„Baba, behluké ngani ubusuku banamuhla kubo bonke obunye?“

28.01.2016
nokhokho wethu namadodana akhe bafika bathola ukudla lapho, basinda endlaleni
– zimnandi ngokuphindwa-
uEksodusi wokuqala:

Ngumkhosi wePhasika, idili kwabenkolo ngokwenqubo yamaJuda. Abomndeni babuthene, kuyadliwa. Umlando ngalobu busuku obubalulekile kufanele wezekwe futhi – umlando wokukhululwa ebugqilini, wokophulwa ekubhujisweni, okuwumlando oxoxwa kuphindelelwa izizukulwane ngezizukulwane. „Baba, behluké ngani ubusuku banamuhla kubo bonke obunye?“

„Lalela ngikuxoxele, mntanani. Thina sasiyizigqili zikaFaro eGibhithe; wasikhulula oPhezukonke!“

Thina …“ kusho uyise walo mntwana obuzayo. Ukusho kanjani lokho? Kwakungethina labo! Kwenzeka kudala, kudala, konke lokho! Akunjalo?

Yebo, kunjalo. Kwenzeka kudala, kudala, konke lokho, kodwa kuyenzeka nanamuhla lokhu. Kwenzeka kudala, kuyenzeka nanamuhla uma isizukulwane esisha sizwa ngalolu daba, siphila nalo. Kwenzeka kudala emazweni akude. Kwenzeka eMelika ngenkathi abaMnyama begqabula izibopho zobugqili, bezilahla phansi, `let my people go!´ Kwenzeka empilweni kaMosi noMiryamu. Kwenzeka empilweni kaJane of Arc nasempilweni kaMarin Luther nasempilweni kaMarin Luther King. Kwenzeka phambi kwamehlo ethu lapho owesifazane ezikhulula kuFaro omcindezelayo nalapho umlisa ehlukana nemikhuba emgqilazayo. Kwenzeka, kuyenzeka. „Thina …“

Uma sikhuluma ngoFaro, asisho kuphela loya mcindezeli wasemandulo. Uma sikhuluma ngeGibhithe, asisho kuphela leli zwe esilibona ebalazweni; sisho noma yiliphi izwe lapho abantu behlushwa becindezelwa khona. Uma sikhuluma ngelakwaIzrayeli, asisho kuphela-nje izwe nesizwe esithile; sisho lokho okuthiwa ngesiNgisi `a notion´, yingqondo ethile. Nasekuqhubekeni kwengxoxo, uma sesikhuluma ngaManzi oLwandle oluBombu, sikhuluma ngoGwadule noma ngeZwe leseThembiso, kufanele siqaphelisise ukuthi kuningi, kujulile okuqukethwe lapho kunalokhu esikushoyo nesikuzwayo.

„Baba, behluké ngani ubusuku banamuhla kubo bonke obunye?“

Lalela ngikuxoxele, mntanani. Sasiyizigqili kwelaseGibhithe. Uyakhumbula ukuthi sasikade sifiké kanjani khona lapho? UJosefa, indodana kaJakobe, wayakhé lapho – phansi komhlaba, emgedeni, ejele, kwaya kwaya wenyukela ngaphezulu, ngaphandle, emhlabeni, ekomkhulu laseGibhithe. UFaro wayesegciné ebonile ukuthi lo mlisa womHebheru amvalele ejele yingilosi, yisithunywa soPhezukonke umuzi wakhe oyobusiseka ngaso. Wamenyusa emgedeni, wamletha ekukhanyeni, eduze naye esihlalweni sobukhosi. Izwe lakhe laba yisibusiso kubo bonke ababakhé kulo kanye nakwabokufika ababekhosele khona, bexoshwé yindlala emakubo. Nokhokho wethu uJakobe wayekade efuduké namadodana akhe onke, bayokhosela kwelaseGibhithe ngoba khona kwakunokudla, indlala yayingekho khona.“

…  iyaqhubeka …

Imibono nemibuzo: 0 »