iBhaybheli ngesiZulu

kwachitheka igazi

uGenesisi 4 UAdam usemkhulelisa-ke umkakhe uEva; sebezibula ngendodana unina azibongela ngayo, athi: „Ngisizwé nguSmakade wangipha indodana!“ Bayiqamba-ke elithi nguKhayini. Dukuduku sebelamanisa ngendodana futhi; yona-ke bayetha elithi nguAbela. UAbela wakhula waba nemfuyo nekhono ekuzingeleni; uKhayini waba ngumlimi. Langa limbe uKhayini usethula … qhubeka

vulekiyane amehlo!

uGenesisi 3 Inyoka yayihlakaniphé izedlula zonke ezinye izilwane uSmakade, oPhezukonke, azidalayo. Isimbuza-ke owesifazane, ithi: “Washo ngempela uSmakade ukuthi: `Ningalokothi nidle izithelo zalezi zihlahla ezisengadini?´” “Suka lapha!” kuphendula owesifazane. “Izithelo siyazidla; sivunyelwe! Ngezalesi sihlahla-nje kuphela esiphakathi nengadi esingazidli. INkosi yathi: `Ningazidli. … qhubeka

iviki lokuqala ngqa

uGenesisi 1 Endulo uMvelingqangi wadala izulu, wadala nomhlaba. Umhlaba lo wawuselugwadule nje, ulihlane; kumnyama kwesabeka. Umhlabathi wawujulé echibinikazi elinzulu. Izikhukhula nezikhwishikazane zazihlasela ziphindelela. Usethi-ke uMvelingqangi: „Akukhanye!“ Khanyiyane! Wakuthokozela lokho. Usehlukanisa-ke ukukhanya nokuhlwa; esekubiza ngokuthi ùbusuku enemini. Kwahlwa, kwasa: ùsuku lokuqala. … qhubeka

uMbhalo kwelakithi – izolo nanamuhla: Biblia Zuluensis 1996 …

nguBheni wakwaKhumalo eBaQulusini weViyo leziKhuthali oBanjiswaneni lokuHumusha nokuBhala kabusha iBhaybheli ngesiZulu – Biblia Zuluensis 0. Isingeniso 1. Sihlushwe yini? (1832 – …) 2. Wasuka-ke umshikashika (1996 – …) 3. Ukuziphatha nokuziphathela 4. Yilowo nalowo unendima embhekile 5. Kuyahlakuliswana kuyacathuliswana 6. … qhubeka

iBhaybheli. Liyini? Livelaphi? Lingakanani?

Le ncwadikazi esiyibiza ngokuthi yiBhaybheli kwayona iqukethe izincwadi ezingamashumi ayisithupha nesithupha (66), ezalotshwa ngokuya ngokuya esikhathini esingaphezu kwenkulungwane yeminyaka (kusukela onyakeni wamakhulu ayisishiyagalolunye ngaphambi kokuzalwa kukaJesu kuya eminyakeni eyikhulu namashumi amathathu emva kokuzalwa kwakhe, 900 BC – 130 AD). Igama … qhubeka

Kuyasetshenzwa 2010

ITHESTAMENTE ELIDALA

IBhaybheli yinqolobane yezincwadi ezimiqulu mibili: kufike kube ngezefindo lokuqala lesivumelwano sokholo (ithestamente elidala) bese kuba ngezefindo lesibili lesivumelwano sokholo (ithestamente elisha). Izincwadi zethestamente elidala (TD) zaziwa ngabantu bokholo lobuJuda nabokholo lobuKhristu njengesisekelo nensika yokholo lwabo. Ababhali balezi zincwadi kwakungabantu uNkulunkulu … qhubeka

ITHESTAMENTE ELIDALA LAVELAPHI ?

IBhaybheli yinqolobane yezincwadi ezimiqulu mibili: ngezefindo lokuqala lesivumelwano sokholo (ithestamente elidala) nezefindo lesibili lesivumelwano sokholo (ithestamente elisha). Izincwadi zethestamente elidala (TD) zaziwa ngabantu bokholo lobuJuda nabokholo lobuKhristu njengesisekelo nensika yokholo lwabo. Ababhali balezi zincwadi kwakungabantu uNkulunkulu ayeziveza ngabo esintwini nababengumlomo … qhubeka

eMpumalanga

ithestamente elidala lisalifundelwani?

Baningi namuhla abangazazi ezixoxwa ethestamenteni elidala. Kukhona nabazigwemayo, bethi azijabulisi, zigcwele uthuthuva nolaka, zifakana uvalo nenzondo. Bayazibuza ukuthi zisafundelwani nje nempela. Liqukethe izincwadi ezinolwazi nomlando nobuhle: inhlakanipho yasemandulo nasekudabukeni komhlaba, ubugqili nokugqabuko kwezibopho zengcindezelo, izigigaba ezibalisa ngothando olungenamkhawulo, intshisekelo kaJobe … qhubeka

eNkamana

BHALA NJENGOBA UKHULUMA (“Bha-nje-khu”)

Nanka amaphuzu amane asemqoka uma kuboniswana ngezindlela okungabukezwa ngazo izindela isiZulu esibhalwa ngazo: inkulumo indala kunombhalo ingxoxo nenkondlo kakufani izimpawu zephimbo ziyasiza injobo ithungelwa ebandla „Bhala njengoba ukhuluma“ (= „Bhanjekhu“) Siyayithintitha incwadi kuqathake konke okuyizinhlamvana okuhlale kuhlale kudide uma umuntu … qhubeka

BHALA NJENGOBA UKHULUMA (“Bha-nje-khu”)

1. MAQONDANA NESABIZWANA SOKUKHOMBA Isabizwana sokukhomba sizimele. Asibhalwa sibe yigama elilodwa nebizo. Isiboniso: “Ngafa yiziga zalo mHebheru”; “le mikhovu” “kule minyaka.” 2. MAQONDANA NEKHONGCO NAMAYELANA NO “KE” NO “NJE” Uma usebenzisa iselulo u “ke” no “nje” kumele kusebenze ikhongco (-). … qhubeka