iNcwadi yokuqala yeziKhronikhe: (1 Khr )

06.11.2014

Zombili izincwadi zeziKhronikhe (1 Khr; 2 Khr) zidingida lolu daba okuxoxwa ngalo ezincwadini zikaSamweli nezamaKhosi, ziluthatha ngeso labakwaJuda ababuya ekudingisweni kwelaseBhabhiloni okuxoxwa ngabo kabanzi encwadini uEzra nasencwadini uNehemiya. Kungakho nje-ke umbuso wasenyakatho, kwaIzrayeli, nokunqotshwa nokuwa kwawo kungaveli kule ngxoxo. KukwaJuda-nje kuphela lapho kuthi emva kwenhlekelele yokunqotshwa nokuchitheka kombuso, umlando kaSmakade nesizwe aziqokela sona uphembeka kabusha, uqhubeka khona futhi; yingakho le ngxenye yombuso kuyiyona enguIzrayeli woqobo, indlalifa ngokuyikho yombuso kaDavida noSolomoni.  Lo Juda-ke kodwa sewaba umphakathi-nje webandla labakholwayo eliqoqene eduze nesiza sethempeli eJerusalema, alinankosi elibusayo. Yingakho-ke ithempeli nemininingwane yalo kuxoxwa kabanzi kangaka ngakho lapha. Ukuhlelwa kwenkonzo ethempelini nokwabiwa kwezikhundla kuleyo nkonzo kanye nabathile ababegunyazelwe zona kusukela ezikhathini zenkosi uSolomoni kuya emuva ezikhathini zenkosi uDavida, kubikwa ngakho lapha.

Okuqukethwe

Kusukela kuAdamu kuya kuSawuli: uHlu   (ezihlokweni 1 – 9)

Umbuso wenkosi uDavida 10 – 20

Ukulungiselelwa kokwakhiwa kwethempeli nguDavida 21 – 29

Imibono nemibuzo: 0 »