UMbusi wondla isizwe sakhe ehlane

31.10.2014
... usithethelele iziphambeko zethu!

UMbusi wondla isizwe sakhe ehlane

uEksodusi 16

(Nasekuqhubekeni kwendlela, uNkulunkulu lokhu ehamba naso izizwe sakhe. Ubusuku nemini uyasihola, siyamlandela – njengefu emini nanjengensika yomlilo ebusuku.  Ngisho nasehlane uyasondla; ethi ekwenza konke lokho, abe esivivinya ekukholweni nasekumlaleleni kwaso). 

Kuthé kusuka, sasesibaphendukela oMosi noAroni isizwe ehlane, sikhononda, sithi: “Kwakuyoba ngcono ukuba wávele wasibulalela khona eGibhithe uNkulunkulu wenu lo! EGibhithe sasibusa; inyama kuyiziduli zabasali – siyidla size siyibuke!  Singasayiphathi ke eyezinkwa – umdina-nja!  Senisuka ke nina nisiyenga, nisiholela ehlane, nizosibulalisa ngendlala lapha!”

OMosi noAroni bamane bema nje kwelokuthi:”Nizozibonela nina ke namuhla kusihlwa ukuthi nguNkulunkulu uqobo owanikhipha kwelaseGibhithe. Kusasa ekuseni nizobona inkazimulo yeNkosi.  Ukukhononda kwenu usekuzwile.  Yebo, uzwile. Niqondisé kuye njengoba nithetha nje.  Anithethisi thina, nithethisa yena. Thina siyizithunywa ezenza lokho akushoyo.”

Nebala, ngokuhwalala kwaqhamuka amathendele, endizela phansi, aze ayophumulela emabaleni enkambu abakuyo. Bawayeka?

Ngakusasa kwasa kulele amazolo enkanjini yonke jikelele. Ngokuphakama kwelanga, kwathi amazolo esehwamuka, kwasala uhoye lwezinhlamvana ezimhloshana yonke indawo le.  Babeqala ngqa abakwaIzrayeli ukuyibona lento; babuzana ukuthi ngabe yini lena.  (“Man hu?” yisiHebheru – okungukuthi “Yini le?”)  Wabachazela ke  uMosi, ethi: “Yiso ke lesosinkwa iNkosi enipha sona ukuze nidle.  Iyaniyala ke, ithi: `Zibutheleni okuningi kangangoba nalowo nalowo ekundinga ukuze asuthe. Niqongise imbemge umuntu ngamunye.  Obuthela umuzi wonke, abuthe kuthi xaxa ukuze benele bonke.´”

Baphuma, bagcwala igceke abakwaIzrayeli, bephangelana, bebutha uhoye okudliwayo. Lwakumhlophe njengophuthu, lumnandi njengoju.

Babuya bethwele ngokwehlukene; abanye kakhulu, abanye kancane. Bathé sebekuthulula, bekukala, babona ukuthi yilowo nalowo ubuthé ngangesidingo sakhe.  Wagcizelela uMosi wathi: “Ningagodli lutho nithi nilubekele ikusasa!”

Abanye ke nokho abamlalela, bazithukuzela okuncane, befihlela ukuzidlela ngakusasa; kwasa sekonakele, kunezimpethu. Kwamthukuthelisa lokho uMosi.

Nsuku-zonke yilowo nalowo wayeseyaye abuthe okwanele ukuthi kudliwe, kusuthwe okwangalelo langa. Ngokuphakama kwelanga kwakuncibilika konke okwakusele.  AbakwaIzrayeli bacina sebekubiza ngokuthi yimana.

 

 

Imibono nemibuzo: 0 »