Nzalo yeNkululeko*,

20.04.2016
Nzalo yeNkululeko*,

Nzalo yeNkululeko*,
kunini wawucindezelwe!
Memeza, uklabalaze, ukhuz’ umhlolo!

Sondela uzithathele ilungelo lakho!

Awusabeleselwe muntu okuphoqelela
ukuthi unqonqothe emnyangweni ongemuba.

Akusekho mthetho okubandlululayo ezitimeleni
Ongakuphoqela ezikolweni ezinobandlululo
okufundwa khona kuguqwe phansi.

Imifula yakwelakithi, izintaba
nogu lolwandle ngolwakho,
awusenqatshelwe khona.

Klabalaz’ ukhuz’ umhlobo, Nzalo yeNkululeko!

—-

*lena yinkondlo ethathwé emqulwini kaJames Matthews noGladys Thomas osihloko sawo sithi „Cry Rage“ owashicilela ngowe-1972 eGoli, wahunyushelwa esiJalimanene nguAnnelise Rutkies ngowe-1975 eKassel/eJalimane, wawunika isihloko esithi „Schrei deinen Zorn hinaus, Kind der Freiheit. Verse aus Südafrika“, ISBN 3-921436-00-I, osuhunyushelwa esiZulwini nguBheni wakwaKhumalo waseBaQulusini ngowe-2016.

ungabheka nalapha futhi  >> isiZulu/Deutsch

Imibono nemibuzo: 0 »