uGenesisi

03.11.2014
iNdabuko nesiSusa

Le ncwadi, uGenesisi, okungukuthi „iNdabuko/isiSusa“, ixoxa ngendabuko ngokuphindwé kabili – indabuko yomhlaba, indabuko yesizwe sakwaIzrayeli. Kokubili – umhlaba nesizwe – kuvela kumdali, kungumphumela womsebenzi wezandla zakhe uMdali, oPhezukonke.

Phakathi kwengxoxo ngokudalwa komhlaba nengxoxo ngokudabuka kwesizwe sakwaIzrayeli kunomlando ozama ukucacisa ukuthi uMvelingqangi yini eyamkhuthaza washisekela ukuphinda abe ngumdali, aphembe isizwe – asibabale-nje phakathi kwazo zonke ezinye ezikhona, aziqokele sona: Kwathi-nje kuqedwa ukudalwa komhlaba nendalo nesintu, isintu samfulathela umdali, sazihlangula kuye, samphika, sazinhlanhlathela ngokwaso. Umlando wesintu ngokwengxoxo yezenkolo ngumlando wobudlova, nobuqili nenkani nokwedelela.

Ngokuzibizela uAbhrahamu, uSmakade uveza ithuba lokuthatha unyawo olusha. Lo mlisa ogcina esenguyise wesizwe, kuboniswa ngaye ukuthi uMdali wayehloseni ngokudala isintu: Wayehlosé ukuthi isintu simazise oPhezukonke njengomdali waso, yilowo nalowo amthande omunye nomunye njengoba ezithanda yena luqobo. Ukufakazisa ukuthi ukuphenjwa kwesizwe kufezwa nguMdali, oAbhrahamu noSara bathola umntwana okwakungasalindelekile njengoba base bezigugele-nje.

Izincwadi ezilandelayo ebhaybhelini ziyakhombisa ukuthi isizwe sakwaIzrayeli asikwazanga kwasekuqaleni ukuhambisana nalesi sifiso somphembi waso. Nòma kwakunjalo-ke kodwa, kulesi sizwe kwahamba kwahamba kwavela okwafezeka ngaye inhloso yoPhezukonke – owaba yisibonelo ontwini lonkana, umuntu phaqa ofuzé uMdali akamshiya, uJesu waseNazaletha, iNdodana kaSmakade.

Okuqukethwe

UDABA OLUKHULU LOKUDALWA KOMHLABA NOKUPHENJWA KWESINGU (Izahluko 1 – 11)

Ukudalwa komhlaba   1 – 2

Ipharadisi nokuphunyukwa yilo 3 – 4

Kusukela kuAdamu kuya kuNowa 4 – 5

Ukwanda nokusakazeka kontu 10

Umbhoshongo waseBhabhiloni. Kusukela kuSem kuya kuAbhraham  11

OYISE NONINA BAKA-IZRAYELI (izahluko 12 – 36)

Ukubizwa kukaAbhrahamu nokubusiswa kwakhe 12 – 18

Ukubhujiswa komuzi waseSodoma nowaseGomora 19

Ukuzalwa kukaYisaka nokuvivinywa kukaAbhraham 21-22

UYisaka noRibheka 24 – 26

UJakobe wemukela isibusiso sobuzibulo 27

UJakobe kwaLabani – abafazi bakhe namadodana akhe 28 – 31

UJakobe ubuyela kubo 32 – 35

Inzalo kaEsawu 36

UJOSEFA NABANEWABO (izahluko 37 – 41)

UJosefa nempumelelo yakhe emangalisayo 37 – 41

Ukuvivinywa kwabanewabo bakaJosefa 42 – 45

Abozalo lukaJakobe kwelaseGibhithe 46 – 50

Imibono nemibuzo: 0 »