Unyawo alunampumulo

31.10.2014
unyawo-alunampumulo

 uGenesisi 42

1-2 Kuthé uma noJakobe kwelaseKhenani ezwa ukuthi balambé nje, ikhona impuphu namabele kwelaseGibhithe, waphendukela emadodaneni akhe ewagqugqumezela ethi: “Nalokhu nisakazé imibombo nje nina lapha, nilindeni? Anizwa yini ukuthi eGibhithe kukhona amabele, sivinjezelwe yisomiso nje thina lapha?  Phuthumani niyosithengela singaze sibulawe yindlala!”

3-4 Baluthatha ke abanewabo bakaJosefa uhambo olubheké eGibhithe – ishumi lezinsizwa. Kwasala uBhenjamini nje kuphela ekhaya, indodana yamagcino kaRaheli. Wamgodla impela nje ke uyise, akavuma ukuthi bahambe naye, enqena phela ukuthi angase naye avelelwe ngokubi. “Ukubona kanye ùkubona kabili!” kugcizelela ikhehla, lenqaba ligomela. 

5 Babebaningi ababekhishwé yindlala emakubo kwelaseKhenani; kuyimishungu ngemishungu nje eyayibophele, iqondé  kwelaseGibhithe.  Angena ahambisana nabo namadodana kaJakobe.

6-7 Bafika ke nabanewabo, bakhuleka. Uyababona uJosefa, bona kodwa abamboni ukuthi nguye.  Wayeseqhubeka nje enza sengathi naye akabazi. Wabaphathisa okwezihambi nje angazazi.

“Niliqhamukisaphi ke nina?” ebuza ngokuzigqaja.

“KwelaseKhenani! Sizozikhalela bo.  Sixoshwa ngumashaya-ndawonye!  Aké nisithengisele okuya ngasethunjini.  Safa!” 

8 Bakhuluma nje uyababuka uJosefa. Uyabona nokuthi lokhu bengaboni ukuthi bakhuluma nobani.  

9 Usekhumbula ke namaphupho akhe akudala nezincazelo zawo. Wabaphendukela, wabakhahla, ebaxozomisa, ethi: “Sukani lapha! Nithi nikhohlisa bani, nithi nizokwethekela? Niyizinhloli nina!  Amaphekulazikhuni!  Niyahogela, nihlolisisa ukuthi singahlaseleka njani kalula!” 

10-11 “Shwele, Nkosi! Asiqambi manga. Sizokwethekela. Sixoshwa yindlala. Siyizelamani.  Asisizo izinhloli. Singabantu abethembekileyo; amadodana asende linye!  Shwele, Baba!”

12 Waphikelela uJosefa ebaxozomisa, ebasola: “Nithi nihlakaniphile; izigebengu lezi! Nizofokisa. Nihlolisisa ukuthi ningasihlasela njani nisehlule kalula!”

13 Bancekuza beshweleza bencenga bethi: “Siyizinceku zakho, Baba. Sethembekile.  Siyizelamani. Ubaba wakhé kwelaseKhenani.  Sesisonke silishumi nambili.  Uthumbu usele ekhaya. Omunye wakwethu ke yena kudala ashona.”

14-15 Wema kulelo nje ke uJosefa: “Niyizimpimpi nina! Uma kuliqiniso lokhu enikushoyo, landani uthumbu lo enithi nimshiyé ekhaya, nimlethe lapha ngimbone.  Ngaphandle kwalokho, ngeke ngisanidedela!  Ngimfunge uFaro esaphila!

16 Akuhambe abe munye alande lo enithi usele ekhaya, kesibone ke ukuthi ayonifikisaphi lamanga enu! Ngimfunge uFaro esaphila: niyizinhloli nina, amaphekulazikhuni!”

17 Wagcina ethé abavalelwe estoksini.

18-20 Ngosuku lwesithathu wababiza wathi kubo: “Ngimkhonzé kakhulu uNkulunkulu mina. Lalelani lapha ke: Angifuni ukuthi babulawe yindlala emuva lapho niqhamuka khona. Uma ngempela ningabantu abethembekile njengoba nisho, shiyani abe munye wenu njengesibambiso lapha kimi, nihambe nonke nina abanye niphindele kini nokudliwayo.   Kuyothi ke senibuya nalo thumbu enithi usele, ngikholwe ke yilokhu enikushoyo, lupheze ulaka lwami, nginidedele nonke ngesihle.”

21 Bakuthakasela nokho lokho abanewabo.

Kuthe kusuka base bevukelwa yisazelo nje, beshaywa ùnembeza. Wezwa sebehhomuzela nje behlebelana bethi: “Lobu bunzima esibuzwayo ùngathi bukhokhisa isibhongo ngobubi esabenza kumnawethu loyaya uJosefa osewaduka nezwe.  Niyakhumbula?  Kwathi nòma esekhala ezincengela, asakushaya mkhuba konke lokho.  Washweleza ezikhalela, lutho ukuba simnake! Kubuya izimpendulo.  Sekuyithi namuhla esetshwelezwa sizwiswa ubuhlungu!” 

22 Wabakhumbuza kulokho uRubeni wathi: “Nàla naphetha nginincenga ngithi: `Ningalokothi nimbeke isandla umfana!´ Kumnandi ke lokhu namuhla? Okukhulu kuseza; niyongibuza ningiphale ulimi!”

23 Bakhuluma nje lokhu bengakaboni ukuthi lo Josefa abakhuluma ngaye nguye lo ababhekene naye manje. Bayazihhomuzela bayaqwagayisana,  abasoli nakusola ukuthi uJosefa lo angase ayiqonde inkulumo yabo.  Ingani phela sonke isikhathi lesi uyahunyushwelwa uma ekhuluma nabo, wenza sengathi akabazi.

24 Uthé esuka wayefikelwa yizinyembezi uJosefa, ekhala eze eshaywa yisibibithwane.

Wathi ukusithela kancance. Uthé esebuya nezinceku zakhe,  wadumba wamunye phakathi kwabo, uSimyoni, bamfaka ozankosi, bamqhuba.  25Wayesethi ezisebenzini zakhe azigcwalisele lezi zihambi zaseKhenani imithwalo  yempuphu nekakolweni bese kuthi imali ezikhokhé ngayo ithukuzwe khona lapho esakeni ngalinye, ivalelwe phakathi.  Wathi abenzelwe nomphako. 

26 Basikizela ke abafowabo nemithwalo yokudla nezimbongolo zabo amabombo sebewabhekisé ekhaya.

27-28 Sekuthi sebebuqanyanyana nje, sebehlaba ikhefu. Usethi omunye wabo eqhaqha umthwalo ukuze acaphunele izimbongolo kezidle, usethola le mali abekhokhé ngayo!  “Hhowu, aké nibheke: Lokhu okungumGibhithe kubuye kwangibuyisela yonke imali ebengikhokhé ngayo!  ”  esho ekhombisa abafowabo.  Dlengelele.  Bazibuza beziphendula: „Ingabe oPhezukonke usopheni ngalokhu?“

29 Kuthé uma befika kuyise eKhenani, bamkhinikela zonke izigigaba zohambo lwabo.

30 „Nalo mphathi-mandla wakhona ubengasesasele neze! `Niyizimpimpi nina; nginifunda nje emehlweni enu!´ Sesibathé siyaphika, siyashweleza, do!

31-32 “Siyamtshela sithi singabantu abethembekileyo thina, amadodana andoda nye, siyizelamani, sesisonke silishumi nambili, oyedwa kodwa sewashona, uthumbu usele ekhaya.

33-34 “Usethi ke asilande uthumbu lowo simlethe kuye ukuze akholwe lokhu esikushoyo. USimyoni yena ke wathi akasale abe yisibambiso.  Okudliwayo usinikile nokho. Sathenga kwenela. Wasidedela sabuya.“

35-36 Sekuthi ke sebeyethulile imithwalo, beyiqhaqha befuna ukuyithulula, yilowo nalowo useyithola futhi lemali abekhokhé ngayo ifakwé kulelo nalelo saka. Kwabaxwayisa lokho futhi.  Noyise akwamthokozisa mpela. Wathi: „Baphela abantwabami yini!  UJosefa akasekho! USimyoni naye futhi manje senibambisé ngaye le! Manje senilandé uBhenjamini?! Ngakubona ngakubeletha mina kababa ! »

37 URubeni wazama ukumehlisa amaphaphu uyise emduduza emmisa isibindi ethi: “Yethemba mina, Baba. Uma ngingambuyisi ephila ephephile uBhenjamini, usungenza okubonayo ngalokhu okungabafanyana bami kokubili, uzibulalele nje uma uthanda!  Yethemba mina, Baba. Ngizombuyisa ephephile!”

38 Wala waphetha uJakobe.

“Angimdedeli uBhenjamini ahambe nani!”  kugcizelela yena belu.  “Umnewabo uJosefa wafa.  Ungowokugcina embadodaneni kanina, uRaheli.  Nami sengizigugele manje. Uma evelelwa yingozi endleleni, ngiyoshonaphi?  Kuyothi nòma sengifa ngenxa yalokho, nginishiye nesikhulu isinyama lesi; ngiyanitshela!“

 https://www.biblia-zuluensis.de

 

Imibono nemibuzo: 0 »