BHALA NJENGOBA UKHULUMA (“Bha-nje-khu”)

18.02.2014
eNkamanaeNkamana

Nanka amaphuzu amane asemqoka uma kuboniswana ngezindlela okungabukezwa ngazo izindela isiZulu esibhalwa ngazo:

  1. inkulumo indala kunombhalo
  2. ingxoxo nenkondlo kakufani
  3. izimpawu zephimbo ziyasiza
  4. injobo ithungelwa ebandla

Bhala njengoba ukhuluma“ (= „Bhanjekhu“)

Siyayithintitha incwadi kuqathake konke okuyizinhlamvana okuhlale kuhlale kudide uma umuntu efunda. Sihlakulela ukuthi amehlo edlule lula emagameni encwadi, emukelisane kalula nolimi, kunciphe ukungingiza, ufundwe kanye umusho uqondakale.

Siholwa yile mibono:

1 inkulumo indala kunombhalo:

Lapho umbhalo uthathela kude khona, silandela inkulumo.
Isibonelo: umbhalo uthi “uSimakade”; “ibhayibheli”
inkulumo ithi: “uSmakade”; “ibhaybheli”

2 ingxoxo nenkondlo kakufani:

Izinhlamvu zibhalwa ziphelele nòma enkulumweni zingathinteki zonke.
Inkondlo iyanqamulela; ifuzé inkulumo.
Isibonelo: ingxoxo ithi “Musa ukungikhohlisa!”
Inkondlo ithi “Msukung’khohlisa!” noma “Msung’khohlisa!”

3 izimpawu zephimbo ziyasiza:

Siphokophele ukuthi zigcine zingasadingeki izimpawu zephimbo. Okwamanje
sibona kudingekileukusetshenziswa kophawu lwephimbo esenzweni esisenka-
thini esanda kwedlula.
Isibonelo: “Ngedlulé bedlala umlabalaba.”
“Ngifiké selingene isonto.”

4 injobo ithungelwa ebandla:

Kukho konke okunye sizoqhubeka sihambisane nemithetho yokubhalwa kwesi-
Zulu eyaphakanyiswa yanqunywa yisigungu solimi lwesiZulu ngo-1989. Imi-
bono emisha esiba nayo (ikakhulukazi mayelana nokubhalwa kwamagama okwethekelwa: „uNovemba“; „irisidi“; „ama-ekzem“) siyoyethula njalo emkhandlwini, sicele izeluleko.

Imibono nemibuzo: 0 »