washay’ utshani uJakobe

19.02.2014
washay’ utshani uJakobe

uGenesisi 28

Wayelokhu engakaxoli uEsawu kulobu buqili ayebenzelwé ngumfowabo uJakobe. Wamsongela wathi uselindé-nje kusithele ikhehla elinguyise, aziphindisele.

Kwabe akakuzwile lokho unina, uRibheka, wabiza uJakobe, wamdonsa ngendlebe, ethi: „Wafa! Umnewenu uyakusongela, ufuna ukuziphindisela, akubulale. Lalela- ke, wenze njengoba ngikutshela: Baleka uqonde eHaran kumnewethu uLaban. Quba khona ucashisise uze uzwe ngami ukuthi usungabuya!“

Kwaba ùkweqa kwakhe-ke lokho uJakobe eBhersheba, eqondé eHaran. Kuthé sekuhwalala, wabona kungcono ukuthi asale esephumula, acambalale, kuleyo ndawana ayeficwé kuyo ùkuhlwa. Ematshananeni ayelapho wathatha lalinye, waqamela kulo.

Ephusheni usebona elide ilele leli, eliye liyothinta esibhakabhakeni phezulu! Izigijimi zasezulwini – izingelosi – ziyehla ziyenyuka. Nango noSmakade emi kulo, ethi: „NginguSmakade, uNkulunkulu woyihlomkhulu, uNkulunkulu kaAbhraham, uNkulunkulu kaYisaka. Lo mhlaba ophumule kuwo ngiyowabela inzalo yakho. Izizukulwane zakho ziyokwanda zibe ngangothuli lomhlaba, zenabe zifinyelele emagumbini onke omhlaba. Ezizweni zonke zomhlaba kuyothi uma abantu befiselana inhlanhla nempumelelo, bathi: `Sengathi iNkosi ingakubusisa njengoJakobe nenzalo yakhe!´ Ngiyokuvikela ngikuphephise, nakuphi nakuphi lapho uya khona ngikulondoloze, ngize ngiphinde ngikubuyisele kuleli zwe uphephile. Angiyukukwenzela phansi. Ngiyokufeza konke engikwethembisa khona. »

Phaphamiyane uJakobe! „Kwakhé uSmakade, iNkosi, kule ndawo; ngingazi-nje mina! Osondela lapha kufanele asondele ngenkulu inhlonipho! Angiqambi manga: Kusenxiweni likaSmakade lapha – emasangweni ezulu!“

Ekuvukeni kwakhe ngakusasa, wathatha leli tshe ayekade eqamele kulo, waligxumeka, waliphasa ukuze libe yisikhumbuzo, wayeseliconsisela ngoketshezi lwamafutha ayewaphethe okuluphawu lokudumisa uSmakade. Le ndwao wayetha igama elisha, iBhethel; yayikade yaziwa ngokuthi kuseLuzi. Usefunga-ke uJakobe ethi: „Uma uNkulunkulu engixhasa, engilondoloza nakule ndlela engikuyo, uma engondla, angembese aze angibuyisele ngiphephile ekhaya, sekuyoba nguyena kuphela onguNkulunkulu wami. Leli tshe engiligxumeké ukuba libe yisikhumbuzo, liyoba yinxiwa lakhe. Kukho konke angipha khona, ngiyothatha okweshumi ngizikhonzele ngakho kuye.“

Imibono nemibuzo: 0 »