NGAMAKHOLWA LA – ngokusho kwawo*;

20.04.2016
NGAMAKHOLWA LA – ngokusho kwawo*;

 

aseswenkile aseconsa ngeSonto,
egabiselana, ehlabekisana ezinkonzweni.
Emithemelezweni yemikhuleko yawo,
– oNontandakubukwa –
adumisa amkhonzayo ngesabelo sawo:
Abacindezeli, oKhayakhulu.

AmaKholwa –
Izigqili zawo zikhonza kwelinye iBandla
lapho zishunyayezwa khona
ukuthobela nokudumisa ababusi bazo!

AmaKholwa –
azidabulela aphisane ngokubona
umhlaba kaSmakade nezilwandle zonkana
azisikele kwelinonileyo ngokuthanda.
Okuncane okusalayo
kucozululelwa iningi
elingenamkhulumeli – izintandane
okuthiwa azeneliseke ngekushiyelweyo.

AmaKholwa –
awanaxhala ngababhubhayo nababulawayo,
abaphelel‘ ezeni njengezithukuthuku nenzalo yabo
nabadingiswayo – abaxoshwayo
ezweni abalithandayo!

AmaKholwa –
ingabe ayoyemukela kanjani iNdodana yoPhezukonke?
Kuyofanele iyobhalisa `ePasi-Hhovisi´?
Kuyofanele iphoqelelwe ukwamukela “ubuzwe” obuthile kumazisi wayo,
bese – isiphoqelelwe “ebuzweni” obuthile –
iboshwa, igqilazwa ngenxa yentshumayelo yayo
ethi uThando alunamkwawulo, alubandlululi ngisho nangebala
umuntu ngumuntu ngabantu?

AmaKholwa –
axosha abashumayeli nabefundisi besenkonzweni yoPhezukonke;
ayoke angabaze ukushaya umthetho
owehlulela iNdodana yoPhezukonke okwephekula-zikhuni?

*lena yinkondlo ethathwé emqulwini kaJames Matthews noGladys Thomas osihloko sawo sithi „Cry Rage“ owashicilela ngowe-1972 eGoli, wahunyushelwa esiJalimanene nguAnnelise Rutkies ngowe-1975 eKassel/eJalimane, wawunika isihloko esithi Schrei deinen Zorn hinaus, Kind der Freiheit. Verse aus Südafrika“, osuhunyushelwa esiZulwini nguBheni wakwaKhumalo waseBaQulusini ngowe-2016.

Imibono nemibuzo: 0 »