intshisekelo yaya ngokudamba; satheleka isijeziso

20.02.2014

uNumeri 13 no 14

Ekusukeni kwasentabeni yaseSinayi isizwe sakwaIzrayeli saya ngokusondela “ezweni lesethembiso”. UMosi wathumela izigijimi eziyishumi nambili ukuthi ziyohlola umnotho wezwe nobuningi namandla ezakhamizi zakhona. Izinhloli zabuya zithwele amahanananda nemikhiwane namahluzu omvini amakhulu kangangokuba kwakudingeka kuthwaliswane – amadoda ngamabili ngobhoko elwetshethe ehlombe.

Zambikela-ke uMosi izinhloli, zathi: “Silithungathe lonke salihlolisisa izwe obusithume kulo, sazibonela: Nebala, alifelwa-nkonyane; ubisi ngamanzi okuphala izikhumba, uju yiziduli zabasali! Awubheke-nje izithelo zakhona. Isizwe esakhe khona kodwa sikhulu, sinamandla; namadolobha akhona makhulu, abiyelwe. Kunamazimuzimu!”

UKhalebhu wabanika umdlandla, ebamisa isibindi, ethi: “Suka lapha! Singabanqoba thina noma kunjalo! Singomashaya-abhuqe thina!”

Zamphikisa nokho ezinye zezinhloli, zithi: “Phinde! Banamandla amakhulu kunathi; asisoze sabehlula!”

Bashabasheka, becebisana ubusuku bonke abakwaIzrayeli. Abanye baqala manje ukubhebhezela, bandisa umbono othi: “Asikhethe umholi omusha asiphindisele emuva eGibhithe!” INkosi yase ithi kuMosi: “Kuyoze kube nini ngeyiswa yilaba bantu?! Zingaki izimangaliso ngibenzela zona; abangethembi nanamuhla lokhu!

Ngizobehlisela imfluyenza (umbulalazwe), ibashaye ibaqothule; wena-ke usuyoba ukhokho wesizwe esisha esiyoba sikhulu kakhulu kunalesi!”

Wakhuza uMosi, ethi: ”Bayothini abaseGibhithe uma sebezwa lokho? Babona ukusophula kwakho lesi sizwe olakeni lwabo, wasikhulula ngamandla akho, wasihola waze wasifikisa lapha. Ziyothini izakhamuzi zezifunda ezisizungelezile? Ziqeda kuzwa-nje ukuthi wena Nkosi uphakathi naphakathi kwesizwe sakho, uhambisana naso, nokuthi waziveza wena luqobo lwakho isizwe sazibonela sazizwela, nanokuthi ifu lakho lisengamele, uyasihola imini nobusuku – emini njengensika yefu, ebusuku njengensika yomlilo. Uma-ke manje ususibhubhisa lesi sizwe, lezi zizwana ebezilokhu zizwa ngawe zizovele-nje zithi: “Hho! Uphelelwe ngamandla. Ugcine ehlulekile ukubahola aze ababeke kuleli zwe ayebethembise lona; yikho-nje eseyobabulalela ehlane!´ Nkosi, veza ubukhulu bamandla akho ngathi. Ingani wawushilo-nje, wathi: `Ngiyabekezela; olwami uthando alunamkhawulo; ngiyaxola ngithethelele ngiphindelela. Iziphambeko nokho angizikhohlwa; ngijezisa abazukulu nabantwana babantwana babo ngeziphambeko zokhokho babo.´ Ngenxa yobukhulu bokulunga kwakho xolela isizwe sakho iziphambeko zaso. Ùbusixolela sonke isikhathi lesi selokhu kwasukwa eGibhithe!”

INkosi yamphendula uMosi, yathi: “Sengizobaxolela nje-ke ngoba ngincengwa nguwe. Kodwa-ke ngiyafunga ngiyagomela, ngithi: Lesi sizukulwane asiyukungena ezweni engalethembisa oyisemkhulu. Emva kokuba sesibone zonke izimanga esengisenzele zona namandla nenkazimulo yami eGibhithe nasehlane, asideli ukuqhubeka singitetemela, singivivinya, singichukuluza. Akukho namunye walabo abangeyisayo oyolugcobha-nje unyawo lwakhe ezweni enginethembise lona. Yinceku yami uKhalebhu kuphela-nje engiyoyihola ngize ngiyibeke kulelo zwe abebeyolihlola; izizukulwane zakhe ziyokwakha khona. Wehlukile yena kwabanye; uyalalela kanti futhi wethembekile kimi, uyangazisa. Kusasa phendukani, niphindele ehlane – olwandle (olubomvu)!”

Kuthe uma uMosi esebabikela isinqumo seNkosi, babalisa, bezikhalela. Ngakusasa bavuka bazilungiselela ukuluqhuba uhambo, bathi kuMosi: “Sesizimisele manje ukuyilalela siyihloniphe iNkosi, siqonde ezweni lesethembiso. Bekungekuhle lokhu esikwenze izolo.”

Wakhuza uMosi, wathi: „Nenziwa yini kodwa ukuthanda njalo ukuphikisana nenikutshelwa yiNkosi? Niyozisola, ngiyanitshela! Lalelani lapha: Nqandekani, ningaqhubeki nalolu hambo; iNkosi ayizukuhambisana nani. Izitha zizosina zizibethele-nje lapha kini. AmaAmeleki namaKhenani ahlomile, alindele-nje ukuthi nilokothe nithi niyawahlasela, kuvalwe ngehlahla! Nidlubulundele, nafulathela iNkosi; ningacabangi ukuthi izonelekelela!“

Kwasekungathi uzishaya ngendlebe etsheni nje uMosi; basebezimisele ukuqhubeka, bahlasele. Wasala uMosi, akahamba nabo; nomphongolo wesivumelwano wasala enkanjini. AmaAmeleki namaKhenanai ayakhe lapha kwelezintaba athululekela phezu kwabo, abaklubha, abaxosha aze ayobafica eHorma.

Imibono nemibuzo: 0 »