uHoziya

24.11.2014

UHoziya wayekhulelé enyakatho kwelakwaIzrayeli, lapho ayeshumayela khona esikhathini esiphakathi kwengamakhulu ayisikhombisa namashumi amahlanu kuya kwengamakhulu ayisikhombisa namashumi amabili nambili phambi kwale nkathi esiphila kuyo [750-722 ph.Khr.]. Wayekhononda ngokuphambuka kwababaziswa emphakathini emzini iSamariya, ikomkhulu, nasemashashalazini okwakukhulekelwa kuwo eBhethel, abase bemfulathele oPhezukonke, sebekhonza izithixo zakwelaseKhenani okwakukhulekelwa kuzo kucelwe isipho kwezesinene nenzalo.  Ekushumayeleni kwakhe ngalesisiphambeko sokuhlubuka kokhonzwayo, uHoziya usebenzisa umfanekiso wokungethembeki kuganenwe, umfanekiso wokufeba.

Isijeziso kuyoba ukuthi oPhezukonke asibukelele-nje isizwe sakhe siqhubeke nokonakala, esijezisela inqubo yaso enhlanhlathayo (Hoziya 7,3-12).  Nakulokho-ke nokho kusenethemba: Kuyothi uma isizwe sesijeziswé sagcina sesiphendukile, semukeleke futhi kwesimkhonzayo (Hoziya 2,15-25). Umphrofethi ushumayela ezikhathini zobudlwembe nenkani yokwephulwa koMthetho, uthi, uSmakade usithanda nòma kunjalo isizwe sakhe. Uthukuthela abuye neno oPhezukonke, nasekusijeziseni isizwe aziqokela sona mandulwini nakuzo zonke iziphambeko namacala esesiwenza muva-nje. (Bheka: isahluko 11).

Lesi simo phakathi koPhezukonke nesizwe sakhe umphrofethi usibeka ngokufanekisa ngokwempilo yakhe luqobo.  Njengoba nabanye abaphrofethi entshumayelweni yabo besebenzisa izimpawu nezilingiso ezithile (Bheka: uJeremia 19 | 28; uHezekhiya 45), kuHoziya isimo beganene nomkakhe siba yingxenye yentshumayelo yakhe (Bheka isahluko sokuqala nesesithathu). Izilinganiso ezinjalo ethestamenteni elidala akusizo izilinganiso-nje kuphela: ziqukethe iqiniso lezwi elishunyayelwayo, zizame ngokwesibonelo sazo ukuchaza ukwenza koPhezukonke.

Okuqukethwe

UIzrayeli umdumazile oPhezukonke  (izahluko 1-3)

Isehlulelo phezu kukaIzrayeli nabaholi bakhe  4-10

Isiphambeko sikaIzrayeli nesihe soPhezukonke 11-14

Umtapo: Biblia Hebraica Stuttgartensia 2. Auflage; Die Lexikon-Bibel. ISBN 3-438-01653-2  ikhasi 935; https://www.biblia-zuluensis.de/ezisematheni/284-uhezekhiya/

© Ben Khumalo-Seegelken, http://www.benkhumalo-seegelken.de/

 

 

Imibono nemibuzo: 0 »