uEksodusi

03.11.2014
INkosi yasiweza ngelibanzi isizwe sayo

Le ncwadi ibizwa ngokuthi inguEksokusi, okungukuthi „ukuPhuma/ukuGoduka“, ngoba ixoxa ngokuphunyuka kwabakwaIzrayeli, ukuphuma kwabo kwelaseGibhithe ababekade begqilazwé behlushwa kulo kusukela kokhokho babo. Ukusinda kwabakwaIzrayeli ekubalekeni kwabo bejahwa ngamabutho abaseGibhithe beze bewelela ngaphesheya kolwandle emva kokuba bedlubulundele, babushiya phansi ubugqili, kwaziswa njengesenzo soPhezukonke, uMkhululi. USmakade wasikhulula isizwe sakhe ekucindezelweni – ubatshazwa kanjalo nanamuhla lokhu kwelakwaIzrayeli.

Inhloso kaSmakade ngalesi sizwe yiyona ngqikimba yengxoxo yencwadi uEksodusi. Kuxoxwa ngeFindo iNkosi eyalibopha nesizwe sakwaIzrayeli entabeni iSinayi. IFindo likaSmakade nesizwe sakhe – lokho kusho ukuthi: OPhezukonke uzibophelele wazimbandakanyisa nalesi sizwe, waziqokela wazikhethela sona kuzo zonke ezinye ukuba abe ngumniniso, sibe ngesakhe, wasikhusela wasethembisa ukuthi nangomuso sesiyohala sivikelwa nguye uqobo. Ngakho-ke ulindele ukuthi lesi sizwe simazise, simkhonze, simdumise ngokubonakalayo. Encwadini yemithetho eyemukelwa nguMosi, umholi waso, kuMbusi waso entabeni yaseSiyoni, ibekwé yonke leyo mithetho nemigongqo okufanele igcinwe. Ingqikithi yayo iqukethwe emiYalelweni eyiShumi.

Engxenyeni yokugcina incwadi uEksodusi ibika ngokwakhiwa ngeDokodokazi elingcwele yethule neziyalelo ngenkonzo yeminikelo okumele ibanjelwe lapho.

Okuqukethwe

UKUKHULULWA KUKA-IZRAYELI KWELASEGIBHITHE (izahluko 1 – 15)

Ukugqilazwa kukaIzrayeli eGibhithe 1

Ukubizwa nokujutshwa kukaMosi 2 – 4

Ukuqwagayisana nokuchukuluzana noFaro 5 – 11

Iphasika nokuphuma kwelaseGibhithe 12 – 13

Ukusinda kuwelwa ulwandle 14

Inkondlo yokuhalalisa ngokunqoba 15

UKUTHUBELEZA EHLANE KUZE KUFIKWE ENTABENI ISINAYI 15 – 18

Ukondliwa ngemana nangamanzi 16 – 17

IFINDO LESIVUMELWANO PHAKATHI KOPHEZUKONKE NESIZWE SAKHE 19 – 24

ImiYalelo eyiShumi 20

Imithetho ngequbo nenhlaliswano emphakathini 21 – 23

Ukwethembisana nokubophisana ifindo laphakade entabeni iSinayi 24

UKWAKHIWA KOMPHONGOLO ONGCWELE  24 – 40

IDokodokazi elingcwele: izimfanelo nemininingwane 25 – 27

Abaphristi neminikelo. Abakhi 28 – 31

„Ithole legolide“ nokuvuselelwa kwefindo lesivumelwano 32 – 34

IDokodokazi elingcwele: elalakhiwe lahlotshiswa ngakho  35 – 40

Imibono nemibuzo: 0 »