uMbhalo kwelakithi – izolo nanamuhla: Biblia Zuluensis 1996 …

nguBheni wakwaKhumalo eBaQulusini weViyo leziKhuthali oBanjiswaneni lokuHumusha nokuBhala kabusha iBhaybheli ngesiZulu – Biblia Zuluensis 0. Isingeniso 1. Sihlushwe yini? (1832 – …) 2. Wasuka-ke umshikashika (1996 – …) 3. Ukuziphatha nokuziphathela 4. Yilowo nalowo unendima embhekile 5. Kuyahlakuliswana kuyacathuliswana 6. … qhubeka

iBhaybheli. Liyini? Livelaphi? Lingakanani?

Le ncwadikazi esiyibiza ngokuthi yiBhaybheli kwayona iqukethe izincwadi ezingamashumi ayisithupha nesithupha (66), ezalotshwa ngokuya ngokuya esikhathini esingaphezu kwenkulungwane yeminyaka (kusukela onyakeni wamakhulu ayisishiyagalolunye ngaphambi kokuzalwa kukaJesu kuya eminyakeni eyikhulu namashumi amathathu emva kokuzalwa kwakhe, 900 BC – 130 AD). Igama … qhubeka

Kuyasetshenzwa 2010

ITHESTAMENTE ELIDALA

IBhaybheli yinqolobane yezincwadi ezimiqulu mibili: kufike kube ngezefindo lokuqala lesivumelwano sokholo (ithestamente elidala) bese kuba ngezefindo lesibili lesivumelwano sokholo (ithestamente elisha). Izincwadi zethestamente elidala (TD) zaziwa ngabantu bokholo lobuJuda nabokholo lobuKhristu njengesisekelo nensika yokholo lwabo. Ababhali balezi zincwadi kwakungabantu uNkulunkulu … qhubeka

ITHESTAMENTE ELIDALA LAVELAPHI ?

IBhaybheli yinqolobane yezincwadi ezimiqulu mibili: ngezefindo lokuqala lesivumelwano sokholo (ithestamente elidala) nezefindo lesibili lesivumelwano sokholo (ithestamente elisha). Izincwadi zethestamente elidala (TD) zaziwa ngabantu bokholo lobuJuda nabokholo lobuKhristu njengesisekelo nensika yokholo lwabo. Ababhali balezi zincwadi kwakungabantu uNkulunkulu ayeziveza ngabo esintwini nababengumlomo … qhubeka

eMpumalanga

ithestamente elidala lisalifundelwani?

Baningi namuhla abangazazi ezixoxwa ethestamenteni elidala. Kukhona nabazigwemayo, bethi azijabulisi, zigcwele uthuthuva nolaka, zifakana uvalo nenzondo. Bayazibuza ukuthi zisafundelwani nje nempela. Liqukethe izincwadi ezinolwazi nomlando nobuhle: inhlakanipho yasemandulo nasekudabukeni komhlaba, ubugqili nokugqabuko kwezibopho zengcindezelo, izigigaba ezibalisa ngothando olungenamkhawulo, intshisekelo kaJobe … qhubeka

eNkamana

BHALA NJENGOBA UKHULUMA (“Bha-nje-khu”)

Nanka amaphuzu amane asemqoka uma kuboniswana ngezindlela okungabukezwa ngazo izindela isiZulu esibhalwa ngazo: inkulumo indala kunombhalo ingxoxo nenkondlo kakufani izimpawu zephimbo ziyasiza injobo ithungelwa ebandla „Bhala njengoba ukhuluma“ (= „Bhanjekhu“) Siyayithintitha incwadi kuqathake konke okuyizinhlamvana okuhlale kuhlale kudide uma umuntu … qhubeka

BHALA NJENGOBA UKHULUMA (“Bha-nje-khu”)

1. MAQONDANA NESABIZWANA SOKUKHOMBA Isabizwana sokukhomba sizimele. Asibhalwa sibe yigama elilodwa nebizo. Isiboniso: “Ngafa yiziga zalo mHebheru”; “le mikhovu” “kule minyaka.” 2. MAQONDANA NEKHONGCO NAMAYELANA NO “KE” NO “NJE” Uma usebenzisa iselulo u “ke” no “nje” kumele kusebenze ikhongco (-). … qhubeka

UNomsa noLungi. Kuyasetshenzwa!

UMLANDO WOKWENANWA KWEZINCWADI ZETHESTAMENTE ELIDALA ZITHATHWA OLWIMINI LWAZO LWENDABUKO

Liwelela neno-nje ibhaybheli ngokufika kwabaqhamuka eYurophu kuleli ikakhulukazi kusukela onyakeni we-1652 nangokungena kwabeNtumo kwelakwaZulu ikakhulukazi ngesikhathi sombuso wenkosi uMpande (1840-1872), sekukaningi lihunyushwa, libukezwa, libhalwa kabusha, ledluliselwa phambili. Lifika-nje kithi seliwumqulu onxa-mbili: ithestamente elidala (TD) nethestamente elisha (TSh). Lifika liphethwe ikakhulukazi … qhubeka

eNkamana

njengenhlwathi nenyamazane

Le ndlela esisebenza ngayo uma sihumusha izingxoxo nemizekeliso siyisusa ezincwadini zayo zendabuko siyifaka olwimini lwakithi, siyibiza ngokuthi „yifemu“, okuyisifinyezo sebizo lesilungu elithi functional equivalent method (fem). Le ndlela sazebolekela yona kwabanye abahumushi bamabhaybheli baphesheya nakwamanye amazwe eAfrika asebesebenzé kade, bakhipha … qhubeka

UMLANDO WOKWENANWA KWETHESTAMENTE ELISHA EZILWIMINI ZALO ZENDABUKO

1. IsiGriki: Selokhu kwathi nhlo imibhalo equkethwe eThestamenteni elisha iyakopishwa ihunyushwe yedluliselwe kwabanye abangakabi nayo eyabo ukuze bakwazi ukuzifundela. Zimbalwa izincwadi zasemandulo okwandé kangaka amakhophi namawele azo njengawalena. Kuhambé kwahamba-ke kwabonakala ukuthi amakhophi ayaphambuka ezindaweni eziningi encwadini engumsuka wawo ngenxa … qhubeka