iBhaybheli ngesiZulu

Umlando ngoqukethwe eNcwadini “uEsta”

Nòma iNcwadi “uEsta” yafakwa enqolobaneni yezincwadi zomlando ethestamenteni elidala [ThD], yehlukile kuzo ngoba ixoxa ngezehlakalo ezingesiyo imibiko enobufakazi. Nokho kungenzeka ukuthi kulezi zingxoxo kunezimo okwakungenzeka ukuthi zazidamane zivela ezikhathini ezilandela inkathi kusekudingisweni kwelaseBhabhiloni, okwakungaba sonyakeni wamakhulu amahlanu namashumi amathathu nesishiyagalolunye … qhubeka

Umlando ngoqukethwe eNcwadini “uEzra” naseNcwadini “uNehemia”

Lezi zincwadi yileyo naleyo ibizwa ngothile exoxa ngaye. OEzra noNehemiya baziselwa iqhaza elibanzi okuthiwa balibamba ekuvuselelweni kwebandla lenkolo yobuJuda eJerusalema nakwelakwaJuda ngezikhathi ezisondele maphakathi nenkathi yeminyaka engamakhulu amahlanu ngaphambi kwenkathi esiphila kuyo [500 ph.Khr.], okwakuyiminyaka ecishe ehlanganise ikhulu [100] emva kokubuya ekudingisweni … qhubeka

Umlando ngokuqukethwe eziNcwadini „iKhronikhi“

Zombili iziNcwadi zeKhronikhi [zesiKhathi neNkathi] zihlobene njengoba nezikaSamweli nezamaKhosi zihlobene. Ukuthi zihlelwe zibe yizincwadi ezimbili kwenziwa ngokuhunyushelwa kwazo olwimini lwesiGrikhi. Umbuzo okusashikashikwana nawo nanamuhla lokhu ngothi iziNcwadi „uEzra” neNcwadi „uNehemiya“ ziqhuba okuqalwé eziNcwadini „iKhronikhi“ na, noma zizimele ngokwazo, okungathi-ke iNcwadi … qhubeka

Umlando ngokuqukethwe eziNcwadini „AmaKhosi“

Incwadi „amaKhosi: iNcwadi yokuQala“ [1 Khos] iqhubeza umlando ngoDavida. Ukudunjwa kukaSolomoni njengoyolandela esihlalweni sobukhosi, ukugcotshwa kwakhe, izifiso nezinqumo zokugcina zikaDavida kanye nokukhothama kwakhe iphethwa ngazo inkathi yombuso kaDavida ezahlukweni zombili zokuqala eNcwadini yamaKhosi yokuQala [1 Khos 1,1-2,11]. Kuvela obala zisuka-nje … qhubeka

iNcwadi kaMichael Mahoney: The Other Zulus

iNcwadi kaMichael Mahoney: The Other Zulus: Spread of Zulu-Ethnicity in Colonial South Africa [Durham | London: 201, amakhasi xiv + 292,  ISBN 978 0 822 35309 6] Incwadi yakhe ewumbiko ngocwaningo alwenzile ngokuthi kwaphembeka kanjani, nini, ukuzazi nokuzazisa njengesizwe kwabomdabu kwelinganeno … qhubeka

iNsumansumane ngoMaqhamsela Khanyile: uCwaningo loMlando olusaQhubekayo

KwabeNtumo kwezeNkolo bakwelaseNoki [Norway] kunengxoxo muva-nje ngothile abathi babekade bezitholele yena, bemondla, bemshumayeza, waze wagcina evumile “ukuphenduka”, “akholwe”, emukele inkolo yobuKhristu,  okuthiwa wabulawa, ebulawelwa leso sinqumo sakhe sokuthi abhajadiswe, ebulawa ngokuthiwa babejutshwé yiNkosi uCetshwayo kaMpande kaSenzangakhona [1828-1884]. Muva-nje le ngxoxo … qhubeka

Isifundazwe saKwaZulu-Natali [KZN] e-Afrika

Isifundazwe saKwaZulu-Natali (KZN) singesinye sezifundazwe eziyisishiyagalolunye (9) ezaqanjwa kulungiselelwa ukungena kombuso wentando yeningi ngo1994.  Ngesikhathi sombuso wobandlululo ngengcindezelo yeapartheid [1948-1994] ingxenye enkulu ikakhulukazi ngezansi koThukela kwakuthiwa yiNatali, amaqwaqwasi ikakhulukazi ngenhla koThukela kanye nasemaphethelweni amadolobha aseNatali kwakuthiwa kuKwaZulu,  “homeland”. Umlando: Bengakafiki … qhubeka

Umlando oqukethwe eziNcwadini “uSamweli”

Zombili iziNcwadi ezithwele isihloko esithi “uSamweli” njengalezi ezithwele isihloko esithi “amaKhosi” zingavele zethulwe kuxoxwe ngazo-nje kanyekanye. Zihlobene kakhulu impela, nòma zaqhamuka emithonjeni eyahlukene. Umlobi womlando, umDutheronomi, wayibopha yaba nyanda-nye imizekeliso nemibiko eyaseyiqoqile, wakhipha ingxoxo ebumbene ewumlando okuthi eziNcwadini ezithwele isihloko … qhubeka

Umlando oqukethwe eNcwadini „uRuthi“

Emqulwini wezincwadi zenkonzo ngokwenkolo yobuJuda ezilotshwé ngolwimi lwakubo lwesiHebheru [biblia hebraica], le ncwadi, “uRuthi”, isengxenyeni yokugcina yohlelo lweziqukethwe. Emiqulwini ethathelwa lapho – kowesiGrikhi, owaziwa ngokuthi “yiSepthwaginta”, nowesiLathini, obizwa ngokuthi “yiVulgatha”, kanye nakuyo yonke-ke eyahunyushwa ithathelwa lapho [owesiNgisi, owesiJalimane, owesiBhunu, …] … qhubeka

Umlando oqukethwe eNcwadini „abeHluleli“

Isiphetho esihlaba umxhwele seNcwadi uJoshwa ebesiyethula ebaleni elithi „Umlando ngokuqukethwe eNcwadini uJoshwa“  silandelwa umzamo ongaphumelelanga kahle hle wokwethula isihloko esisha seNcwadi „abeHluleli“ esibika ngokuqhubeka komlando wabakwaIzrayeli emva kokufika nokungenisa kwabo kwelaseKhenani. Isahluko sokuqala [abeHluleli 1] sifundeka njengombiko ophindelela emuva, ezikhathini … qhubeka