iBhaybheli ngesiZulu

washay’ utshani uJakobe

uGenesisi 28 Wayelokhu engakaxoli uEsawu kulobu buqili ayebenzelwé ngumfowabo uJakobe. Wamsongela wathi uselindé-nje kusithele ikhehla elinguyise, aziphindisele. Kwabe akakuzwile lokho unina, uRibheka, wabiza uJakobe, wamdonsa ngendlebe, ethi: „Wafa! Umnewenu uyakusongela, ufuna ukuziphindisela, akubulale. Lalela- ke, wenze njengoba ngikutshela: Baleka uqonde … qhubeka

uEsawu noJakobe

uGenesisi 19 nezahluko ezilandelayo Esehlanganisé engamashumi amane yobudala uYisaka, waganwa nguRibheka, indodakazi kaBhethweli, umArameya wakwelaseMesophothamya, udadewabo kaLaban. Wabheka, wabheka uRibheka; lutho abantwana! UYisaka wazikhulekela kuSmakade; iNkosi yawuzwa umthandazo wakhe. Khulelwiyane uRibheka – àmawele! Njengoba elokhu edlala, eqhubukushana esiswini sikanina, uze … qhubeka

usevivinywa futhi Abhraham

uGenesisi 22 Wayengakakhohlwa belu uSmakade ukuthi wayegciné ethembisé uSara umntwana. Kwaba njengoba ayeshilo: Wakhulelwa, wazibula ngendodana; bayetha elithi nguYisaka. Sekuthi esekhulakhulile umfanyana lowo, uSmakade usevivinya ukholo lukayise, ethi: “We Abhraham! Sukuma, uthathe le ndodana yakho oyithanda ukwedlula konke, uYisaka, uqonde … qhubeka

wasinda uLothi kubhubha iSodoma

uGenesisi 19 (Akubange kusasiza lutho ukunxusa nokuncenga kukaAbhraham; uSmakade wayesebekezele kwenela. ISodoma neGomora wayesezimisele ukukubhubhisa manje. NguLothi-nje nomndeni wakhe ayezimisele ukubaphephisa. Yingakho-ke ethumela izigijimi ezimbili kuLothi. Kwabe zizithele kwabaseSodoma …!) Kwakuqeda ukuhwalala-nje ngenkathi izigijimi ezimbili zifika eSodoma. ULothi wayesazihlalele ngasesangweni. … qhubeka

noAbhram wagcina efundile ukukholwa

uGenesisi 17 nezahluko ezilandelayo Waqhamuka uSmakade, waziveza kuAbhram, wathi: “Ungethuki, Abhram; yimi. Ngihlosé ukuba ngumvikeli wakho. Futhi nje-ke ngisophé ukukwemukelisa omkhulu umvuzo lo!” “Kahle wena bo!” kukhuza uAbhram, „Mvuzo muni lowo osungethembisa wona manje? Ingani sikhuluma-nje awukaze unginike nanzalo kuze … qhubeka

lwasuk’ uhambo

uGenesisi 12 no 13 (Nalo mlando okuxoxwa ngawolapha wenzeka kwelaseMesophothamya, kweliphakathikwemifula emibili – iThigris neEfratha. UAbhram wayakhé nomndeni wakhe wonke eHaran, enhla nemifula yomibili; uSarayi umkakhe engenamntwana): Usethi ke uNkulunkulu kuAbhram: „Shiya phansi umndeni nabozalo bonke, uphume kwelakini – kweloyihlomkhulu … qhubeka

uziqokela isizwe osekuyoba ngesakhe uSmakade

uGenesisi 12 nezahluko ezilandelayo (Nalo mlando okuxoxwa ngawolapha wenzeka kwelaseMesophothamya, kweliphakathi kwemifula emibili – iThigris neEfratha. UAbhram wayakhé nomndeni wakhe wonke eHaran, enhla nemifula yomibili; uSarayi umkakhe engenamntwana): bheka: lwasuk’ uhambo uGenesisi 12 no 13

kwabheda ulwimi eBhabhela

uGenesisi Sasikhuluma lwimi lunye sonke isintu ngalezo zikhathi (zakudala). Sekuthi-ke ekusukeni kwaso empumalanga, saqonda eShina, emanxiweni amasha; kwakhiwa, kwazinzwa. Sekuvela-ke umbono othi: “Asibumbe izitini!” Zibunjelwa-ke ukwakha. “Sondelani, sibambisane, sakhe omkhulukazi umuzi lo; siwunwebe, siwelule, siwakhele omdekazi umbhoshongo oye uyothinta esibhakabhakeni! … qhubeka

uthingo lwenkosazana

uGenesisi 8 UNkulunkulu wambusisa uNowa namadodana akhe, wathi: “Zalanani nande nezwe lonke! Izilwane zonke ngizethula kini, ziyonithobela: ezasendle, esasemanzini nezinyoni. Seningahlaba-ke manje ngokubona, nizidlele; aniseyukudla-nje kuphela izitshalo nezithelo, sengininika nezilwane-ke manje. Eniyokuzila nje-ke lapho yinyama esenegazi. Ningayilokothi ngoba lapho kunegazi … qhubeka

uzamcolo nejuba likaNowa

uGenesisi 7 Ngokuhamba kwesikhathi uNkulunkulu waphatheka kabi ebona indlela isintu esiqhuba ngayo: Akekho owayesanaké ihlalakahle nobuntu; kwase kubhoké ubuqili nobudlova. Kwakuze kube sengathi useyazisola manje ukuthi wayebadaleleni-nje nempela. Usethi-ke: “Ngizovele ngisibhubhise sonke isintu lesi – ngiqede ngedlulele nasezilwaneni zonkana. Impela … qhubeka