uJakobe ushikashikana noNkulunkulu izibhodongo

19.02.2014

uGenesisi 32

Kwamabili wavuka uJakobe, wathubelezisa umuzi wakhe wonke ngomnyama, wayowuwelisa enhlana nomhoshana iYabhoki: Bobabili abafazi bakhe nesithembu sonke namadodana onke ayishumi kanye nemfuyo – wabawezela emazibukweni angaphesheya bephephile. Wasala yedwa-ke manje.

Nqwamaniyane nomlisa othile! Dididi. Kwaba ùmshikashika ubusuku bonke! Kwathi uma ebona ukuthi nakhu kuzoze kuse bebambene, wayesemvuthela ngesibhakela esihoxeni esisenhla kwenyonga, wamthena amandla: “Ngidedele bo; nakhu sekusile!” Phinde! Wema-nje ekutheni uJakobe: “Ngibusise kuqala ngaphambi kokuba ngikudedele!”

Usebuza-ke lo mlisa: “Ngubani igama lakho?” Usemphendula uJakobe, ethi: “NguJakobe!” Usethi-ke lo mlisa kulokho: “Sengikwetha elinye-ke manje, osuyobizwa ngalo nangomuso. Ùlwé nabantu, washikashikana noMvelingqangi, wagcina unqobile! Usuyobizwa ke ngokuthi unguIzrayeli!”

“Elakho-ke lona igama lithini?” kubuza uJakobe.
Wenqaba ukulisho.

Wambusisa.

“Ngibonané noNkulunkulu ubuso nobuso, ngedlula ngaphila!” kuzibabazelela uJakobe kulokho.

Useyibiza-ke le ndawo ngokuthi kusePhenuweli.

Ngokuphuma kwelanga wasuka-ke lapho, kungahambeki kahle ngenxa yezidubulu ngasenyongeni. Wawelela phesheya kweYabhoki.

Imibono nemibuzo: 0 »