Agcina ekhululekile amaIzrayeli ebugqilini

31.10.2014
sagcina sikhululekile isizwe ebugqilini

Agcina ekhululekile amaIzrayeli ebugqilini

uEksodusi 11 no 12 

(Ngenxa yokwenqaba kukaFaro ukudedela abakwaIzrayeli bakhululeke, uNkulunkulu wasijokojela isizwe saseGibhithe, wasehlisela ubunzima nokuhlupheka iziwombe zilandelana eduze: Amanzi aphenduka igazi, bahlaselwa yimikhuhlane nayisikhonyane namaselesele, izulu labhoka ngesichotho, kwahlwa emini umnyama wabopha phezulu. Kuthé ke uFaro nakho konke lokho engakushayi mkhuba, uNkulunkulu wathumela esebikezela ubunzima obulandelayo – okwasekuyoba ngobokugcina ke lobo). 

Usethi ke uMosi kuFaro: “INkosi ingithuma kuwe, ithi: `Ngizosuka phakathi kwamabili ngithi ukuhambahamba kulo lonke elaseGibhithe.  Kuyosala kulele ucaca lapho ngedlulé khona: izibulo likaFaro, indlalifa yakhe okwethenjwé ukuthi yiyona futhi eyothatha umbuso emva kwakhe, kuze kuyoshaya phansi ezibulweni lomntukazana ophanda amazala – bayosala befile;  nasemfuyweni ngokunjalo. Kuyokhihlwa isililo esingakaze sibekho kulo lonke elaseGibhithe – esingasoze sibe khona futhi.  Bayozisalela bemsulwa nje, bephephile abakwaIzrayeli kukho konke lokho; nemfuyo yabo ayikuthikwaziswa lutho.  Lokho kuyokukhombisa ukuthi mina nginomahluko engiwenzayo phakathi kwabaseGibhithe nabakwaIzrayeli.´”

Usenazezela ke uMosi ethi: “Iziphathimandla nezinduna zakwakho ziyophangelana zize kimi zingincenga, ziguqé phansi, zithi: `Hambani! Khululekani! Phumani niphele kuleli – nonke ngothi lwenu!´ Ukusa kuyokwaziwa yithi, sigcwale indlela!”

Waphuma uMosi wamshiya ethukuthele uFaro.

Isithi ke iNkosi koMosi noAroni: “Lalelisisani lapha ke: Le nyanga esiyiphethe sekuyoba yinyanga yokuqala onyakeni (ekubaleni kwenu).

“Memezelani nigqugquzele ukuthi yileyo naleyonhloko yomuzi kufanele ukuthi ngosuku lweshumi kule nyanga ibe isitholé izinyane lomhlabelo. Imizi emincane ihlanganiselane, ihlanganyele izinyane libe linye.  Kuboniswane ukuthi yilowo nalowo uzodla kangakanani ukuze kungasali lutho.

“Izinyane ke kungaba ngelemvu noma ngelembuzi njengokubona kwenu, kodwa ke kube ngeleduna, lingabi nasici.

“Sekuyothi ke ngosuku lweshumi nane kule nyanga lapho nje kuthi kuyahwalala, ahlatshwe ke amazinyane. Thathani ke igazi nichele ngalo kubonakale nxa-zombili eguseni nasogoqweni olinqumé phezu komnyango kuleyo naleyondlu okuyodlelwa kuyo izinyane lomhlabelo.

“Sekuyothi kungahlwa ke, yosiwe inyama, idliwe ishetshwa ngesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo. Ningalokothi niyipheke noma niyidle luhlaza; yoseni yonke iphelele nenhloko namangqina nezangaphakathi.  Niyidle nigabekeli ikusasa; esalayo niyishise.

“Uma senidla ke, lingisani isihambi esijahileyo ngisho nangendlela engigqoké ngayo. Nifake izingcabulela ezinyaweni, esandleni niphathe udondolo okomhambi. Dlanini ngokuphanga, nisheshise.

Lelo ke yiphasika lami, mina Nkosi yenu!”

“Ngalobo busuku ke ngiyolihamba lonke elaseGibhithe, ngibulale amazibulo – abantu nemfuyo ngokufanayo. Yiyona ndlela engiyozijezisa ngayo izithixo zakhona; nginguMvelingqangi  mina!  Igazi elibhecwe eminyango yezindlu zenu liyoniphephisa, liyoba yisihlangu senu.  Ngiyothi uma ngilibona, ngedlule; nisinde, ngiqhubeke  ngiyojezisa abaseGibhithe.  Seluyoba ùsuku lwesikhumbuzo lolo kini.  Izizukulwane zenu zonke ziyolugubha zingidumise.  Ùmyalelo engininika wona lowo eniyowugcina nini nanini.”

Phakathi kwamabili uNkulunkulu wawajuma wawabulala onke amazibulo aseGibhithe, kusukela endodaneni kaFaro, indlalifa yombuso wezwe, kuze kuyoshaya endodaneni yesiboshwa sikadilika-jele esingenabani, ngisho namazibulo emfuyo. UFaro neziphathimandla nondunankulu bakwakhe ababulalanga ubuthongo ngesililo esaqubuka sazamazisa izwe lonke kwesikabhadakazi. Akukho namunye umuzi womGibhithe okwakungadindilizé sidumbu kuwo.

Balandwa kusheshwa oMosi noAroni khona ebusuku njalo befunwa ùFaro. Wabanqumela ugwayi katiki nje ethi: “Phumani niphele kuleli – nonke! Hambani niyokhonza nihlabele inkosi yenu ehlane njengokwesifiso senu.  Thathani imfuyo yenu, izimvu izimbuzi nezinkomo, njengoba benihlosile. Phumani, hambani! Ningikhulekele nami bo!”

Kwaxozoma iGibhithe lonke lithi abahambe abakwaIzrayeli ngokushesha, “Hleze kubhubhe nathi!”

Gquzu, bakhululeka abakwaIzrayeli. Baphuma besuka eRamses baqonda eSukothi. Kwakuyizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha ezinsizwa – abesimame nabantwana bengabaliwe.  Baphumisana nabanye bezinye izizwe abasebebajoyinile, beqhuba imihlambi emikhulu yemfuyo. Badla isinkwa esivutshelwé ngenhlama engenamvubelo; ingani phela babephumé sebejaha kwelaseGibhithe, bengasenakulinda ukukhukhumala kwenhlama.  Kwakungasekho nasikhathi sakugaya mphako.

Imibono nemibuzo: 0 »