uThando

23.10.2014
uThandouThando

iNcwadi yokuqala uPhawuli ayilobela ibandla laseKhorinte (I Kor.)

Noma ngingakhuluma izilimi ngezilimi

– ezabantu ngisho nezezingilosi –

kodwa uma ngingenalo uthando,

ngifana nethusi elikhencezayo;

ngizwakala njengokuyinsinjana

okuzikhenqezelelayo-nje.

 

Noma nginga’nesiphiwo esingandile

sokuba ngumphrofethi;

ngishumayele

ngiqonde izimfihlakalo zonkana;

noma ngingaba nolwazi lonke,

ngibe nokholo olunamandla amakhulu –

olukwazi ngisho nokugudlula izintaba,

kepha uma ngingenalo uthando,

kusho ukuthi anginto yalutho.

 

Noma ngingakwaba konke enginakho

ukuze kondliwe abampofu;

noma-ke ngizidel’ amathambo

ngishiswe ngamalangabi omlilo,

kodwa uma ngingenalo uthando,

ngeke kungisize ngalutho konke lokho.

 

Uthando luhlala lubekezela.

Lunomus’ uthando; alunamhawu.

 

Uthando aluzigabisi,

aluzikhukhumezi;

 

aluziphathi ngendlela engafanele;

alugodli, luziphandele kwesalo;

alucasuki, lufutheke ngolaka,

alubambi-magqubu uma loniwe,

 

aluthokozi ngokungalungile,

kepha luyakujabulela okuyiqiniso.

 

Lubekezelela izinto zonke,

lukholwa yizinto zonke,

lwethemba izinto zonke,

lunyamezelela izinto zonke.

 

Uthando alupheli nanini nanini.

Kuyophela isiphiwo sokuphrofetha,

kunqamuke nesokukhuluma ngezilimi,

kukhawuke esolwazi, siphele.

 

Ulwazi lwethu luyinto engaphelele,

nokuphrofetha kwethu akuphelele.

Uma-ke sekuvela okupheleleyo,

kuyokhawuka konke okungaphelele.

 

Ngisemncane,

ngangikhulumisa okwengane,

umqondo wami

kwakuwumqondo wengane;

ngangicabangisa okwengane.

Kwathi-ke sengikhulile,

ngayeka ukwenzisa okwengane.

 

Manje izinto sisazibona njengasesibukweni –

zibonakala kalufifi, ziyinkinga;

ngale-ke kodwa

siyozibona njengoba zinjalo.

Manje ulwazi lwami aluphelele;

kwelizayo ngiyokwazi konke kahle

njengalokhu nami iNkosi ingazi kahle.

 

Manje-ke kumiswé lokhu kokuthathu:

ukukholwa nethemba nothando;

okukhulu kukho konke luthando!

Imibono nemibuzo: 1 »

Imibono nemibuzouThando«

  1. Cha, anginawo umbuzo ngisho nombono imbala. Engonakho nje ukucoma ymebenzi omuhle eniwenza ngobunono nangenkuthalo.

    Sengidukelwe yileya ndaba kaJosefa esetilongweni echaza amaphupho. Ngayithanda kakhulu ngendlela anayibhala ngayo. Ngicela ningiphinde-bo. Sengizoyigcina engasalahleki.