uLevithikhusi

03.11.2014
... zihlabeke izitha zami!

Le ncwadi inegama elithi „Levithikhusi“ ngoba iphathelene ikakhulukazi nezimfanelo okufanele zigcinwe ngabaqhubi nabaholi kwezemikhuleko nezezinkonzo, okwakulubizo olwaluqondene nabaphristi kwabenzalo yakwaLevi. Ngaphezu kwemiyalelo ngenqubo ekwethulweni kweminikelo nangemininingwane yonke enkonzweni yobuphristi, kwakunemiyalelo nemithetho okwakufanele yaziwe igcinwe emphakathini, ukuze isizwe sihlale sicandulekile, singenasici, singenansolo emehlweni oPhezukonke. Indikimba yombiko wale ncwadi isemushweni othi: „Yibani msulwa njengoba nami ngimsulwa; mina – iNkosi, uMbusi wenu – ngingcwele.“ (Lev 19,2)

Kulobo „bungcwele“ okulindeleké ukuthi bugcinwe emphakathini, kunezimfanelo nenkambiso namuhla thina esesiyithatha-nje njengenqubo engatheni kwenhlanzeko (hygiene) eyayibekwe ngenhloso yokuzehlukanisa nezinye izizwe ezikhonza izithixo zazo – ezingakhonzi loMbusi ongumphembi wesizwe sakwaIzrayeli. Imfuyo nezinyamazane okwakuthiwa „azimsulwa“ zazizilwa, zigwenywa ngokunjalo.   Lezi zimfanelo nala masiko aphathelene futhi nenhlalisano nokwazisana emphakathini – lokhu okukhulunywa ngakho emushweni othi: „Mthande nalowo nalowo omunye njengawe luqobo! (Lev 19,18)

Okuqukethwe

Imithetho nezimfanelo enkonzweni yokunikela (izahluko 1 – 5)

Imithetho nezimfanelo enkonzweni yabaphristi 6 – 7

Ukumiswa kwenkonzo yemihlatshelo eSinayi 8 – 10

Imigoqo nezimfanelo ekuhlanganyeleni enkonzweni yemihlatshelo 11 – 15

Umkhosi omkhulu nemithetho yokwethula imihlatshelo 16 – 17

Imithetho nemigomo yesizwe esingcwele soPhezukonke 18 – 20

Imithetho nezibopho zabaphristi nohlelo lwemikhosi 21 – 25

Isibusiso nesiqalekiso. Isethasiselo  26 – 27

 

Imibono nemibuzo: 0 »