iBhaybheli ngesiZulu

uBanjiswano lokuKhuthaza ukuKhulunywa nokuBhalwa kwesiZulu eMphakathini

uBanjiswano lokuKhuthaza ukuKhulunywa nokuBhalwa kwesiZulu eMphakathini – SaKhuZulu –   Singobani?  Sihlushwé yini?  Sihloseni? Senzani?  Sisebenza kanjani?  Sisebenzelana sibambisene nobani? Sidinga lusizo luni?   >> xhumana nathi: biblia-zuluensis@t-online.de   nguDkt uBheni kaMkhulunyelwa noMaZungu wakwaKhumalo eBaQulusini ekwaMachanca eJalimane [Dr Ben Khumalo-Seegelken] … qhubeka

Umlando ngokuqukethwe eNcwadini uJoshwa

Emva kokuba esahlukweni sokugcina sikaNcwadi-Nhlanu [Dutheronoma 34] kubikwé ngokufa kukaMosi, eshonela entabeni iNebo enyakatho-mpumalanga nonqenqema lwezintaba enhla koLwandle oluFile, leNcwadi uJoshwa ixhuma khona lapho, iqhubeke nengxoxo yayo. “izwe lesethembiso“ UJoshwa usethatha-ke lapha ubuholi besizwe ukuze silithathe siholwa nguye “izwe lesethembiso“.  Esahlukweni … qhubeka

Kuyasetshenzwa 2010

Statement for Clarification

Statement for Clarification   by   “Biblia Zuluensis – iBhaybheli ngesiZulu” on reports in the media on 05 January 2015 that “the Jacob Zuma Foundation has partnered with the Roman Catholic Church to improve the existing translation of the Bible into isiZulu.” http://www.sanews.gov.za/south-africa/foundation-sponsor-improved-translation-bible-isiZulu … qhubeka

Kwakungubani lowo? – uHerodi?

Kuze kube namuhla uHerodi waziwa njengombusi owayenobudlova, owayengumcindezeli. Ikakhulukazi yile ndaba „ngokubulawa kwabantwana eBhethelehema“ edala lokho.  Ziningi iziphambeko azondelwa zona uHerodi – kufanele, kodwa eyokubulawa kwabantwana eBhethlehema akaphathelene neze nayo; ayikaze yenzeke nakwenzeka.  UHolger Sonnabend, uSolwazi eziFundweni zoMlando waseMandulo eNyuvesi … qhubeka

uMaleyakhi

Igama uMaleyakhi, okungelesiHebheru, lichaza ukuthi „isithunjwa sami“; ibizo lalo mphrofethi asilazi. Incwadi yakhe iqukethe izinkulumo eziyisithupha ezibekwe njengengxoxo yabaqwagayisanayo. Umuso obekwa ngumphrofethi uphendulwa ngabawuphikisayo, bese kulandela impendulo echazisisayo. Ukugcizelelisisa kwezokholo (uMaleykhi 1,6-14) nakwezesimilo nokuziphatha (uMaleyakhi 2,10-16) kuhambisana nenqubo endala yentshumayelo … qhubeka

uZakhariya

UZakhariya, umphrofethi, wayephila eshumayela ngasikhathi sinye noHagayi eJerusalema kwabakwaJuda ababebuyé ekudingisweni kwelaseBhabhiloni, ngokusho kwamazwi akhe aqoshwé phansi okwakusenkathini ephakathi kowamakhulu amahlanu namashumi amabili nowamakhulu amahlanu neshumi nesishiyagalombili phambi kwale nkathi esiphila kuyo [520-518 ph.Khr.] (uZakhariya 1,7;  7,1).  Ngentshumayelo yakhe nangemibono … qhubeka

uHagayi

Amazwi kaHagayi, umphrofethi, aqoshisiswe ngokucophelela; alotshwa onke ngenkathi yombuso wesibili wenkosi yasePhereshiya, uDariyusi wokuQala, okwakungowamakhulu amahlanu namashumi amabili phambi kwale nkathi esiphila kuyo [520 ph.Khr.].  Isimo ngalezo zikhathi sisazela encwadini uEzra: Ngowamakhulu amahlanu namashumi amathathu nesishiyagalombili phambi kwale nkathi esiphila … qhubeka

uZefaniya

Ukuphila nokushumayela kukaZefaniya, umphrofethi, kwakungesikhathi sokubusa kwenkosi uJoshiya kwaJuda okwakusuka kowamakhulu ayisithupha namashumi amathathu nesishiyagalolunye kuya kowamakhulu ayisithupha nesishiyagalolunye phambi kwale nkathi esiphila kuyo [639-609 ph.Khr.] (bheka: uZefaniya 1,1). Isimo nezigigaba akhononda ngazo esahlukweni sokuqala nakwesesithathu (uZefaniya 3,1-8) zisolisa sengathi … qhubeka

uHabakhukhu

UHabakhukhu kwakungumphrofethi kuye izwi loPhezukonke elingafikanga ngokuzuma njengenhlalayenza kwabanye abaphrofethi; walilindela elokhu ezobana noSmakade, embelesele ngemibuzo nangemikhuleko. Ngalokho-ke yena waziselwa inkonzo kwabanye abaphrofethi evela emkhulekweni wabo bekhulekela isizwe sakubo kuSmakade (bheka: uAmose 7,2.5; uJeremiya 7,16 nezindima ezihlobene nalezo). UHabakhukhu wayephila … qhubeka

uNahumi

Kusukela engxenyeni yesithathu yokugcina yenkathi yeminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili kuya ekugcineni kwenkathi yeminyaka engamakhulu ayisikhombisa phambi kwale nkathi esiphila kuyo [800-700 ph.Khr.] umbuso wakwelaseAsirya nekomkhulu lawo, iNinive, wawunamandla, waziswa kakhulu kulo lonke eliseMpumalanga-maphakathi.  AbakwaJuda kanye nezinye izizwana kwelasePhalestina nakwelaseSirya babehlalele ovalweni; … qhubeka