uJesu nezinyembezi, elilela umuzi waseJerusalema

31.10.2014
izitha-azikuyushiya-tshe-phezu-kwelinye

 uJesu nezinyembezi, elilela umuzi waseJerusalema

–  incwadi kaLuka, isahluko seshumi nesishiyagalolunye [Lk 19, 41-44]  –

41 Kwathi esesondele, ewubona umuzi, wawukhalela,   42 ethi: “Yek’ ukuba ukwazile namuhla ukukuqonda lokho okungakulethela ukuthula! Kukusithekezelwe nokho, awukuboni!

43 “Kuyofika izikhathi lapho izitha zakho ziyokwakhela uzungu, zikuhlanganyele, zikuvimbezele nxazonke.

44 “Ziyoqotha imbokodo nesisekelo, zibhubhise bonke abakhe kwakho. Aziyikushiya tshe liqhwakele phezu kwelinye, ngoba ungabonanga ukuthi sesifike isikhathi sokuhanjelwa kwakho nguNkulunkulu ezokusindisa.“

[iBhaybheli ngesiZulu – Biblia Zuluensis  https://www.biblia-zuluensis.de/ , 1996 ]

*

 41 Wasondela emzini waseJerusalema, kwathi angawubona wawukhalela izinyembezi. 42 Wathi: Yek’ ukuba ubukwazi namuhla lokho okungakulethela ukuthula! Kepha kusitheziwe, awukuboni!

43 Kuyofika izinsuku lapho izitha zakho ziyokwakhela izingange zikuhaqe zikuhlanganisele phakathi.

44 Ziyoqotha imbokodo nesisekelo, zibhubhise abantu abakhe kuwe. Aziyikushiya tshe liqhwakele phezu kwelinye, ngoba awubonanga ukuthi sesifike isikhathi sokuhanjelwa kwakho nguNkulunkulu ezokusindisa.“

[iThestamente eliSha namaHubo, 1986]

*

41 Kwathi esondela, ewubona umuzi, wawukhalela.

42 Wathi: Sengathi nga wazi nawe ngalolusuku okokuthula. Kepha kalokhu kufihlakele emehlweni akho.

43 Ngokuba uyakufikelwa yizinsuku, lapho izitha ziyakukukaka ngodonga lwempi, zikuhaqe, zikuvimbezele nxazonke,

44 zikuwise phansi, wena nabantwana abakuwe, zingashiyi itshe phezu kewetshe phakathi kwakho, ngokuba ungasazanga isikhathi sokuhanjelwa kwakho.

[IBHAYIBHELI ELINGCWELE  1959]

*

41 Se e sondele wa bona umuzi, wa u kalela.

42 E ti, Uma u bu kwazi nawe, na nga lolusuku, okokutula kwako! Kepa kaloku se ku fihlekile emehlweni ako!

43 U ya kufikelwa izinsuku, lapo izita zako zi ya kukubiyela ngotango, zi kuhaqe, zi ku vimbezele inxa zonke.

44 Zi ku dilize pansi, wena nabantwana bako aba kuwe: zi nga shiyi kuwe itye nalinye li pezu kwelinye, ngokuba u nga sazanga isikati sokuhanjelwa kwako.

[„IBAIBLE ELI  INGCWELE  ELI  NETESTAMENTE  ELIDALA, NELITYA    Ku Kitywa Kuzo Izilimi Zokuqala.“ 1893]:

https://www.biblia-zuluensis.de/  01.10.2012

Imibono nemibuzo: 0 »