlando wokuphenjwa kobukhosi bakwaIzrayeli nakwaJuda uxoxwa njengomlando walaba bobathathu. Nezigigaba zeminyaka ngeminyaka emphakathini ezaziphathelene nesizwe sonke – abafazi nabantwana namadoda – zibekwa njengezenzakalo-nje empilweni yalezi zinsizwa zontathu.

USamweli uthunywa nguNkulunkulu ukuthi ahlaziye isifiso sesizwe sokuthi naso sithole ongasibusa abe yinkosi yaso. Ubuhle nobubi bokubuswa buyabekwa buhlolisiswe (1 Sam 8 – 12) – umshikashika ongapheli engxoxweni yonke kuzo zombili lezi zincwadi ngoSamweli.

Sekulandela-ke ingxoxo ngokubusa kukaSawuli, inkosi yokuqala kaIzrayeli (1 Sam 13 – 31). Izahluko zale ngxoxo zigcwele ingxabano nombango phakathi kwenkosi uSawuli nevukela-mbuso uDavida; kulombango uNkulunkulu uvuna uDavida, uSawuli umyambukelela. Lolu `bandlululo´ aluqondakalisisi, luyisilonda esingapholi, kuSawuli nakwabayizwayo le ndaba nanamuhla lokhu. Kulezi zahluko uDavida kuxoxwa kahle ngaye njengokomuntukazana obhekene nenkosi enamandla kunaye agcine ephumelele. Bathathelana izikhali, bazingelane, bavivelane. Umphakathi othintekayo kulezo zimpi owundaba-yamuntu kule ngxoxo. Abesifazane bagudlulelwa eceleni bakhohlakale-nje bekhona – ngaphandle-ke kwabambalwa: oMikhali, indodakazi kaSawuli eyaganiselwa uDavida ngenhloso yazo lezo ezombangazwe (1 Sam 18), noAbhigeli owavikela abakubo olakeni lukaDavida naye agcina eseziganele yena (1 Sam 25).

Incwadi yesibili ivula ngengxoxo yempumelelo nentuthuko kaDavida emva kokukhothama kwenkosi uSawuli. Kuxoxwa kuphindelelwa ngendlela abaphikisi nezitha zikaDavida zibhubha zilandelana ubuthaphuthaphu – kokunye zingoneni nolutheni naye engatheni. Lokhu kuthuthuka kwakhe kuqhubeka kuze kufike esethenjisweni sikaNkulunkulu asilethelwa yisithunywa uNatani – isethembiso sokuthi umbuso kaDavide uyoma phakade (2 Sam 7). Kule ndima (2 Sam 1 – 10) akuveli ngisho nencane-nje insolo ngoDavida.

Esahlukweni seshumi nanye liyaguquka isondo. Ngezenzakalo kwezomndeni kuyavela ukuthi uDavide akamsulwa namandla akhe anomkhawulo: Ngokuphinga kwakhe noBhatseba umyeni wakhe empini emphaké wamqondanisa ngamabomu nalapho angeyukusinda khona, indodakazi kaDavida uThamara eyadlwengulwa ngumnewabo uAmnoni nobudlwembe bukaAbsalom evukela uyise uDavida.

Kulezi zincwadi ezisixoxela ngoSamweli nesikhathi ayephila kuso kuvamé izinxushunxushu nezimpi. Khona kwakuviva kunqwamana izinsizwa ngobuhlabani; nokho-ke abafazi nabantwana nabadala yibona zintandane nabafelokazi nezinkubela ezazisala nesililo nosizi lwalobo buqhawe. Kulezi zingxoxo uNkulunkulu uvezwa enjengonesikhwele nobandlululo – ukhwelezela eshisekelela inkosi nesizwe sakhe: Ukunqoba empini okwakuphelekezelwa ulaka, kusale kuvalwé ngehlahla, kuboshwé kwadingiswa kwabulalwa abafazi namadoda nabantwana kwabezizwe ezinqotshiwe, kwakubongwa njengesenzo sikaNkulunkulu kaIzrayeli. Ngokunjalo wayebuye ajezise uIzrayeli ngokubhidliza nangokubulala. Abesifazane kulezi zingxoxo baphathwa-nje njengemfuyo amadoda azibolekiselana ngayo-nje ngokuthandana kuphelele lapho. Kwakuqala kugcina-nje ngoNatan ekuqwagayisaneni kwakhe noDavida ngoBhatseba ukuthi kube khona oke alokothe-nje akhononde ngale nqubo. Ukuthi le nqubo yayilungile yini noma cha akubuzwa ezincwadini ezisixoxela ngoSamweli nesikhathi ayephila kuso (uSamweli wokuqala nowesibili).

Imibono nemibuzo: 0 »