Umlando kaIzrayeli

18.02.2014
IZITHOMBE: Kuyasetshenzwa 2010IZITHOMBE: Kuyasetshenzwa 2010

Kusukela encwadini „uJoshwa“ kuze kuyoshaya encwadini „uEsta“ kukhulunywa ngomlando kaIzrayeli engena eKhenani, kuye esikhathini sabeHluleli nasesikhathini samaKhosi, kuye ekudingisweni nasekubuyeni kwelaseBhabhiloni. Leso yisikhathi esingamashumi ayisishiyagalombili (800) seminyaka, kusukela onyakeni ka-13 kuya koka-5 B.C. Ngokwenqubo yesiJuda le ndima esuka kuJoshwa (imeqe uRuthi) ize iphelele encwadini yamaKhosi yesibili kuthiwa yindima yezincwadi zobuphrofethi. Ziphathelene nokucwaninga umlando ngeso lobuphrofethi.

AbaBusi „abalungile“ „nabangalungile“
Izindima zeBhaybheli zizama kukho konke okwenzekayo ukukhomba nokulandela umzila wokugcwaliseka kwenhloso yoMdali kanye nezethembiso nezixwayiso yakhe. Umbusi akalawula ngekhono lakhe kwezombusazwe. Okuthiwa ungumbusi “olungileyo” yilowo owazisa uSmakade, agcine imitalo yakhe; okuthiwa ungumbusi “ongalungile” yilowo uphambukisa isizwe emikhondweni kaSomandla.

Ukuthathwa kwezwe
Izincwadi uJoshwa nencwadi yabeHluleli zichaza ngokuthathwa kwezwe ngabakwaIsrayeli. Bathatha kwabaseKhenani amadolobha nemizi eminingi, baklaya amasimu, balima. Inqubo namasiko nenkolo yabomdabu babeyibuka ngeso lensolo nelovalo.

Ababusi nezimpi
Kwasekuqaleni-nke kwafanela ukuthi abakwaIzrayeli bahlale beviva bezama ukuzivikela ezizweni abakhelene nazo, ikakhulukazi amaFilisti (I Samweli). UDavida waphumelela ukuhlanganisa amaqembu-qembu nezizwana zonke zabe munye (II Samweli; I amaKronike). Indodana yakhe uSalomo yakwazi ukusibusa isikhathi eside esinoxolo lesi sizwe (I AbaBusi 1-11; II amaKronike). Emva kokukhothama kwenkosi uSalomo waqhekeka phakathi umbuso: owaseNyakatho (= uIzrayeli) wehlukana nowaseNingizimu (= uJuda).

Izithixo zabezizwe
Ababusi baseNyakatho bahlubuka kanye nombuso wabo wonke bazikiphipha naseThempelini eJerusalema. Bathatheka, bathakaselela inqubo nenkolo yabezizwe; iningi labo lagcina lingasawukhathalele neze umthetho kaSmakade. Dukuduku nakwaJuda kwaba njalo. Uma-ke ngokuhamba kwesikhathi umbuso usuhlaselwa nesizwe sesithunjwa ngabezizwe abalobi bomlando bakubona lokho kuyinkokhelo yalezo ziphambeko. Umbuso waseNyakatho, umbuso wakwaIsrayeli, wagcina unqotshwé wabhujisiwa ngabaseAsiri (II AbaBusi 17; 18,2-12).

Ukudingiswa nokubuya
Kwedlula iminyaka eyikhulu namashumi amathathu nanhlanu (135) nombuso waseNingizimu, umbuso wakwaJuda, nawo wanqotshwa wabhujiswa ngokunjalo. AbaseBhabhiloni bawuhlasela bawubhubhisa umuzikazi waseJerusalema, isizwe sakwaJuda basithumba (II AbaBusi 24-25; II amaKhronike 36). Nokho-ke sathola inhlanhla yokukhululwa futhi eminyakeni engamashumi amahlanu (50) emva kwalokho. Ijerusalema laphinde lakhiwa neThempeli lavuselelwa futhi (incwadi uEzra; incwadi uNehemiya). Ukubuya ekudingisweni kwaba lithuba lokubuyela kuSmakade nasemthethweni wakhe. Isizwe sashayeka, saphaphama ngezivivaba esasedlulé kuzo. USmakade wayengazange nokho asilahle, asikhohlwe isizwe. Wayelokhu abambelela ezethembisweni zakhe; isizwe sakhe wasithethelela, wasipha ikusasa elisha.

Imibono nemibuzo: 0 »