uEsta

06.11.2014
uEsta

Incwadi uEsta ibika ngesimo esibucayi abaphila kuso abakwaJuda okwathi ekubuyeni kwabo ekudingisweni kwelaseBhabhiloni bahlala ngabodwana phakathi komakhelwane bezizwe. Umoya wegqubu elotshwé ngayo le ncwadi usuka esimweni sokuhlushwa nokucindezelwa abenkolo yobuJuda kwasemandulo – nasemlandweni wabo wonkana – ababephindaphinda bezabalaza kuso. Inhloso yale ncwadi ukubafaka umdlandla abakwaJuda nokuchaza ukuthi wasunguleka kanjani umkhosi wephurimi.

Okuqukethwe

UMjudakazi uEsta uba ngumbusikazi (ezahlukweni 1 – 2)

Isu likaHamani owayebazonda abakwaJuda 3 – 5

Wadalulwa uHamani wagwetshwa intambo 6 – 7

Ukuhlengwa kwabakwaJuda. Umkhosi wephurimi  8 – 10

[Bheka lapha >> Umlando ngokuqukethwe eNcwadini “uEsta“]

Imibono nemibuzo: 0 »