uDutheronoma

05.11.2014
aqoshwa phansi amazwi

Le ncwadi ibizwa ngokuthi ngu-„Dutheronom“, okungukungi „umthetho wesibili“ [ngolwesiLathini, deuteronimium ]; iqukethe imithetho iningi layo eselethulwa okwesibili emva kokuba laselethulwé encwadini uEksodusi – njengemiYalelo eliShumi esahlukweni sesihlanu.  Laphaya nalaphaya kwenezezelwe kwaguqulwa kweminingi yale mithetho eyethulwa lapha okwesibili. Sekuyimithetho esiqondene nezikhathi ezizayo.

Le mithetho iphathelene ikakhulukazi noMthetho oMkhulu esahlukweni seshumi nambili lapho kulawulwa khona ngokwethulwa kweminikelo eshashalazini elilodwa-nje kuphela kuzwelonke – nòma oSamweli noElija, ababengabaholi kwezenkolo ababaziswa kakhulu, babezinikelela-nje ngokubona noma kuliphi elinye ishashalazi. Kwaze kwaba yinkosi uYoshiya owathi awabhidlizwe onke amanye amaziko okunikelwa kuwo, ama-althari, emva kokuba sekutholakale umbhalo omdala okwakulawulwé kuwo ngokunjalo (encwadini yesibili yamaKhosi, kusukela esahlukweni samashumi amabili nambili kuya kwesamashumi amabili nantathu, 2 Khos 22 – 23). Kusolelwa sengathi lowo mbhalo uthathelwa kuDutheronoma (mhlawumbe esahlukweni seshumi nambili kuya kwesamashumi amabili nesithupha, Duth 12 – 26). Umlobi wale ncwadi nabelekeleli bakhe babezama ukulandela inqubo kaMosi. Babebona ubumsulwa bukaIzrayeli buthikazeka, bungcofwa wukwandwa kwenqubo entsha namasiko akwelaseKhenani.  Yingakho lapha kugcizelelwisisa ezwini elagcina lifana nesivumo sokholo, izwi elithi: „OPhezukonke nguyena mbusi wethu – yena yedwa-nje; ngaphandle komunye!“  Kulo musho yilapho kuvela khona nale nkokhelo okwahamba kwahamba yagcizelelwa nanguJesu waseNazaletha lapho naye ethi khona: „Mthande [oseZulwini] ngenhliziyo yakho yonke, ngenhloso yakho yonke nangamandla akho onke“, esho elandela lo musho okule ncwadi [Duth 6, 4-5].

Okuqukethwe

UMOSI UYABUKEZA UYAVUSELELA (ezahlukweni 1 – 4)

IMIYALELO ELISHUMI NEZINKOKHELO EZINYE 5 – 11

INCWADI YOMTHETHO WESIZWE SOPHEZUKONKE 12 – 26

Ishashalazi elingcwele likaIzrayeli jikelele 12

UMosi wethula imithetho 13 – 26

ISIVUMELWANO PHAKATHI KOPHEZUKONKE NESIZWE 26 – 30

AMAZWI OKUGCINA KAMOSI NOKUFA KWAKHE (INGOMA KAMOSI) 31 – 34

Imibono nemibuzo: 0 »