uHagayi

28.11.2014
uHagayi

Amazwi kaHagayi, umphrofethi, aqoshisiswe ngokucophelela; alotshwa onke ngenkathi yombuso wesibili wenkosi yasePhereshiya, uDariyusi wokuQala, okwakungowamakhulu amahlanu namashumi amabili phambi kwale nkathi esiphila kuyo [520 ph.Khr.].  Isimo ngalezo zikhathi sisazela encwadini uEzra: Ngowamakhulu amahlanu namashumi amathathu nesishiyagalombili phambi kwale nkathi esiphila kuyo [538 ph.Khr.] inkosi yakwelasePhereshiya uKhirosi wayekade evumele abakwaJuda ababedingiselwe kwelaseBhabhiloni ukuthi babuyele eJerusalema nokuthi bafike balivuselele ithempeli elalikade libhidliziwe [uEzra 1].

Abase bebuyile ekudingisweni bawukhuthalela umsebenzi omkhulu wokuvuselela ithempeli, basheshe baxinwa yizinsizi nobunzima kezombusazwe, awabe usaqhubeka umsebenzi [uEzra 3,8; 4,24].  Yilesi sikhathi-ke lapho sekuqhamuka khona abaphrofethi oHagayi noZakhariya, begquguzela ukuqhutshwa nokufezwa kokuvuselela ithempeli [uEzra 5.1-2; uZakhariya 6,9-15; 8,9-13].

Intshumayelo kaHagayi iqondiswé kubaphathi emphakathini waseJerusalema: inxusa lenkosi yakwelasePhereshiya kwelakwaJuda, uSerubhabhela, kanye nomphathi kwezenkolo, umphristi omkhulu uJeshuwa.

Umtapo: Biblia Hebraica Stuttgartensia 2. Auflage; Die Lexikon-Bibel. ISBN 3-438-01653-2  Seite 976; https://www.biblia-zuluensis.de/ezisematheni/284-uhezekhiya/

© Ben Khumalo-Seegelken, http://www.benkhumalo-seegelken.de/

Imibono nemibuzo: 0 »