Sihumushela esiZulwini: Incwadi yamaKhosi yokuqala, isahluko sesithathu (1 Khos 3)

20.02.2014
UNomsa noLungi. Kuyasetshenzwa!UNomsa noLungi. Kuyasetshenzwa!

1. Isinyathelo sokuqala: Siyifunda eBhaybhelini lesiHebheru (biblia hebraica) okuyilapho yalotshwa khona okokuqala ngqa, lapho yathathwa khona isihunyushelwa kwezinye izilwimi. Ifundeka kanjena khona uma sithatha lolo nalolo luhlamvu, silufaka esiZulwini:

1Wayeseganiselana-ke uSalomo noFaro, umbusi wakwelaseGibhithe, wayesethatha-ke indodakazi kaFaro, wayeseyisa emzini (= edolobheni) kaDavida kwaze kwaba sekuqedeni kwakhe ukwakha indlu yakhe nendlu yoPhezukonke nodonga oluzungeleza iJerusalema 2Kwakungabantu-nje ababengabahlabeli/ababengabanikeli emagqunyanyanyeni okukhonzela ngenxa yokuthi kwakungakakhelwa indlu igama loPhezukonke kuze kube ngalezo zinsuku. 3Nokho kwathanda uSalomo oPhezukonke ekuhambeni ngemiyalo kaDavida, uyise. Kuphela-nje emagqunyanyanyeni enkonzo yena wayengonikelayo noshunqisayo. … …

2. Isinyathelo sesibili: Sithatha lolu vandla lwamabizo nozenzo nezikhanyiso esizithola encwadini yesiHebheru (biblia hebraica), sakhe ngayo imisho yesiZulu ezwakalayo. Umzamo wokuqala uzwakala kanje:

1USalomo/USolomoni/USolomona wahlobana noFaro, umbusi waseGibhithe, ngokuganwa yindodakazi kaFaro. Wayithatha, bangenisa emzaneni kaDavida, waze waqeda ukuzakhela owakhe nokwakhela oPhezukonke kanye nodonga oluzungeleza iJerusalema. 2Kwaqhutshekwa kuhlatshelwa, kunikelwa emagqunyanyanyeni, ngoba igama loPhezukonke lalingabi nayo indlu eyayakhelwe lona ngalezo zikhathi. 3USalomo/USolomoni/USolomona wamthanda oPhezukonke, wagcina imfundiso kayise uDavida, iminikelo yokuhlaba nokushunqisa wayeyenzela emagqunyaneni. … …

3. Isinyathelo sesithathu: Siqhathanisa imisho esesiyihumushile – siyithatha eBhaybhelini lesiHebheru – nale misho eyahunyushwa ngabanye. Sithatha le ncwadi yesiZulu okuthiwa „IBAIBLE ELI INGCWELE“ eyashicilelwa ngonyaka ka1893, sibheke khona ukuthi bayibeka kanjani le ndima. Umzamo wabo uzwakala kanje:

1USOLOMONA wa hlangana noFaro inkosi ya sEgiite, way i tata indodakazi ka Faro, way i zisa emuzini ka Davida, i bi kona wa za wa qeda ukwaka indhlu yake, nendhlu ka Jehova, nodonga oluzungezayo iJerusalema. 2Kodwa abantu ba be nikela ezindaweni ezipakamileyo, ngokuba be ku nge ko indhlu eyakelwa igama lika Jehova, kwa za kwa ku lezozinsuku. 3USolomona wa m tanda uJehova, wa hamba ngemiyalo ka Davida uyise; kodwa wa nikela wa tyisa impepo ezindaweni ezipakamileyo.

4. Isinyathelo sesine: Siqhathanisa imisho esesiyihumushile – siyithatha eBhaybhelini lesiHebheru – nemisho eyahunyushwa ngabanye. Manje-ke sesithatha le ncwadi yesiZulu okuthiwa „IBHAYIBHELI ELINGCWELE“ eyashicilelwa ngonyaka ka1959, sibheke khona ukuthi bayibeka kanjani le ndima. Umzamo wabo uzwakala kanje:

1USolomoni wahlangana ngobuhlobo noFaro inkosi yaseGibithe, wathatha indodakazi kaFaro, wayingenisa emzini kaDavide, waze waqeda ukwakha indlu yakhe, nendlu kaJehova, nogange lwaseJerusalema nxazonke. 2Nokho abantu babehlaba ezindaweni eziphakemeyo, ngokuba kwakungakhelwanga igama likaJehova indlu kwaze kwaya-yilezozinsuku. 3USolomoni wamthanda uJehova, wahamba nezimiso zikaDavide uyise; kepha wahlaba, washisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.

5. Isinyathelo sesihlanu:

              Siyaqhubeka ... ... ...

Imibono nemibuzo: 0 »