uMosi nokuphela kwesikhathi sakhe

20.02.2014

uDutheronomi 31 no 34

Ekugcineni kohambo ehlane uMosi usemi nesizwe sakwaIzrayeli maduzane-nje nasemabaleni ezwe lesethembiso; kodwa-ke naye kuthiwa akaseyukufinyelela khona ngenxa yokungabaza okuthile ake abanakho esikhathini esiphambili. Usesidonsisisa ngendlebe okokugcina isizwe ukuthi simlalele, simazise uNkulunkulu.

Uthé-ke uMosi esesikhokhele wasiyala egcizelela isizwe sakwaIzrayeli, wayesethi: “Sengihlanganise unyaka wekhulu namashumi amabili wobudala; ngeke ngisaqhubeka nani manje. Nangaphandle kwalokho-nje, iNkosi ibisingitshelile yathi: `Uyawubona umfula iJoldani loyaya? Ngeke usawuwela wena!´ Nina-ke kodwa izonihola, iniweze iNkosi, uNkulunkulu wenu. Uyozinqoba yena izizwana zakulelo zwe ukuze nilithathe, kube ngelenu. INkosi isibeke uJoshwa ukuthi anihole, aniwezele khona. Iyozinqoba izibhubhise izizwana lezo njengoSihoni noOg, amakhosi amaAmori. Uyozibeka ezandleni zenu izizwana lezo, nisine nizibethele njengokomyalo enawunikwayo. Ningesabi! Nime nje isibindi, nenze enikuhlosile ningathikaziswa muntu! Ningabesabi! INkosi, uNkulunkulu wenu, iyobe ilokhu iqhubekile, ihambisana nani. Ayisoze inibukele, inenzele phansi.“
Wayesebiza uJoshwa esemyala phambi kwabo bonke ababekhona, ethi: “Qina idolo ume isibindi! Nguwe ozohola lesi sizwe usiwezele ezweni iNkosi eyalethembisa oyisemkhulu, yafunga yagomela yathi kuyoba ngelabo; liyokwabiwa nguwe. Iyoqhubeka ikuhole njalo iNkosi, ikuhlahlele indlela. Iyokuxhasa, ayisoze yakuyekelela. Ungesabi! Ungethuswa muntu!“

UMosi wenyuka esuka emathafeni akwelakwaMowabhi, wenyukela entabeni iNebho esempumalanga neJerikho. Yayisimkhombisa ke iNkosi lonke izwe: imimango yakwelakwaGiliyadi kuze kuyoshaya kwelakwaDani, lonke elakwaNaftali, imimango yelakwaEfrayim nelakwaManase nesifunda sonke sakwaJuda kuze kuyoshaya olwandle entshonalanga, kanye nezwe eliseningizimu namathafa omfula iJoldani kusuka emzini wamasundu iJerikho kuze kuyoshaya eZowa. Wathi uNkulunkulu kuMosi: „Yilo-ke leli zwe engalethembisa oAbhraham noYisaka noJakobe, ngafunga ngagomela ngathi: `Ngiyolipha izizukulwane zenu!´ Usulibone ngawakho-ke namuhla noma ungeke usafinyelela khona.“

Washona-ke uMosi, inceku kaNkulunkulu, kwelakwaMowabhi njengesifiso seNkosi. UNkulunkulu wazingcwabela yena ethafeni eliqondene naseBethi-Phegor. Kuze kube namuhla lokhu ithuna lakhe alaziwa.

Imibono nemibuzo: 0 »