“… iziphambeko zethu!”

08.08.2015
... usithethelele iziphambeko zethu!

Emkhulekweni uJesu waseNazaletha awufundisa abalandeli bakhe, lo musho othi ” … usithethelele iziphambeko zethu!”  usemqoka ngoba wakha ubudlelwano phakathi kwabo bonke abawuthandazayo.
Emhlabeni jikeleke akekho ongathi yena akasenaso isidingo sokuzishwelezela, azicelele ukuthi athethelelwe iziphambeko zakhe.

Bonke abasondela koPhezukonke ngesifiso nesicelo sokuthi bathethelelwe lapho boné, baphambuka khona, uJesu uthi bangodadewebo nabafowabo – bangabalandeli, abafundi, bakhe -, bangabantwana bakaSmakade, uyise.

Emhlabeni jikelele abalandeli bakaJesu bakhuleka koPhezukonke njengoba uJesu abafundisa, bathi  “Baba osezulwini …”, baqhubeke bathi “… sithethelele iziphambeko zethu njengoba nathi sibathethelela abasonayo. “

Umphakathi wabalandeli bakaJesu emhlabeni ungumphakathi wobudlelwano obungabandlululi – ubudlelwano nanamuhla lokhu [onyakeni we-2015 emva kokuzalwa kukaJesu] okusalindeleke ukuthi bufezeke – obungakafezeki!

NabaseNingizimu-Afrika “entsha” [1994*] bakhuleka koPhezukonke ngokwehlukahlukana kwezilwimi abazikhulumayo [isiNdebele, isiBhunu, isiTswana, isiXhosa, isiSuthu, isiTsonga, isiVenda, isiNgisi, isiSwazi, isiZulu … ] nangokwehluka kwamasiko namakhaya abo (“SIMUNYE – We are one!”), njengabazalwane – abafundi bakaJesu –  bayazishwelezela, bayazixolisela, bazincengela intethelelo nomusa eziphambekweni zabo: “Vater unser im Himmel … “,  “Our father, who art in heaven! …” …

Siyaqhubeka ….

 

Imibono nemibuzo: 0 »