uJoshwa

05.11.2014
lahlwithwa ngezikwepha nangobuqili izwe

Le ncwadi yanikwa igama lalo mlisa okuthiwa walandela uMosi ekubeni ngumholi wabakwaIzrayeli ekungeneni kwabo kwelaseKhenani, „kwelesethembiso“, ixoxa ngokuhlwithwa kwezwe kuthiwa kwenziwa njengokwentando nangokwesiphiwo soPhezukonke, lihlwithwa ngezikhwepha nangobuqili.

Engxoxweni ekule ncwadi uJoshwa lithathwa-nje lula izwe ngaphandle kobunzima nokuthikaziseka-nje sampela; okungenjalo engxoxweni esencwadini yabeHulueli (Hlu 1, 17 – 36) lapho kubikwa khona nangemizi nezifundazwe eziningi okungakwazanga ukuthi zihlwitheke. Nomyalelo okuthiwa wawuvele koPhezukonke wokuthi bahlaselwe, babhujiswe bonke abakwelaseKhenani ekuhlwithweni komhlaba wabo, sengathi wawuphathelene nesimo esincane-nje sasikhashana – uyathuthumelisa ezindlebeni zethu esikhathini esiphila kuso namuhla, uhambisana nendlela okwakuyaye kuqhutshwe ngayo kulawo mazwe ngalezo zikhathi, okwakuyindlela lesi sizwe sakwaIzrayeli esasibona idingekile futhi ifanele kuleso simo esasikuso.

Esiphethweni sale ncwadi kuyagcizelelwa ukuthi isizwe sakwaIzrayeli siqakamelele ukuthi sizibandlulule, singadlelani nesakhelene nazo, sibambelele sethembele kuMbusi waso yedwa-nje ngokweqiniso. Engxenyeni yesibili yebhaybheli, ethestamenteni elisha [ThSh], kuthiwa – esahlukweni sesine encwadini yamaHebheru [Hebh 4] – „isizwe seNkosi esilokhu sabasendleleni“ ikhaya laso akusilo elikulo mhlaba.

Okuqukethwe

Ukunqotshwa nokuhlwithwa kwelaseKhenani (izahluko 1 – 12)

Ukudatshulwa nokwabelwana kwezwe ngokwemindeni kwabakwaIzrayeli 13 – 22

UJoshwa ubophelela isizwe ekumaziseni oPhezukonke 23 – 34

Bheka lapha futhi >> Umlando ngokuqukethwe eNcwadini uJoshwa

Imibono nemibuzo: 0 »