uThando

– iNcwadi yokuqala uPhawuli ayilobela ibandla laseKhorinte (I Kor.) –
Noma ngingakhuluma izilimi ngezilimi
– ezabantu ngisho nezezingilosi –
kodwa uma ngingenalo uthando,
ngifana nethusi elikhencezayo;
ngizwakala njengokuyinsinjana
okuzikhenqezelelayo-nje.
Noma nginga’nesiphiwo esingandile
sokuba ngumphrofethi;
ngishumayele
ngiqonde izimfihlakalo zonkana;
noma ngingaba nolwazi lonke,
ngibe nokholo olunamandla amakhulu –
olukwazi ngisho nokugudlula izintaba,
kepha uma ngingenalo uthando,
kusho ukuthi anginto yalutho.
Noma ngingakwaba konke enginakho
ukuze kondliwe abampofu;
noma-ke ngizidel’ amathambo
ngishiswe ngamalangabi omlilo,
kodwa uma ngingenalo uthando,
ngeke kungisize ngalutho konke lokho.
Uthando luhlala lubekezela.
Lunomus’ uthando; alunamhawu.
Uthando aluzigabisi,
aluzikhukhumezi;
aluziphathi ngendlela engafanele;
alugodli, luziphandele kwesalo;
alucasuki, lufutheke ngolaka,
alubambi-magqubu uma loniwe,
aluthokozi ngokungalungile,
kepha luyakujabulela okuyiqiniso.
Lubekezelela izinto zonke,
lukholwa yizinto zonke,
lwethemba izinto zonke,
lunyamezelela izinto zonke.
Uthando alupheli nanini nanini.
Kuyophela isiphiwo sokuphrofetha,
kunqamuke nesokukhuluma ngezilimi,
kukhawuke esolwazi, siphele.
Ulwazi lwethu luyinto engaphelele,
nokuphrofetha kwethu akuphelele.
Uma-ke sekuvela okupheleleyo,
kuyokhawuka konke okungaphelele.
Ngisemncane,
ngangikhulumisa okwengane,
umqondo wami
kwakuwumqondo wengane;
ngangicabangisa okwengane.
Kwathi-ke sengikhulile,
ngayeka ukwenzisa okwengane.
Manje izinto sisazibona njengasesibukweni –
zibonakala kalufifi, ziyinkinga;
ngale-ke kodwa
siyozibona njengoba zinjalo.
Manje ulwazi lwami aluphelele;
kwelizayo ngiyokwazi konke kahle
njengalokhu nami iNkosi ingazi kahle.
Manje-ke kumiswé lokhu kokuthathu:
ukukholwa nethemba nothando;
okukhulu kukho konke luthando!
Cha, anginawo umbuzo ngisho nombono imbala. Engonakho nje ukucoma ymebenzi omuhle eniwenza ngobunono nangenkuthalo.
Sengidukelwe yileya ndaba kaJosefa esetilongweni echaza amaphupho. Ngayithanda kakhulu ngendlela anayibhala ngayo. Ngicela ningiphinde-bo. Sengizoyigcina engasalahleki.