UMartin Luther nokuHlukunyezwa kwabeNkolo yobuJuda

22.11.2015

 “Lapho kunokukhanya khona, kuvama ukuba nethunzi futhi

AbeBandla labakhonza ngenqubo yobuLuthela kuhlala kudingeka njalo ukuthi bashikashikane ngeziphathelene nenkokheli yabo, uMartin Luther. Bekunjalo futhi emasontweni amabili edlule [8.-11.11.2015]  enkundleni yeSinodi leBandla labeNkolo ngokweNqubo yeNguquko kwelaseJalimane [Evangelische Kirche in Deutschland (EKD)].

Umhlangano uphethwé ngokwethulwa kwesaziso esinikwe isihloko esithi Martin Luther und die Juden – Notwendige Erinnerung zum Reformationsjubiläum“, okungukuthi „UMartin Luther namaJuda – okufanele nakanjani kukhunjuzwane ngakho ekusondeleni kwalo Mkhosi weNguquko kwezoKholo ozayo“.

Kulesi saziso kubaliswa „ngamaqiniso adikibalisa umphefumulo“, kukhonondwe „ngefa eliwumthwalo onzima“ kanye „nangengqondo yenzondo nonya maqondana nabenkolo yobuJuda“ etholakala kokwakushiwo nguMartin Luther.

UThomas Kaufmann, uSolwazi ofundisa ezoMlando kwezeNkolo eNyuvesi yaseGöttingen, uMphathisihlalo woBanjiswano kwezoMlando weNqubo yeNguquko kwezeNkolo, usebenzé ngokujulile ekucubunguleni ingqondo yokwakushiwo nokwakulotshwa nguMartin Luther.

UThomas Kaufmann:
Inselelo yokuzihlolisisa ezeNkolo yobuJuda selokhu yanikwa abeNkolo yobuKhristu ekusukeni – yaqoshwa ezincwadini zabo zendabuko ezingcwele. Nokunjalo nje-ke, ukucutshungulwa kombuzo ophathelene nobudlelwano nabeNkolo yobuJuda kungumbuzo-sisekelo weNkolo yobuKhristu kwasekusukeni kwayo phansi. UMartin Luther wazama ukuthola impendulo kulowo mbuzo ngokugxila ekutheni „uMbhalo zwi!“ [„sola scriptura“] ngokufunda nokuhlahlela nokucwaziya uMbhalo.

Enye ingxenye yale nkinga kwakuyinqubo emphakathini ngalezo zikhathi: UMartin Luther wayengazani, engathintene nabeNkolo yobuJuda; wayekhulelé emphakathini owawunenzondo nabo, okwakungelula kuye ukuzihlangula kuyo, okwakuyaye kuthi naye ahlale ahlale ayingene, okwakuyinzondo naye ayenayo.

Umlobi (uClaus Röck):
Le nzondo yangalezo zikhathi [1500-1600] yayisuka ezinganekwaneni nasemangeni okwakwejwayelwe ukubhixana nokuhlambalazana ngawo ngalezo zikhathi kuthiwa: AmaJuda ngabagunyi nababulali babantwana bamaKhristu, ngabathakathi abaloya izinkwa ezibekelwe isiDlo esiNgcwele, ngabathakathi abathela ushevu emthonjeni wamanzi okuphuza, yizigelekeqe, omashonisa, kuthiwe futhi amaJuda ayameya, amgciwaze oKhonzwayo.

UThomas Kaufmann:
Okumangalisa kakhulu kuMartin Luther yile nguquko enkulu engqondweni yakhe kulolu daba: Silalela akushoyo eminyakeni ephambili elandela owe-1520, lapho ayephenya, echaza, ezihlangula kukho konke lokho ayekubiza ngokuthi yinsumansumane nenhlamba engenasisekelo eMbhalweni oNgcwele, ethi asisoze neze saqhubeka nokubaphatha kanje abeNkolo yobuJuda. Osekudida ingqondo sekuyilokhu uMartin Luther asekusho eminyakeni engamashumi amabili elandela lapho – sekuthi lapha nalaphaya esebuyela kulezo zinsumansumane nenhlamba, esethanda ukuvumelana nabahleba abeNkolo yobuJuda bethi bagunya babulale izingane zabeNkolo yobuKhristu – eqinisweni eseketukile, wabuyela ezinsumansumeni ayekade ezidalula, ezihlangula kuzo eminyakeni engamashumi amabili edlule.

Umlobi:
Izincwadi ezimbili ezalotshwa nguMartin Luther ziyibeka ngokubonakalayo le nguquko engqondweni yakhe:

Eyokuqala, ayiloba ngonyaka we-1523, inesihloko esithi: „Dass Jesus Christus ein geborener Jude sei“, okungukuthi „… uJesu Khristu wayeyiJuda ngokuzalwa“; eyesibili yangonyaka we-1543 inesihloko esithi „Von den Juden und ihren Lügen“, okungukuthi „… amaJuda namanga awo“.

Lena yesibili-ke kwathi emva kweminyaka engamakhulu amane yathandwa kakhulukazi ngabengqondo yobandlululo nobudlova [Nationalsozialismus/Nazism; 1933-1945] abasebecaphuna kuyo njalo ezinkulumweni nasemibhalweni yabo. Bamsebenzisa nangokungahambisani naye uMartin Luther ekuthuthukiseni ipolitiki yabo yobandlululo nendluzula. Siyabuza-ke lapho: Kungethweswa uMartin Luther icala ngalokho? Yebo, kusho uSolwazi noMbhali wezincwadi uMicha Brumlik:

UMicha Brumlik:
UJulius Streicher wathi eNkantolo yaseNuremberg [eyayiqula amacala obudlova beNationalsozialismus/Nazism]: Ukuba kumi uDkt. uMartin Luther lapha esikhundleni sami, nguye obekungafanela ethweswe icala; esho eqinisile uJulius Streicher ngoba uMartin Luther encwadini yakhe yowe-1543 ethi „Von den Juden und ihren Lügen“, okungukuthi „… amaJuda namanga awo“, wagqugqumezela ukuthi kugilwe cishe yonke le mikhuba abeNationalsozialismus/Nazism abagcina beyigilile [1933-1945]. Ngowami umbono uMartin Luther kwakungesiye-nje omunye beNkolo yobuKhristu ababeqwagayisana nabeNkolo yobuJuda ngemibono, wayengumphembi wenzondo nomsunguli nenhlukumezo ngokwezepolitiki eqondiswe kwabeNkolo yobuJuda.

Umlobi:
UDorothea Wendebourg akavumelani nalo mbono kaMicha Brumlik. UDorothea Wendebourg, uNolwazi ofundisa ezoMlando kwezeNkolo eNyuvesi eBerlin, naye uwuthola ungemukeleki umbhalo kaMartin Luther wangonyaka we-1543, kodwa akavumelani nokuthi inzondo yakhe kwabeNkolo yobuJuda ilinganiswe nokusetshenziswa kwayo muva ihlanekezelwa ngabombuso wendluzula [1933-1945].

UDorothea Wendebourg:
Nje-ke! Yilokho ababekufuna abeNationalsozialismus/Nazism [amaNatsi]!: Ubufakazi bokuthi okuyiwona mmongo wemfundiso kaMartin Luther ukuZonda abeNkolo yobuJuda [Antisemitismus]; yingakho simazisa njengeqhawe. Uma-ke thina uMartin Luther simbuka kanjalo, sivumelana senanezela inhloso yamaNatsi, sizifaka kunoxhaka wabo,  sifeza uhlelo lwabo lokuhlanekezela umlando. Kufanele siqaphele, sihlolisise ukuthi sichusha kanjani lapho.

Umlobi:
Ukuze „singazifaki kunoxhaka“ wamaNatsi, njengoba uDorothea Wendebourg esixwayisa, kufanele siziqhathanise lezi zincwadi ezimbili zikaMartin Luther ezisemqoka emfundisweni yakhe ngobudlelwano nabeNkolo yobuJuda.

Kweyokuqala yangonyaka we-1523 uziveza njengonozwelo. Uthi:

„Esami isicelo neseluleko sithi: Asibaphathe kahle, sibafundise okuseMbhalweni oNgcwele uma abanye babo besondela. Kodwa uma silokhu sibaphethe ngendluzula, sifafaza amanga ngabo, sibalandulela ngokuthi kufanele babenegazi lobuKhristu ukuze bangasinukeli kabi nokuningi okunye okuwubuhlanya esikushoyo size sibaphathe njengezinja – singalindela ukuvunani-ke okuhle kulokho? Nangalokho-nje ukuthi siyabenqabela ukuthi bazisebenzele, baziqhwishele, bahlalisane nathi njengomakhelwane, okuyikhona okwenza baphendukele kwezobukhwabanisi nobuqili – bangakuqondisa kanjani konke lokho? Uma sifisa ukubasiza, kufanele sihlangabezane nabo silandela umthetho – hhayi okaPhapha, kodwa uMthetho woThando lobuKhristu – sibemukele ngesihe nangomusa, sisebenzisane kanye nabo ekudaleni amathuba okuziqhwishela nokuziphilisa [ekuphembeni izimboni], sibambisane; bangene, benabe, bakhululeke phakathi kwethu kanye nathi, bazibonele bazizwele impilo yethu ngokweNkolo yobuKhristu. Uma abanye babo benqaba ukusondela – kuhlupha ngani lokho? Kwathina asisiwo sonke amakholwa ngokuphelele”.

Umlobi:
UMartin Luther ngonyaka we-1523 encwadini yakhe enesihloko esithi „… uJesu Khristu wayeyiJuda ngokuzalwa“ [„Dass Jesus Christus ein geborener Jude sei“] – le ncwadi izwakala sengathi iyinkomba-ndlela kwabeNkolo yobuKhristu ukuthi bashumayeze abeNkolo yobuJuda, baphenduke. Iphimbo layo lipholile, ithi: Awaphathwe kahle amaJuda, angahlukunyezwa, kusho uMgqugquzeli woMkhankaso weNguqoko kwezoKholo [Reformation] uMartin Luther, „ahlangatshezwe ngoMthetho weNkolo yobuKhristu“.

Yinhloso engenambandela leyo – nòma kunesihibe esikhona kulokho?

Kokubili kulapho phakathi, kusho uSolwazi ngeziphathelene noMartin Luther, uThomas Kaufmann:

UThomas Kaufmann:
Isihibe – uma singakubiza kanjalo lokho esikusolayo – [isihibe] sisekuthini lo oshisekele ukushumayeza nokuzuza amakholwa uzibonela indlela eludlana yokubahehela kuKhristu ngokuthi ahlangabezane nabo ngomusa. Leli thuba akabange esalokotha ukungalikhuthaleli – lalilokhu lisemehlweni akhe njalo-nje. Intshumayelo yakhe yonke igcizelela iphindelela ekutheni yiyona ndlela le okuyotholwa ngayo ukuphepha (…)

Okunye-ke kulokho: Amazwi kaMartin Luther kufanele phela ahlolwe ngokuhambisana nendlela okwakuhlaliswene ngayo nabeNkolo yobuJuda ngalezo zikhathi. Yilokho-ke, ngokubona kwami, okushaya emhlolweni: UMartin Luther akakhulumi-nje ngesidingo sokuthi babekezelelwe okwesikhashana, ukhuluma ngesidingo sesimo esisha ngokuphelele, esisho ukuhlalisana kulinganwa emphakathini – amaJuda namaKhristu –. Lokho kuwumbono owawukhaliphé kakhulu kabi kuleso simo sangalezo zikhathi [1500-1600].

Umlobi:
Kusho ukuthi uMartin Luther – encwadini yakhe yangonyaka we-1523 – uphendukela kwabeNkolo yobuJuda ngenhloso yokuthi bemukwelwe emphakathini? UMjuda uMicha Brumlik uyaphika:

UMicha Brumlik:
Cha, akusikho ukuthi welula esandla sokuwemukela amaJuda, wethula umbono kwabaphethe ukuthi badedele ukuthi ithuba lokuthi amaJuda agcine esefinyelele nawo kuKhristu lengezwe. Nje-ke!

UDorothea Wendebourg:
Kahle bo! Welula isandla sokuwemukela amaJuda ngokuthi athi angabe esabandlululwa, angabe esanqatshelwa ukuzisebenzela emisebenzini ethile emphakathini, awahlale nathi silingana. Unxusa amaKhristu ukuthi aziphathe kahle, abemukele ngothando.

Umlobi:
Eminyakeni engamashumi amabili emva kwalokho – ngonyaka we-1543 – uMartin Luther wayesehlabelela ngelinye iphimbo.

Ibhuku lakhe ashoshozela kulo ukuthi kuhlonywe kuhlaselwe, elisihloko sithi „… amaJuda namanga awo“, lize lifinyelele emaphuzwini ayisikhombisa angalandelwa kukhukhulela-ngoqo oqondene namaJuda:

[Funda: Martin Luther, „Von den Juden und ihren Lügen“ (1543)]:

Okokuqala: Izindlu ahlanganela kuzo ukuyokhonza nokuyokhulela, amaSinagogi, kanye nezikole zawo, akuthungelwe ngomlilo, kuthi kokungathungeleki kuthuthezelwe inhlabathi, kugqitshwe kungaphinde kubonakale lutho lwakho nanini nanini. Kwenziwe konke lokho ukudumisa iNkosi yethu nokuqhakamisa ukuKhristu; ukuze oPhezukonke abone ukuthi singamaKhristu thina, abone nokuthi lobu buphixiphixi nenhlamba nokukloloda kokweyisa iNdodana yakhe namaKhristu onkana asikubekezelelanga nòma sivumelane nakho.

Okwesibili: Amakhaya nemizi yawo adilizwe, agandaywe ngokunjalo, ngoba bayigila nakhona le mikhuba abayenza ezikoleni zabo. (…)

Okwesithathu: Abephucwe okuyizincwajana zemikhuleko nezemfundiso yenkolo yakubo, amathalimudi, abafunda kuzo le mbude namanga neziqalekiso nokweyisa.

Okwesine: Abefundisi bawo, oRabi, abenqatshelwe ukuqhuba le nkonzo yabo yokushumayela le mfundiso; lelo gunya selibalahlekele ngoba bakhungatha amaJuda ngokuwabophelela eMthethweni kaMosi – oqhubeka ngenkani abulawe.

Okwesihlanu: Imvume yokuhamba emgwaqweni neyokuzihambela-nje ezweni awephucwe yona ngoba akukho okuwalahlekele lapha phandle, awasenalungelo lokuba ngabanumzane, neziphathi-mandla noma lokuba umhwebi nokunjalo; awahlale endlini. (..,)

Okwesithupha: Awenqatshelwe ukukhwabanisa kuthi nokuyimadlana – izinhlamvana zesiliva negolide – ephucwe, kuyolondolozwa. Isizathu salokho nasi: Konke abanakho, bakuntshontshé kithi ngobuqili nokukhwabanisa, okuyiwona wodwa-nje msebenzi abawaziyo (…)

Okwesikhombisa: Amantombazanyana nezinsizwana zakhona zinikwe igeja, nezembe, ipiki nefoshela; zikujulukele ezikudlayo. (…)

Umlobi:
„AmaJuda namanga awo“ ngonyaka we-1543. UMartin Luther wayeseguqulé ngokwethusayo ingqondo yakhe kweziphathelene nabeNkolo yobuJuda. UNolwazi kwezoMlando ngezeNkolo uDorothea Wendenbourg naye – njengozakwabo uThomas Kaufmann – isizathu salokho usibona ekutheni isiKhuthali kwezokuCandulwa kwezeNkolo, uMartin Luther, sasesivamé ukuthukuthela nokudikibala masinya-nje kokuningi muva-nje sesiguga.

UDorothea Wendebourg:
Esinye sezizathu ngibona sengathi yikuthi uMartin Luther emva kweminyaka ethile ayiloba le ncwadi yakhe yangonyaka we-1523 ekhombisa ukuwahlangabeza ngomusa ngokwakungajwayelekile amaJuda, waqala ukuhlangabezana nokwazana okokuqala namaJuda nangokumenqaba kwawo uKhristu. Wayekade ekwazi njenzwabethi-nje. Kuthiwa wake waze wazizwela ngokwakhe ukuthi amaJuda uma ekhuluma ngoKhristu azikhulumela ngendlela okubonakala sengathi yayimthunuka kakhulu, ayeyithatha njengendelelo koPhezukonke, eyizwa iyinzondo konguMkhristu. (…) Wayekade enezivakashi – amaJuda ayekade emcelé ukuthi awalobele imvume [ngalezo zikhathi okwakudingeka ukuthi oyiJuda abe nayo uma ephuma ekhaya, etholakala endleleni, kukhona lapho eya khona]. Wathi-ke uMartin Luther: Ngiyayiloba! Wayesesayina „eGameni likaJesu Khristu“ njengoba onguSolwazi kwezeNkolo wayejwayele ukwenze njalo. Ayesethi-ke lapho amaJuda incwadi enjalo, elotshwé egameni lalona owagwetshwa wabethelwa, awayemukeli. Lokho-ke sengathi kwamthunuka kakhulu kabi uMartin Luther. Cha-ke kodwa, akusikho kodwa lokho.

Okunye kungaba ukuthi ekucubunguleni nasekuhlaziyeni kwakhe imiBhalo yeThestamente eliDala – wasebenza kakhule ekucubunguleni iThestamente eliDala kuneliSha eNyuvesi – wahlangabezana nendlela abeNkolo yobuJuda abalifunda balihlaziye ngalo iThestamente eliDala, eyayingahambi ize ifike kuJesu Khristu, indlela eyayingamphathi-nje uKhristu. Lokho-ke, njengoba sibona ezincwadini zakhe zangaleyo minyaka, kwaya kwaya kwamthukuthelisa kakhulu, ngoba wayenqena ukuthi lelo langabi lingagcina selihangulé nabeNkolo yobuKhristu (…). Okwesithathu-ke, ngokubona kwami okungathi yikhona kwakusemqoka: Ngokuhamba kwesikhathi uMartin Luther wayesephenduké kwaba nguyena osekubhekeké ukuthi ahlele, aqondise, alawule kweziphathelene nenqubo yenkonzo nanezifundiso eBandleni labakholwa ngeNqubo yeNguquko ezifundeni ngezifunda kwelakubo. Kulokho-ke – ebusheni bakhe wayethatha ngokuthi kufanele kukwazeke ukuthi abakholwa ngezinqubo ezahlukene, bahlalisane ngokuzwana njengomakhelwane esifundeni nasezweni linye; muva-nje uMartin Luther ubesebona ukuthi bonke bakhonze nganqubo-nye, babebandla-linye.

Umlobi:
Awazondela awazondisisele khona amaJuda uMartin Luther ukuthi awafuni ukwamukela uJesu „wakhe“ njengoMesiya. Imikhankaso yakhe yonke yokuthi ashunyayezwe, aphenduke, amaJuda yayisiyaphelela eze.
Kusenjalo-nje sekushona „uNokukhanya“ wakhe, indodakazi ayeyithanda kakhulu, uMadwaleni [uMagdalena], ngowe-1542 iseneshumi nantathu-nje leminyaka yobudala. UMartin Luther sabanzima kakhulu leso sililo kuze kube sekwedluleni kwakhe emhlabeni eminyakeni emine elandela lapho. Namuhla sesingathi wayesenolaka nenkani yobudala nòma-ke lokho kungesiso isinxepheziso enzondweni nasenhlambeni yakhe kwabeNkolo yobuJuda.
Le ncwadi yakhe eshoshozela uthuthuva yangonyaka we-1543 yashicilelwa kambalwa-nje, yayingakaziwa kakhulu esaphila. Kanjalo nasesikhathini esingamakhulu amathathu eminyaka eyalandelayo. Ngokumangalisayo uMartin Luther enkathini eyalandela lapho [1800-1900] wathola abalandeli ababemazisa kakhulu ikakhulukazi emaJudeni ayevumelana nezombuso wentando yeningi [republicanism] nangemibono evulekele inqubekela-phambili [liberalism]. UHeinrich Heine mhlawumbe ungomunye wababaziswa kakhulu kulabo. Kungenzeka ukuthi bonke laba babengazazi izincwadi zakhe ezazigqugquzela ukuthi amaJuda azondwe, ahlukunyezwe, …? Babezazi, kusho uMlobi noMshicileli uMicha Brumlik: Babezazi lezo zincwadi, beziziba.

UMicha Brumlik:
Babevaleké amehlo, bekhohlisekile, becabanga ukuthi uMartin Luther uyingqalabutho kwabavulekele inhlalakahle nenqubekela-phambili emphakathini, okwakungafanelani neze nje-ke naye, njengoba sizizwele-nje nathi: Uthi konke abakwenzayo kufana nendelelo koPhezukonke. Osho njalo ngeke wamthatha njengengqalabutho kwabavulekele inhlalakahle nenqubekela-phambili emphakathini nanini nanini. UHeinrich Heine ngingamxolela kulokho ngokuthi kungenzeka ukuthi kuMartin Luther wayebona umcubunguli nomhlaziyi ongungqeqe kwezoLwimi (…) Kwabaningi abanye ababengamaJuda kwelaseJalimane ngalezo zikhathi kuyadabukisa ukuthi babeziziba izigqinamba eziningi ikakhulukazi ngoba bezama ukusheshe bemukeleke [badedelwe bangene kulo mphakathi obaqhukulushayo] (assimilation).

Umlobi:
Imibhalo kaMartin Luther efafaza inzondo negqugqumezela ukuhlunyezwa kwamaJuda ivunjululwé yanikwa ishashalazi elisha ngokungena kwabombuso wobandlululo nendluzula wobuNatsi [Nationalsozialismus/Nazismus] – ikakhulukazi lombhalo othi „AmaJuda namanga awo“. Kwababekhuthalele ukuwufafaza lo mbhalo kwakunoSolwazi kwezeNkolo ngokwaseLuthela njengoMbhishobhi waseLuthela esiFundazweni saseThüringen, uMartin Sasse. NgoNovemba kowe-1938, emasontweni amabili-nje emva kokuhlaselwa kwamaJuda kuzwelonke nokushiselwa amakhaya nezindlu okukhonzelwa kuzo [okwakugqugquzelwe ngabaphathi bombuso wamaNatsi], uMbhishobhi uMartin Sasse wagxoba wasakaza incwajana enesihloko esithi „uMartin Luther namaJuda: Awashabalale/Awanyamalale!“. Yagxotshwa yasakazwa vabayikhulu lezinkulungwane [100.000] leyo ncwajana. UMbhishobhi uSasse wayebhalé wathi lapho:

[Funda: uMartin Sasse, „uMartin Luther namaJuda: Awashabalale/Awanyamalale!“ (1938)
„Kulo mzuzu ake kuzwakala izwi lensizwa eyathi njengomphrofethi wamaJalimane ezikhathini eziphambili [1500-1600] ngenxa yokungazi yaqala ngokuba ngumngani wamaJuda, okwathi lapho isiqhutshwa ngunembeza nangolwazi nangesimo emphakathini eyayiphila kuwo, yaphenduka yaba ngubhongoza kwabazonda amaJuda ngalezo zikhathi – inhlabamkhosi, umxwayisi wesiZwe ngamaJuda.“

Umlobi:
Ukukikizelwa nokushoshozelwa kwengqondo yobuNatsi [Nationalsozialismus/Nazismus] ngale ndlela kanye nemibhalo kaMartin Luther kuwumthwalo onzima emahlombe eBandla laseLuthela. ISinodi leBandla labeNkolo ngokweNqubo yeNguquko kwelaseJalimane [Evangelische Kirche in Deutschland, EKD] iyakubona lokho, ikuchaze ithi „[lena] yindima elokhu ingakaphethwa yokuthi amaSonto afunde ekwehlulekeni kwawo maqondana nobuJuda“. … Le ndlela yokulubeka lolu daba siyicaphuné kulo mbiko ebesesikhulumé ngawo ekuqaleni osihloko sithi „uMartin Luther namaJuda“ owethulwé yiSinodi le-EKD zili-11 kuNovemba nonyaka. Lo mbiko unamaphuzu alishumi nane. UNolwazi kwezoMlando wezeNkolo eBerlin uDorothea Wendebour akavumelani nalo lonke iphuzu elilapho:

UDorothea Wendebourg:
Engikuthola kuwukwehluleka okukhulu [kulo mbiko] yilapho kuthiwa khona: „Inhlamba nochuku lukaMartin Luther emaJudeni ngokwengqondo yethu ngokwanamuhla kuphambene nenkolo koPhezukonke.“ Akusikho-nje „ngokwengqondo yethu ngokwanamuhla“. Ngingathi lapho, kwangalezo zikhathi eziphambili [1500-1600] kwakuphambene nenkolo koPhezukonke lokhu okusemibhalweni yonyaka ka-1543. Ukuhlanekezela umlando ngale ndlela angivumelani nakho.

Umlobi:
Uzakwabo eGöttingen, uThomas Kaufmann, uthikaziswa ikakhulukazi yiphuzu lesine:

UThomas Kaufmann:
Hhm, uma ngikhuluma iqiniso, yileli kuphela-nje iphuzu engilithola liwumbhedo: „Esikhathini esandulela uMkhosi wokuNgena kweNguquko kwezeNkolo [Reformation] singewushalazele umlando weziphambeko zethu.“ Hhm, naseminyakeni emibili emva koMkhosi singewushalazele! Lolu daba sinqwamana nalo njalo – noma kunoMkhosi noma kungenaMkhosi. Ngakho-ke lokhu kudalula ukuzikhukhumeza okungenamqondo-nje, sengathi kuthiwa: E! Sifisa ukuzezenzela `iphathi´ [party] emnandi, sizijabulise, ngakho-ke asikhulume nje-ke nangalezo [zedlule].

UDorothea Wendebourg:
Nje-ke. Ingani phela lokhu kushiwo kuphindelelwa emalungiselelweni aloMkhosi, kuthiwa: „Ningagubha kanjani umkhosi kukho konke lokhu uMartin Luther akushoyo?“ Kungakho-ke i-EKD isiqhamuka ngokuthi: „Asiwuqhelise lo mthwalo [oyisithikamezo]!“

Umlobi:
„Ukuqheliswa kwalo mthwalo“ ngaphambi koMkhosi ngonyaka we-2017 sengathi akuzukuba lula. IBandla labeNkolo ngokweNqubo yeNguquko kwelaseJalimane [Evangelische Kirche in Deutschland (EKD)] sengathi loMkhosi wokuNgena kweNguquko kwezeNkolo ifuna ukuwugubha njengeNdumezulu kaWonkewonke, nòma oSolwazi noNolwazi abanjengoDorothea Wendebourg noThomas Kaufmann kade belokhu bekhuza, bexwayisa kulokho. I-EKD yesekwa ngabepolitiki nabomnotho: Bathi „uLuther yimboni [sidla ngaye]!“ [„Luther sells“]. Ithunzikazi ebusweni balomholi kwezenkolo – ikakhulukazi uchuku nenzondo kwabangamaJuda – balibona lingathikazisa igama elithi „Luther“-nje kuphela. KuseBandleni labeNkolo ngokweNqubo yeNguquko kwelaseJalimane [Evangelische Kirche in Deutschland (EKD)] ukuthi bakusukumele, bakukhuthalele ukuhlela ngemfanelo nangokuzwakalayo ukuxhumana kwabo noMartin Luther.
*
Umtapo: „Schwere Bürde für die Kirche. Luther und die Juden – eine Podiumsdiskussion“, in: Norddeutscher Rundfunk – Religion und Gesellschaft, Glaubenssachen, Sonntag, 22. November 2015, 08.40 Uhr, http://www.ndr.de/ndrkultur/epg/Schwere-Buerde-fuer-die-Kirche,sendung451890.html

Oyihumushele esiZulwini: nguBheni wakwaKhumalo eBaQulusini oseViyweni leziKhuthali oBanjiswaneni lokuHumusha nokuBhala kabusha iBhaybheli ngesiZulu: biblia zuluensis .

Imibono nemibuzo: 0 »