iBhaybheli ngesiZulu

isizwe sephula isivumelwano – “ithole legolide”

uEksodusi 24 no 32 Wakubhala phansi konke uMosi iNkosi eyayimtshela khona. Ngakusasa wavuka wakha iziko lemihlatshelo yokushiswa nelokukhonzela (ialthari) esithendeni sentaba yeNkosi, wemisa amatshe ayishumi nambili ayoba yisikhumbuzo sezizwe eziyishumi nambili zakwaIzrayeli, ngasinye ngasinye. Wajuba izinsizwa ezithile ukuthi zenzele iNkosi … qhubeka

empini

uDutheronomi 20 Esikhathini sanamuhla iyaxwayisa ithuthumelise imibiko nezingxoxo ezisebhaybhelini ngezimpi okuthiwa zaziholwa zibhebhezelwa nguSomandla, oPhezukonke, kuthiwa lapho-ke kwakunguye owayejuba amabutho, ewanqobisa. Okuthuthumelisa du yimininingwane nemiyalo kakhukhulela-ngoqo okwakufanele igcinwe „ezimpini ezingcwele“ ukuze kusale kuvalwé ngehlahla kwabezizwe abanqotshwé lapho. Kusemqoka-ke nokho kithi namuhla ekufundeni … qhubeka

unyaka wesabatha

uDutheronomi 15 Izincwadi ezinhlanu zokuqala ethestamenteni elidala, oGenesisi noEksodusi noNumeri noLevithikhu noDutheronomi, ezibizwa futhi ngokuthi yizincwadi zikaMosi, ziqukethe imithetho nemiyalo eminingi. Akuyiyo yonke nokho ephathelene noMosi: Kwakuyaye kushaywe imithetho emisha, kubekwe nemibono emisha ngokuhamba kweminyaka nangokuguquka kwesimo emphakathini. Ukuze-ke nokho … qhubeka

unya nobubi wabuguqula uSmakade, waveza ubuhle nenhlanhla

uGenesisi 50 Uthé engafa uyise, baqala-ke manje abanewabo bakaJosefa ukuba mehlawana, benqena ukuthi uJosefa usezokhipha isibhongo, aziphindisele kulobu bubi ababemenzé bona. “Mhlawumbe usasibambele igqubu nanamuhla lokhu!”, besho befunisela. Sebesondela kuye-ke bemncenga, bethi: “Ubaba wasiyala ngaphambi kokuba asishiye, wathi: `Zishwelezeleni kuJosefa, … qhubeka

wagicina ezivezile uJosefa kubanewabo

uGenesisi 45 Wabathé uyazibamba uJosefa, kwala manje; wagcina ehlulekile. Usetshela bonke anabo ukuthi abaphume, ukuze asale nalezi zivakashi. Nebala baphuma bonke abaGibhithe ababelapho, wasala nabafowabo. Zathululeka izinyembezi! Wampongoloza ekhala, kwezwa wonke owayeseduze: “NginguJosefa mina! Nisangibona-nje!” … ”Unjani uBaba? Usaphila?” Bamqhunsulela … qhubeka

uFaro ubeka uJosefa esikhundleni esiphakeme

uGenesisi 41 Abeluleki bakaFaro nabo bawemukela ngentokozo umbono kaJosefa; noFaro wayelokhu emtusé engaqedi, ethi: “Yisipho soMdali lesi! Ulwazi nenhlakanipho engaka! Akekho namunye ofuzé lo!” Abuye aphendukele kuJosefa luqobo, athi: “Hhayi! Wazembulelwa nguMvelingqangi uqobo izimfihlakalo zonke lezi. Wakupha nakho konke ukukhalipha … qhubeka

uJosefa ejele

uGenesisi 40 Dukuduku sekuboshwa izethenjwa ezinkulu zikaFaro: obhaka izinkwa nophethe bonke abapheki noweta basebukhosini. UFaro wanquma ukuthi baboshelwe kuleli jele eliphansi kwenduna yemilindankosi. Bazithela kuJosefa; ophethe wabethula kuye. Sekuthi-ke ngobunye ubusuku yilowo nalowo wabo usehlelwa yiphupho. Kuyasa ngakusasa uJosefa uyabona … qhubeka

Useboshelwani-ke manje uJosefa ?

uGenesisi 39 Aze afika naye eGibhithe-ke uJosefa amaIshmayeli emva kokuba emthengé kubanewabo. Afika amdayisela isakhamuzi sakhona esasimi kahle saziswa kakhulu, uPhothifa, induna yemilindankosi kaFaro. OkaJosefa-ke umsebenzi wawusendlini; ehlala eseduze kukaPhothifa njalo-nje. INkosi yamupha isandla; kwakuphumelela kahle konke ayekwenza. Kwamgculisa lokho … qhubeka

uJakobe ushikashikana noNkulunkulu izibhodongo

uGenesisi 32 Kwamabili wavuka uJakobe, wathubelezisa umuzi wakhe wonke ngomnyama, wayowuwelisa enhlana nomhoshana iYabhoki: Bobabili abafazi bakhe nesithembu sonke namadodana onke ayishumi kanye nemfuyo – wabawezela emazibukweni angaphesheya bephephile. Wasala yedwa-ke manje. Nqwamaniyane nomlisa othile! Dididi. Kwaba ùmshikashika ubusuku bonke! … qhubeka

qhude manikiniki!

uGenesisi 32 Waluthatha-ke uJakobe uhambo olubheké ngasempumalanga, ekhaya-konina. Langa lithize waze wafikela emthonjeni okwakuyaye kuhlanganele khona abelusi bonke besifunda nemihlambi yabo yezimvu, bezoziphuzisa. Babeyaye balindane, baze baphelele bonke, bese kuba yikhona begudlula itshe okwakuyaye kuvalwe ngalo umthombo, badedelane ngokuphuzisa imihlambi … qhubeka