iNcwadi yesibili uSamweli: 2 Sam

iNcwadi yesibili uSamweli: 2 Sam
ENcwadini yesibili uSamweli kuqhutshwa umlando osuka kweyokuqala, kuxoxwa ngenkosi eyaziswayo, uDavida. Ekukhothameni kwenkosi uSawuli, uDavida waqala waba ngumbusi wakwaJuda kanye nakwaBhenjamini ngaphambi kokuba ngumbusi nakwezinye izizwana eziyishumi enyakatho kwelakwaIzrayeli. Ngokumisa umuzana waseJerusalema njengesihlalo sombuso wakhe, wawuqinisa umbuso wakhe, wawunweba wafinyelela nangaphandle kwezwe lezizwana eziyishumi azibusayo. Kwaba ukungena kwabakwaIzrayeli-ke lokho kwezombusazwe nezombangazwe ezifundazweni zaseMpumalanga ePhakathi. Kwakusengesikhathi sawo umbuso kaDavida lapho kwaqala khona ukuvela kwezinhlembenhlembe emphakathini ezaze zagcina ngoqhekeko phakathi kwengxenye yombuso eseningizimu nesenyakatho.
Kwesikuxoxelwa ngakho ngoDavida, ubonakala engumbusi owayeneso, enekhono, kanti-ke futhi ekhuthele, ehlakaniphile, ekwazi ukuzenza athandeke emphakathini. Ubonakala engowayekwazi ukuphila nokuziphatha okwekholwa lempela, elizithobayo nelimazisayo oPhezukonke. Amahlazo akhe nokungagculisi kwesimilo nokuziphatha kwakhe kubekwa ngembaba kule ncwadi, akuvunwa.
EJerusalema uDavida ubeka isisekelo sombuso esijulile, esiyinsika ngisho nangemuva koqhekeko. Wemukela isiqiniseko kuSmakade sokuthi njalonjalo kuyoba ngowenzalo yakhe oyobusa kulelo (2 Sam 7). Ngokuhamba kwesikhathi, eminyakeni yokuxozomiseka kombuso, abaphrofethi babememezela bethi sekuyofika uDavida omusha, okwakuyisifiso esikhulukazi kwababekade bemazisa uDavida nokubusa kwakhe, oseyovuselela umbuso ngekhono nangogazi lukaDavida emphakathini nasebusweni boPhezukonke. Njengoba ngokwenkolo yobuJuda ilokhu isalindelwe leyo „Ndodana kaDavida“, ngokwenkolo yobuKhristu kuthiwa leso simemezelo sesagcwaliseka ngoJesu waseNazaletha.
Okuqukethwe
UDavida ubusa kwaJuda (izahluko 1 – 4)
UDavida ubusa kulo lonke elakwaIzrayeli 5 – 6
Umusa kaSmakade nokwehluleka kukaDavida 7 – 12
UDavida noBhadsheba; ukuzalwa kukaSalomo 12
UAbsalomu uvukela uDavida 13 – 20
Izenazezelo. Isiphetho sengxoxo ngoDavida 21 – 24