umShumayeli

08.11.2014
umshumayeli

Uhlamvu ngokwesiHebheru oluthi „khoheleth“ luchaza ukuthi „umholi emhlanganweni“ noma „ngohola wenhlangano yosolwazi kwezenhlakanipho“.

Le ncwadi yalotshwa ngezikhathi eziseminyakeni engamakhulu amathathu ngaphambi kwenkathi esiphila kuyo namuhla (300 ph. Khr.) okwakuyisikhathi elakwaJuda laselaphangwa laphendulwa isifundazwe sakwelaseGrikhi, ukusebenzisa ulwimi lwesiGrikhi enkulumweni nasemfundweni sekwandile nakwabakwaJuda. Umlobi ubhekisisa imibono nolwazi ngokwenqubo entsha, eqhathanisa nangokwenqubo endala ngokwezenhlakanipho ngokwesiHebheru ayihlabayo eyigxeka laphaya nalaphaya. Uloba afuze osolwazi ngenhlakanipho yakwelamaGrikhi ababeyayebadabule amazwe behamba befundisa emphakathini.  Le ncwadi yakhe sengathi yayisetshenziswa kanye nencwadi yeZaga ezifundweni ethempelini eJerusalema.

Eminingi imibono yakhe izwakala idikibalisa, igxivaza; umlobi ubona ukuphila nezaba zakho kuyize-nje. Okusemqoka kuye ukukhombisa ukuthi ngoPhezukonke yedwa-nje owazi ngenhloso nangenzulu yokuphila. Esikhundleni sokwenza sengathi umuntu uyakwazi ukucubungula aqondisise ngengqikithi yokuphila, kufanele azithobe, emukele izinqumo zoPhezukonke, azidelise ngentokozo kwakwabelwa nguMdali – kusho umlobi wale ncwadi.  Esikhundleni sokuthi elokhu ebambelele kokwezolo noma eqagela ngengomuso, akaqakamelele ukuphila aphilisise namuhla; konke okunye akakhululeke ukukushiya kusezandleni zoPhezukonke.

Okuqukethwe

Konke kuyize leze; uMvelingqangi uyinqaba, akaqondakali (ezahlukweni 1 – 3)

Izinxushunxushu nombude 3 – 6

Ulwazi lwasemandulo ngeso elisha 7 – 9

Izaga nesiphetho 10 – 12

Imibono nemibuzo: 0 »