unya nobubi wabuguqula uSmakade, waveza ubuhle nenhlanhla

20.02.2014

uGenesisi 50

Uthé engafa uyise, baqala-ke manje abanewabo bakaJosefa ukuba mehlawana, benqena ukuthi uJosefa usezokhipha isibhongo, aziphindisele kulobu bubi ababemenzé bona. “Mhlawumbe usasibambele igqubu nanamuhla lokhu!”, besho befunisela.

Sebesondela kuye-ke bemncenga, bethi: “Ubaba wasiyala ngaphambi kokuba asishiye, wathi: `Zishwelezeleni kuJosefa, nimncenge, anganijezisi kulokhu enamenza kohna!´Silapha-nje manje; siyakucela: Xola, Mfowethu! Siyashweleza, siyazincengela egameni likaSmakade uNkulunkulu kayihlo nathi esimkhonzayo!” Zehla izinyembezi nakuJosefa!

Bamkhothamela baze bazibhuqabhuqa othulini, bethi: “Siyazinikela: Sesiyizigqili zakho!”

UJosefa waphendula wathi: “Ningesabi, Bafowethu! Ngeke ngisiguqule isinqumo sikaNkulunkulu. Kuyiqiniso ukuthi nangenzela unya nobubi obuphindiwe, nisophé ungenza isilo sengubo; kodwa uSmakade wakunqanda konke lokho, wakuguqula, waveza ubuhle nenhlanhla ngoba ehlosé ukuhlenga impilo yabaningi ngalokho. Ningesabi-ke, Bakwethu. Ngiyoqhubeka nginondle, ngininakekele – nina nabantwabenu.” Wabaduduza, wabamisa idolo.

Wahlala nabo-ke eGibhithe uJosefa bonke abomndeni wakwabo. Wakhula waze wahlanganisa owekhulu neshumi, wagona abazukulu babantwabakhe. Abazukulu bendodana yakhe uEfremu namadodana omzukulu wakhe uMakhrii, indodana kaManase, azalea-nje usadla amabele!

Kuthé-ke naye esebona ukuthi amandla aya ngokufinyela, wanxusa abafowabo, wathi: “Sengizonishiya mina. UNkulunkulu yena akasoze anilibala. Uyoba nani njalo aze anibuyisele niphephile ezweni alethembisa okhokho benu oAbhraham, noYisaka noJakobe. Amathambo ami seniyowaqoqa-ke nihambe nawo.”

Bamethembisa lokho abafowabo. Washona. Isidumbu sakhe sagqunywa ngamakhambi avikela ukonakala, saliswa ebhoksini khona lapho kwelaseGibhithe.

Imibono nemibuzo: 0 »