Njengenhlwathi nenyamazane

31.10.2014
biblia zuluensis 11.09.2010

Le ndlela esisebenza ngayo uma sihumusha izingxoxo nemizekeliso siyisusa ezincwadini zayo zendabuko siyifaka olwimini lwakithi, siyibiza ngokuthi „yifemu“, okuyisifinyezo sebizo lesilungu elithi functional equivalent method (fem). Le ndlela sazebolekela yona kwabanye abahumushi bamabhaybheli baphesheya nakwamanye amazwe eAfrika asebesebenzé kade, bakhipha imiphumela encomekayo ngayo.

IFemu yindlela yokuhumusha elandela umbiko oqukethwe yilo mbhalo ohunyushwayo.  Umbiko yiwona phela okuzanywa ukuthi wedluliselwe kwabakhuluma ulwimi lwakithi njengoba kuhunyushwa-nje.  Ubuhle neciko nobugagu obungabakhona olwimini esuswa kuyo ingxoxo akudingeki buphoqelelwe ukufakwa olwimini lwakithi okungaze kugcine sekuphunyuké kwalahleka lolu daba esifisa ukuluhumusha.

Kufana-nje nenhlwathi uma izilambele, icothele ukujuma inyamazane: Iyayibuka, isondele ngokunyenya, iyilalele esikhaleni – lapho engathi uma yethuka, ibalekele ngakhona.  Njengoba inhlwathi iyizingela-nje le nyamazane, isihlelé kahle engqondweni yayo, yabona ukuthi le nyamazane ilingana namandla ayo; iyabona futhi ukuthi yinyamazane edlekayo – nayo futhi efisayo ukuthi iyidle, okungathi uma iyidla-nje, seneliseke nesidingo sokuqeda indlala nokuthola okwanele okwakha umzimba.

Ukuthi le nyamazane imisé ngezimpondo zakwanokusho, icothoza ngezinselo ezinhle kanjani, icwayiza kanjani ngamehlo uma ihlalwa yimpukane ebusweni, … konke lokho akubalulekile kangako kule nhlwathi ezifunela inyama yokuqeda indlala nokwakha umzimba ngokwempilo.

Izothi-ke inyamazane uma isibona le nhlwathi, yethuka, izithele kufeleba, ayibambe ngqi, ayithandele ngomzimba nangomsila wakhe, ingabe isakwazi ukubaleka. Uyasuka lapho uyibophisisa impela uyaqinisa, iyabhocobala iba umphotho ifuza umnyaba wezinkuni, ivumela ukuthi ikwazeke ukumimiliteka ngobude bayo, igwinyeke iphelele, kungalahleki namlenzana naphonjwana-nje.  Sekudinga-nje ukuthi inhlwathi iyikhothe, iyikhothe, mimilitiyane!

Nansi-ke inhlwathi isisuthi inyamazane; isizingelé yaphumelela! Umzimba wayo-ke manje usuzobhekana nokuncela nokwemukela onke amanoni nomnkantsha nobubende nemvomve nakho konke okutholakala kule nyamazane.

Kunjalo-ke, Bakwethu, ukuthatha ulwazi ulususa olwimini lwezizwe ululetha kini. Akungabi ubugagu lolu lwazi olubekwa ngabo kwelakubo, akube yilo ulwazi uqobo lwalo ofika nalo kithi uma usihumushela!

Sisebenza kanjalo-ke obanjiswaneni lwethu lokuhumusha izincwadi sizisusa ezilwimini zazo zendabuko – isiHebheru nesiGrikhi – sizifaka esiZulwini esithi silolongekile, sijiyile, sibe sifundeka, sizwakala kahle: ibhaybheli ngesiZulu yincwadi eyoba ngumphumela walo lubanjiswano esikulo.

biblia zuluensis – ibhaybheli ngesiZulu

ngoJanwari 1996.

Imibono nemibuzo: 0 »