uNumeri

05.11.2014
UbuNzima bokuZama ukuNqoba uBubi ngokweNza okuHle

Le ncwadi ibizwa ngokuthi ngu-„Numeri“, okunguthi iphathelene nezibalo [ngolwesiLathini: numerus | numeri ].  Kule ncwadi kubikwa kuze kuphindwe kabili ngokubalwa kwabesizwe sakwaIzrayeli nangemiphumela yakho: okokuqala ngaphambi kokusuka kwabo entabeni yaseSinayi (ezahlukweni ezine zokuqala); okwesibili ngaphambi kokungena kwelaseKhenani (esahlukweni samashumi amabili nesithupha). Phakathi kwalezi ziwombe kwedlula iminyaka engamashumi amane abakwaIzrayeli okuthiwa babehla benyuka kuyo bentula ehlane.   Ekusukeni kwabo eSinayi baqala baqonda eningizimu nakwelaseKhenani, „izwe lesethembiso“; kwathi-ke kodwa uma izinhloli sezibabikela ngendlela imizi ebiyelwe yakuvikelw ngayo nangezinqanawe nobuqhawe bezakhamuzi zakwelaseKhenani, baqala manje ukushaywa luvalo, nokungabaza ngosizo lwabamkhonzayo, uMkhululi wabo, ababelokhu bekade bethembele kulo.  Wayesebajisela lokho; wathi abaqhubeke, bantule ehlane – isizukulwane sonke esilandelayo!

Ukudamba kwentshisekelo nokudangala, ukungeneliseki nesimo kanye nokukhononda nokuqwagayisana noMosi noAroni, abaholi ababanikwa yilona abamkhonzayo, oPhezukonke, kuxoxwa ngakho kuphindelelwa ezingxenyeni ezehlukene zale ncwadi. USmakade nòma kunjalo akasidikili asibukelele isizwe sakhe; uyasihola esisisusa empumalanga esisa emngceleni waselaseKhenani, „elesethembiso“.

Okuqukethwe

AMALUNGISELELO OHAMBO OLUKHULU (izahluko 1 – 10)

Ukubalwa kokuqala kwesizwe. Imigomo nezibopho zabakwaLevi  1 – 4

Asebegcotshelwe ubunceku bakaSmakade 6

Isibusiso ngokobuphristi 6

KUSUKELA ENTABENI ISINAYI KUYA EMNGCELENI WAKWELASEKHENANI 10 – 14

NGABAPHRISTI NANGEMINIKELO NEMIHLATSHELO 15 – 19

Inkonondo nokuhlubuka kukaKhora 16 – 17

EMNGCELENI WAKWELASEKHENANI 20 – 26

UBhiliyamu kufanele abusise uIzrayeli 22 – 24

Ukubalwa kwesibili kwesizwe 26

IMITHETHO EYENGEZELWAYO 27 – 30

KWAQALA UKUDATSHULWA NOKWABELWANA NGEZWE 31 – 36

Izinhlanga ezimbili nengxenye kwelaseMpumalanga-Joldani 32

Imibono nemibuzo: 0 »